Now Reading
Umbuzo onqala: OyiSILO ungowesitifiketi noma oweSihlalo?
Dark Light

Umbuzo onqala: OyiSILO ungowesitifiketi noma oweSihlalo?

Ukuchithwa komthetho kusho okuningi nokungenza icala leli libe ngungqimphothwe kuguqulwe nezethulo


Kukhona ukuvumelana phakathi kongoti nabahlaziyi ukuthi ubukhosi bunendima emqoka ekwakhiweni kwesizwe, umnotho, ezokuphepha nasebuholini. Kungalesi sizathu manxa kunento ethinta loluhlaka kubakhona imvunge ezweni. Kulama sonto amabili edlule uBukhosi bakwaZulu noBukhosi eNingizimu Afrika jikelele kube ngaphansi kwengcindezi emangalisayo.  Okwakamuva nokuthinte isinqumo senkantolo yoMthethosisekelo kuvuse imibuzo eyahlukene mayelana nekusasa lesimiso soBukhosi ngaphansi kwenqubo yedemokhrasi.

KweleNdlovukazi uMthaniya ukukhuluma okuthinta ISILO kanye noNdunankulu waso nowesizwe uMntwana wakwaPhindangene kudale ukukhathazeka. Okube sobala yikuthi kukhona lapho kungazwenwe khona nosekubukeka sekukapakele eMakhosini ezizwe, kuhulumeni kanye nakubantu jikelele. Yize ISILO emsakazweni sinike ithemba lokuthi konke kuhamba kahle, inkulumo yoMntwana ngoLwesihlanu emhlanganweni naMakhosi kanjalo naleyo yezikhulumi iveze isithombe esahlukile.

Akuseyona imfihlo ukuthi uMntwana kaneme ngodaba oluthinta ubuholi be-Ingonyama Trust. Ekhuluma uMntwana wakwaPhindangene emhlanganweni waMakhosi nobuhanjelwe yiNdlunkulu nezimeya uqinisekise lokho okwabe kubikwe ngelaboHlanga ekutheni lokhu kungahambi kahle kokuxhumana noMdala kanye nengozi ebhekene nomhlaba kaZulu kumenza azibone esokhalweni, engasiboni nesizathu sokuqhubeka nokuba wudondolo lweSihlalo noZulu.

Lokhu kukhala koMntwana akwehlanga kahle futhi kudale inkulumo mpikiswano ezinkundleni zokuxhumana. Bebodwa abasola uMntwana ngokubekela ISILO imibandela abanye besola ISILO ngokubeka engcupheni lokho okulifagugu likaZulu.

Ukuphawula kwabanye eNdlunkulu ngalokhu nakho kudale inkulumompikiswano nokukhathazeka. Omunye wabadala eNdlunkulu kaZulu uMntwana wakwaFihlinqini uphawule wathi kulomhlangano: “Sihamba nayo INgonyama ngokweSihlalo ngoba ngesayo (ISILO) kepha siyehluka uma kufika kwelomhlaba ngoba ngowaMakhosi nezizwe. Makhosi ningavumi ukuba umhlaba wokhokho benu uthathwe ngabaphrofethi bamanga. Laba bazoqhatha iNgonyama nesizwe. Uma sekuxatshenwe bazoqhubeka bedlulele phambili,” kusho uMntwana wakwaFihlinqindi.

Kuyiwa lapha nje sekuvele kunokwehlukana nakuwo aMakhosi njengoba ezinsukwini ezingengaki kuyiwe emhlanganweni uMntwana wakwaPhindangene uveze izinsolo ezishaqisayo nebezikhomba uSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi uShinga njengo bhongoza ekufakeni umoya aMakhosi ekutheni angayi emhlanganweni woMntwana. Lokhu ikuphikile iNkosi yakwaShinga yabuye yangalubhada emhlanganweni  obubizwe nguMntwana.

Isinqumo seNkantolo

Kuthe kusenjalo iNkantolo yoMthethosisekelo yakhipha isinqumo esibe yingqophamlando nayilapho inqume ukuthi umthetho iTraditional and Khoi-San Leadership Act awukho emthethweni (awulandelanga imigudu yomthetho wezwe nowephalamende qobo). Ngenxa yalokhu lomthetho ithe kawubuyiselwe kulo iPhalamende ukuze liqale phansi imigudu yokuwenza. IPhalamende linikwe izinyanga ezingama-24 ukuba lenze lokhu.

