Ukuzalwa kweSILO: UMagasela nezindaba ezimnandi eNdlunkulu kaZulu



USol uNxumalo ngungoti wolimi nomhlali wezincwadi ezahlukene.
Kuleli binzana ababhali balanda ngezigigaba ezandulela ukufika kweSILO uZwelithini kaBhekuzulu emhlabeni
UMagasela, owayewugalagala lomthandazi, wathi qhamu thulasha eSigodlweni sakomkhulu. Kwaba sengathi uyaphupha, waphefumula sakuphumula. Uhambo olwalusuka eGoli lwalulude lukhathaza kodwa kwacaca ukuthi sekufeziwe – useze wafika lapho isithunywa sasimkhombe khona. Leli kwase kuyithuba lokuba adlulisele umlayezo emndenini waseNdlunkulu.
Kwakubhalwe ebusweni balo mbholofithi wesifazane ukuthi usethaphuze elide ibanga, isikhumba sasesize saphaphatheka ebusweni, izicathulo sekungamahliphasi uqobo. Izevatho eziluhlaza nokumhlophe zaseZayoni zazimthuqasi wuthuli ngesikhathi ezihudula eyongena eSigodlweni seSilo uBhekuzulu. Kwakuyisikhathi santambama okuyiso okujwayeleke ukutheleka ngaso izihambi – ngaleyo ndlela wayedinga okokwehlisa uthuli nendawo yokufihla ikhanda.
Wazethula ngenhlonipho wacela ukuba angeniswe. “Nina bakomkhulu, ukuhlwa sekungificile. Isisu somhambi asingakanani singangenso yenyoni,” washo ngezwi eliphansi. Ngale kokunanaza wemukelwa wakhonjiswa indlu yokuphumula. Phela eNdlunkulu izihambi zazinganqatshelwa, imfundiso kwaZulu ithi ihlonipha lapho ingeyokwendela khona.
UMagasela wayezohlala isikhathi esithandwa nguye eSigodlweni njengoba abasekhaya abavunyelwe ngokwesiko ukubuza umuntu ukuthi uhamba nini. Ngaleyo ndlela kwakuyinto ejwayelekile ukuthi izivakashi zihlale umlibe kuze kuphele amasonto noma izinyanga imbala. Kokunye njalo izihambi lezi zaziba nolwazi olunzulu ezingalunika abasekhaya bese kuthi zona zifunde kabanzi ngendlela yokuphila yaseNdlunkulu. Kungalesi sizathu izihambi zazihlale zemukelekile futhi zingabuzwa ukuthi zibekwa yini lapha.
Akwethusanga-ke ukubonakala kwalo mthandazi waseGoli eSigodlweni ngakusasa. Wathi esehlangana neSilo uBhekuzulu wabe esethula umlayezo awuphathiswe abaphansi okwaba yindaba eyabathatha abaseNdlunkulu. Wayekhuluma ngezwi elixakile elinokujula kwendida ngesikhathiethula isipholofethosakhe. “Emzaneni eduze kwezimayini zegolide, ngiphuphe lesi Sigodlo siseduze kwezihlahla eziningi. Bengingayazi ukuthi le ndawo ikuphi, kwaba nezwi elithi: ‘Hamba uye kwaDlamahlahla! Hamba,’ lasho liphindelela.
“Ngethuka ebuthongweni, lalokhu lihleli emqondweni wami leli zwi. Kwangicacela ukuba kumele ngize lapha. Kufanele ngilalele abaphansi nxa bekhuluma. Banomlayezo,” wahabula amanzi ngaphambi kokuqhubeka.
“IPakisteshi eGoli yangidida, ubuyaluyalu bezitimela nomsindo. Abantu begijima ngokuphuthuma. Ngabuza ukuthi ikuphi le ndawo (kwaDlamahlahla). Abanye babengazi. Isinqibi sangitshela ukuthi kule kude ngaphesheya komfula ezweni lamakhosi amakhulu akwaZulu. Isitimela sasishosholoza wena wabona ingulule ngaze ngayokwehla edolobhaneni thizeni. Ngemuva kokugibela ngehla emabhasini ngibuye ngilithaphuze ngezinyawo, manje sengifike ekugcineni.”
