Umuzwa wobuComrades usuke uheleza kubagijimi nakubabukeli
Kubantu abakhele umzila okugudla kuwo iComrade Marathon lona ngumjaho oyisibusiso ngoba ngelanga lawo iyashintsha impilo yansukuzonke abayijwayele.
Sithi siqambe sikhala isibhamu edolobheni okusuka kulo umjaho (kulokhu usukela eMgungundlovu) basuke sebethe shayi eceleni komgwaqo namatafula abadayisa kuwo izinto ezihlukahlukene kusuka ekudleni, iziphuzo, imisebenzi yezandla abanye bekhangisa ngezinkampani zabo.
NangeSonto esiya kulo, kuzoba ngesifanayo kubantu baseCamperdown, ikwaXimba, Inchanga, KwaNyuswa eBothas Hill, Embo, KwaNqetho, eTshelimnyama, eMayville.
Abakhulume nelaBohlanga Embo bathe ngokufika komjaho bayakwazi ukuxosha ikati eziko.
UNkk uMaZungu Mkhize odabuka eNchanga uthi uKhuvethe labalimaza kakhulu ngesikhathi umjaho umisiwe iminyaka emibili ngoba yilapho becoshacosha khona.
Uthi kokunye abantu bayathenga nje ngoba bebazwela okuyinto ebajabulisayo ngoba wonke umuntu usuke ethokozile kuheleza umoya wobunye. Abasubathi abali-18 000 bazoba yingxenye yomjaho waseSonto obheke eThekwini. Akubona kuphela abagijimi abasuke bembethwe umoya wobuComrade, kepha nezibukeli ziyawengeza umdlandla zifake ugqozi nomfutho kubagijimi.
Ngokuqhubeka kosuku nokuphakama kwelanga, abagijimi bayalishintsha igiya ngoba yilowo naloyo usuke ebheke ukufika eDrummond (okuyisigaba esinguhhafu walo mjaho kungakavalwa.
Ngakolunye uhlangothi nababukeli basuke belinyusa izinga ngeziphuzo nangokudla. Lokhu kuyaye kubonakale lapho abanye sebegcwala emzileni wabagijimi “nezidlo” ezandleni bebabongela. Abaqaphi bomjaho bathwala kanzima bephunga ababukeli abasuke sebeqiwe umoya wobuComrades.
IKwaZulu-Natal isuke izenze zonke izinhlelo zokwamukela izivakashi zamazwe ngaphambi kwalo mjaho. Amahhotela nezindawo zokungcebeleka sezimi ngomumo.
NgeSonto bangama-2 354 abagijimi abaphuma emazweni angama-84 abazobe begijima ezitaladini zalesi sifundazwe.
IComrades Marathon Association okuyinhlangano eyengamele lo mjaho ithi lesi isibalo esiphezulu kakhulu sabagijimi abaphuma kwamanye amazwe ukugijima lomjaho.
Abezokuphepha bazobe bephume ngobuningi ukuqapha ukuthi akukho ukuphazamiseka komjaho nemizila yawo. Eminyakeni edlule kube nezigameko eziningi emzileni waseNchanga lapho abagijimi babehlaselwa khona izelelesi.
Izimvilithi ezibhekiwe:
Kwabesilisa:
- Tete Dijana
- Edward Mothibi
- Bongumusa Mthembu
- Nkosikhona Mhlwakwana
- Dan Matshailwe
Kwabesifazane:
- Gerda Steyn
- Ann Ashworth
- Alexandra Morozova
- Dominika Stelmach
- Adele Broodryk