Isinqumo lesi kasithokozelwanga kuphela zinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni kepha nengxenye ethile yaMakhosi KwaZulu-Natal nayo ithe ibambe ngakho. Sekungumlando ukuthi aMakhosi angaphansi koMkhandlu iKing Cetshwayo aphumela obala esola uhulumeni ngokuba asebenzise lomthetho ochitshiyelwe ukubamba ukhetho lobuholi nathi kalukho emthethweni. Kuze kube yimanje laMakhosi kawathathi lutho oluvela ohlakeni lweNkosi uShinga nolakhethwa ngalomthetho

Lesi sinqumo kasishiyanga nje ukudideka ngesikhundla seNkosi uShinga njengosihlalo kepha okukhulu sishiye imibuzo ngesitifiketi esakhishwa nguMengameli wezwe amukela isinqumo sikaZulu sokuba iZinyane leNgonyama endala, ngaleso sikhathi uMntwana uMisuzulu Sinqobile kube nguye ongena esibayeni – ahlale eSihlalweni soyise. Yize kuZulu lokhu kwasho ukubekwa kweNkosi, umthetho lo osuphindiswe emuva yiwo uMengameli uRamaphosa akhipha ngawo isitifiketi samukela isinqumo sikaZulu.

See Also

Khona lapho abanye baseNdlunkulu abaphikisa isenzo sikaRamaphosa nabo bebelwa nje bezungeza kuwo lomthetho. Ukuchithwa kwawo nakanjani kuzoba nomthelela kwinkulumo mpikiswano nezethulo ezisenkantolo. Kuzovela ukuthi oyiSILO kwaZulu ungowesitifiketi esilawulwa ngumthetho wezwe noma ungoweSihlalo esilandela isimiso sikaZulu.

Kunoma yiyiphi impendulo kubukeka ISILO noMntwana kuzomele bame bobabili. Lokhu kumqoka ngoba icala elifakwe ngabeNdlovu kalikhulumi kuyaphi ngosesihlalweni kepha likhuluma ngesenzo sikaMengameli sokukhipha isitifiketi. Ngamafuphi bangasho ukuthi kabakhulumi ngaNkosi bakhuluma ‘ngombango wabantwana abathi uRamaphosa wenza okungeyikho ngokunika othile isitifiketi.

Uma inkulumo ilapho oseSihlalweni uzongabi mude ekuzikhulumeleni ngoba isinqumo sikaRamaphosa sabe sincike esethulweni somndeni owasenza kwikomiti elabe liholwa nguMnu uWililies Mchunu. Lo mndeni wabe uholwa ngokwesethulo nguMntwana njengelungu noNdunankulu. Uma kuyoba njalo kuyobuyela emndenini ukuba uphendule. Ngakolunye uhlangothi isinqumo soMdala sokuhoxisa abameli abaqala baba ngabeNdlovukazi emzalayo nabakhipha isiphakamiso sayo ekutheni ngubani iNkosi, kubukeka sizoza nokunye ukukhuluma.

Ngeke laba bameli asebesebenze cishe iminyaka emibili bawadedele amaphepha asebewahlanganisile njengoba kuke kwazwakala ukuthi bakweletwa izigidi. Khona sebezikhokhile izigidi abanye abekade sebefake izethulo kabavinjwe  muntu ukuthi bathi ngoba laba bameli abakhuluma kubo kabasekho sebehoxisa izethulo noma ubufakazi babo. Naye uMengameli lo osolwayo njengoba eke wenza kwamanye amacala kanqeni ukuthi athi yena ‘uzohlonipha isinqumo senkantolo’ ngakho ngoba ayekwenza wakwenza ngenxa yobufakazi obabuphambi kwakhe. Ume eke washo lamagama uyobe useyaziqhelelanisa futhi sekuphoqa ukuba aveze izizathu eziqukethwe ngumbiko kaMchunu.

Kukho konke lokhu okuzokwenzeka uma kwenziwa  izethulo ezintsha nayilapho idudulana enkantolo okuyocaca ekugcineni yikuthi ngubani umbeki waMakhosi lapha kwaZulu, yisibaya sona esiyisimiso sikaZulu noma yisitifiketi esiqoshwe kulandelwa umthetho wezwe. Noma ngabe isinqumo sithini uZulu noBukhosi kungephinde kwafana ngoba belu iNdlunkulu kaZulu kudala yazigwaza ngowayo  mhla ivuma ukuba okwegceke kuyonakazwa ezinkantolo. Bonke ababangayo ababukeki bezithemba izindlela ezilethwa yisimiso sikaZulu kepha bonke bathemba wona lomthetho owasobozela oyise endulo. Ukube akunjalo ngabe kabachithi  izigidi kubameli kunokuba baye emqubeni wasekhaya.

Scroll To Top