Kofana nokuthi asenzanga lutho uma singanqobi namuhla-Mkhonza



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi woMsinga United uDoctor Mkhonza uthi yize benze kahle emdlaweni yamaqoqo kodwa uma bengahlulwa namuhla kuzofana nokuthi abenzanga lutho.
Amabhubesi okuyiqembu eliqhamuka kwisifunda uMzinyathi emdlalweni wokuqala wamaqoqo ahlule iDondol Stars yaseGauteng ngamagoli amabili kwelilodwa. IDondol Stars ibithathwa njengezimfivilithi njengoba yagila izimanga kwiNedbank Cup ihlula amaqembu agijima kuDStv Premiership, AmaZulu FC neSupersport United.
Kowesibili ezikaMkhonza zibhudlule iFC Buffalo yaseFree State ngamagoli ayisikhombisa kwelilodwa.
Kolandelayo uMsinga United uzotholana phezulu ne-Orbit College yaseNorth West kowandulela owamanqamu. Iqembu elizonqoba kulo mdlalo ozoqala ligamenxe elesi-3 ntambama ngesizini ezayo lizobe seliyodlala kuMotsepe Foundation Championship.
“Senze kahle emdlaweni yamaqoqo kodwa uma singahlulwa kulo owandulela owamanqamu kuzofana nokuthi asenzanga lutho. Sibadonse ngendlebe abadlali ukuthi akumele bezitshele ukuthi umsebenzi usuphelile, umsebenzi uzophela emva kwalo mdlalo esizowudlala namhlanje” kusho uMkhonza.
Lo mqeqeshi akukhona okokuqala efaka iqembu kumaPlay-Offs; ukwenzile noMvoti FC okuwomkhaya bawo Umsinga United.
“Ngowezi-2021, ngihambe noMvoti ukuya kuma-ABC Motsepe League National Play Offs ngashaywa kowandulela owamanqamu. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi akungiphindi lokhu. Nabo ngiyabacela ukuthi baqhubeke nokuzithoba” kubeka uMkhonza.
Uma kungathiwa uMsinga United ophethwe uMkhokhiseni Mpanza, kobe kufezeke iphupho labantu baKwaZulu-Natal ngoba sekunesikhathi kwagcina ukwenzeka lokho. Iqembu elagcina ukunyukela esigabeni sesibili kwaba uThongathi FC ngesizini kawezi-2016/17.
Eqhuba uMkhonza uthe: “Lo mdlalo sifuna ukuwunqobela abalandeli bethu, umphathi weqembu nawowonke umuntu waKwaZulu-Natal. Ngiyabonga kubaqeqeshi baseKZN ngokusiseka kusukela iqala imidlalo. Imiyalezo, nakhokonke. Kusele umdlalo wokugcina sinethemba lokuthi sizobajabulisa” kusho uMkhonza.
Lo mqeqeshi onama ku-ABC Motsepe League ulekelelwa uSmart Ndlovu kanye noMpumelelo Mpanza.
UMsinga uzoya kulo mdlalo ngaphandle kukaThabani Mthembu ngenxa yamakhadi aphuzu. Lo mdlali uthathe amehlo abalandeli, ngenxa yebhola lakhe elihle makuyiwa phambili. Amathemba azohlala kuThobani Mthembu emdlaweni emibili oshaye amagoli amane.
Kumdlalo wokuqala kuzotholana phezulu i-Upington City yaseNorth West neMpheni Home Defenders yaseLimpopo. Lo mdlalo uzoqala ngele-11:00 ekuseni.