UMagasela waqhubeka nokuxoxela nondlunkulu lolu daba eluphindelela kwaze kwahlangana inqwaba yabantu belalele le nkilayetheka ezekwa umthandazi othushuke kungazelelwe.
Ngemuva kokucosha iyambazi, uMagasela waqhubeka nephupho lakhe ethi ubone enye yeziNdlovukazi izithwele, kungekho osazi ngalesi simo eSigodlweni. “Lo Ndlunkulu uhamba esonge izandla sengathi uyagodola ngenxa yezinhlungu azizwayo esiswini,” kuchaza uMagasela evala amehlo. “Ingane esiswini sakhe izungezwe yimimoya yamakhosi amakhulu. Kumele kuqinisekiswe ukuthi iyananekekelwa ize ifike ngokuphepha emhlabeni. Yingane ehlukile le.”
Wathi eqeda ukukhuluma esekhathele, uMagasela wathula. Bazama ukumkhulumisa kwathi nya, ngemuva kwesikhathi waqaqeka waphinde waqhubeka nokuyilanda indaba elokhu egcizelele ukuthi ingane kumele inakekelwe isimo sempilo yayo kodwa akangabuveza ubulili bayo.
Ngelinye ilanga ngemuva kokukhungatheka kwakhe engasakwazi ukukhuluma, uMagasela waqaqeka futhi waze wayoyiphetha indaba: “Uma le ngane izalwa kumele yemukelwe ngendwangu emhlophe, hhayi ngezandla. Unina, iNdlovukazi uThomo, angayincelisi. Yilo umlayezo wami.” Wagqolozela ababelalela bekhungathekile.
belalela bekhungathekile. “Kuleli phupho ngitshelwe ukuthi ngilandele ifu, elinjengenkungu. Kule nkungu kuqhamuke isithombe sowesifazane osemncane.” UMagasela wanqaphaza ikhanda lakhe njengomuntu ozama ukucabangisisa, wabe esekhomba uMaMtshali owayesanda kungena endlini. “Nguye lo okumele abe ngumzanyana wengane.”
Nebala ingane eyayithwele yiNdlovukazi uNdwandwe yemukelwa ngendwangu emhlophe yabe seyisuswa kunina yanikwa omunye woNdlunkulu beSilo uSolomon ozala iSilo uBhekuzulu owayesuka eMaNtshalini.
Kwahlatshwa imbuzingokuzalwa kwengane kanti umphrofethi wayeyalele ukuthi inyama yayo kwakumele ingadliwa muntu ngaphandle kukaMaMtshali ngoba wayenomsebenzi ohlukile wokukhulisa le ngane. Kwenzeka into engakaze ibonwe eSigodlweni, elokhu eyiphumulela ngezinsuku ezahlukene, uMaMtshali wayidla waze wayiqeda imbuzi. Lokhu wakubona njengento okwakumele ayenza kunokuthokozela ukumaya yedwa incoso yenkuleko.
Yize isimo sempilo sengane sasintekentekana, yakhula yaze yaqina – engazi nomzanyana wayo ukuthi yehlukile kwezinye izingane.
Emva kokulethwa komlayezo uMagasela wanyamalala engashongo. NaseSigodlweni bathalalisa ngokuhamba kwakhe ngoba sekucaca ukuthi umsebenzi usewuphothulile. Kodwa kwaphela isikhashana enyamalele uMagasela kwathushuka esinye isihambi kungazelelwe. Lo wesifazane owayenethambo wahlala izinsukwana wabona ukunakekelwa kwale ngane yomfana. Wabe esethi ‘izwe lithini ngale ngane’? Umbuzo wakhe waba ngomunye umlayezo omqoka ophuma ezinyanyeni. Kwakwenziwa yini ukuthi kuvele omunye wesifazane futhi, engakaze abonwe naphambilini njengoMagasela?
Ingane yabe isiqanjwa kuthiwa uZwelithini. Lesi kwabe kuyiSILO samaZulu esihlanganisa iminyaka engama-72 kulo nyaka.
- Kucashunwe encwadini ethi King of Goodwill, kwengezwa ngombiko wentatheli yeBayede.