Now Reading
Yize “uMantayi” ebona lifezeka iphupho kepha usakhala
Dark Light

Yize “uMantayi” ebona lifezeka iphupho kepha usakhala

Ungomunye obalwa nabaqeqeshi bakanobhutshuzwayo abadumile esifundazweni iKwaZulu-Natal, ngeke ungamfici ezinkundleni uma kudlalwa imiqhudelwano ayi nje eThekwini kuphela kodwa kuzona zonke izifunda zesifundazwe.

Lowo nguLindani “Mantayi” Shezi (osesithombeni) ongumsunguli kanye nomqeqeshi we-Ethekwini Coastal.

UShezi ubenengxoxo ekhethekile nelaboHlanga lapho kade ephawula ngeqembu lakhe elizoqeda iminyaka eli-15 nonyaka alisungula.

“Eminyakeni eli-15 edlule ngasungula leli qembu ngenhloso yokuthi ngangifuna ukusiza intsha ukuthi iveze ikhono layo kunobhutshuzwayo, ukuqoqa intsha ihlangane. Ngokwami ngibona lelo phupho engabe nginalo, kule minyaka ikhona i-Ethekwini Coastal lifezekile. Kuliqiniso ukuthi abadlali abaningi abadlula esandleni sami bakwazi ukuphumelela”kusho uShezi.

Ubalule ukuthi abagcinanga ngokuthi bakhiqize abadlali kuphela kodwa khona lapho bakhiqiza odokotela , othisha.

Leli qembu ngowezi-2008 lizilolongela eTwin Park,  eManzimtoti. Njengoba ligijima ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal, ilona eligabe ngenqwaba yabadlali abancane ngokweminyaka.

Ku-Ethekwini Coastal ngaphansi kwayo cishe bangaphezulu kwabangama-50 abadlali abadlala nabadlale ebholeni elikhokhelwayo abadlule kuleli qembu.

Kulabadlali kukhona u-Andile Fikizolo, uSfiso  Mlungwana, uThabani Zuke noSiyabonga Mbatha abadlala kuLamontville Golden Arrows, uBazel Goldstone okuThongathi FC, uLangalihle Mhlongo noThilani Gumede abakwiRichards Bay FC, uSihle Nduli okwiStellenbosch, uSiyanda Xulu okwiTuran Tovuz, uNkanyiso Zungu obekwiRichards Bay FC, uMenzi Ndwandwe okwiCape Town All Stars, uNjabulo Manqana wodumo kwi-Arrows, uMazwi Mncube odlalele iRoyal Eagles nabanye abaningi.

Njengomqeqeshi osebenza kakhulu ngabadlali abancane, uthe kukhona okumele kwenziwe esifundazweni iKwaZulu-Natal ukuze kungeke kube khona izikhalo zokungabizwa kwabadlali emaqenjini amancane esizwe.

See Also

“Ngaphandle kokungabaza isifundazwe iKwaZulu-Natal siyisizinda sikanobhutshuzwayo, ngalokho angiboni kube ukuthi makubizwa isikwati seqembu lesizwe emazingeni aphansi bengabibikho abadlali abaqhamuka kuso lesi sifundazwe. Ngokwami kukhona okumele kwenzeke, engifaka khona nokubambisana kwabaqeqeshi. Impela ngokulandelayo kumele kungenzeki lokhu” kusho uShezi.

Njengoba iqembu lidlala ku-ABC Motsepe League, uthe ziningi izinto ezibi ezenzakalayo kodwa okwakhe ukubheka iqembu lakhe ekutheni lihlezi lenza kangcono.

Esonga ufisele iqembu uMsinga United okuyiqembu elizomela isifundazwe iKwaZulu-Natal emdlalweni yokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.

“Ngifisela uMsinga United okuhle kodwa, awumele abantu baseMsinga kuphela kodwa umele IKwaZulu-Natal yonkana. Sesiside isikhathi kwagcina ukuthi kunyuke iqembu lalapha ekhaya, isikhathi sokuthi liphele lelishobolo futhi ngenhlanhla imidlalo yokuhlunga idlalelwa lapha ekhaya” kusho uShezi.

Scroll To Top