Kuvuke iminjunju emindenini yamasosha asala enkundleni eCAR
Umbiko uveze ukuthi amasosha afela empini
Emuva kweminyaka elishumi kwabulawa amasosha ali-13 akuleli ayeyingxenye yokuqapha ukuthula eCentral African Republic (CAR), kuvuke iminjunju emindenini yawo ngesikhathi ibhodi ebelicubungula ngokufa kwawo lenza izethulo.
Leli bhodi elasungulwa nguhulumeni wakuleli lithole ukuthi akekho ongathweswa icala ngokufa kwalawa masosha. Asocongwa esiFundeni iBangui lapho kwakutholene phezulu amavukelambuso eSeleka namasosha ayephuma emazweni engasohlangothini lukahulumeni. Imindeni yabasala enkundleni ithi kusenzima ukukholwa ukuthi abasekho kodwa konke iyakwamukela ngoba bafela emsebenzini ababebizelwe kuwo.
Ngokusho kukaNgqongqoshe Wezokuvikela uNkk uThandi Modise imindeni yabafi yathotshwa amanxeba ngokuthile. Amasosha akuleli ayetshalwe kuleliya lizwe ngokwesivumelwano sohulumeni bamazwe womabili.
Ingxenye yesivumelwano yayithi abakuleli babezoqeqesha amasosha aseCAR ayesempini. Akukho okungale kwalesi sivumelwano okwenziwa amasosha akuleli.
Ngokusho kukaNgqongqoshe uModise, “ OwayenguMengameli wangaleso sikhathi uMnu uJacob Zuma walandela yonke imigudu esemthethweni noMthethosisekelo wezwe ngesikhathi ephaka amasosha.” Eqhuba uthe akekho ongathwala icala ngokusala empini kwamasosha ngokulandela uMthetho iProtection of Personal Information Act of 2013 [Act No. 04 of 2013]. Olunye ulwazi ngalamasosha angeke lanikezelwa emphakathini. Ngokombiko impi yadonsa amahora ali-13 kuya kwali-18 ingekho efuna ukugoba uphondo.
Kukhona isosha eladuka isidumbu salo satholwa kamuva okusolwa ukuthi kwabe kungelakuleli. Noma kukholakala ukuthi amasosha akuleli agcina engaphansi kwengcindezi, kodwa kuvela ukuthi aqotha imbokodo nesisekelo kumavukelambuso. Ekugcineni kuthiwa yiwo aphakamisa ifulegi elimhlophe oluwuphawu lukamaluju.