Injolozela kuMzizi noZuma ngokweseka uMatamela okhethweni




Ukhetho lwangonyaka ozayo kungahle lube ngolwehlukile emlandweni weqembu elibusayo kusuka ngowe-1994 uma kubhekwa umlando walabo elisuke lifolosa ngabo nokwesekwa ngomengameli bangaphambilini.
Ngokuvamisile ngesikhathi sokhetho, injolozela iyaye ihlale kubaholi bangaphambilini kuKhongolose ekutheni bayameseka yini osekhaleni.
Kwenzeka ngokhetho lowe-2009 owayenguMengameli uMnu uThabo Mbeki engaphumeli obala ngokuthi umiphi ngokweseka uKhongolose ngaphansi kobuholi bukaMnu uJacob Zuma owayengubuso beqembu. Nangelanga lokhetho, wala waphetha ukudalula kwabezindaba ukuthi uphawu lwakhe ulufake ngakuphi.
Yize sekwedlule iminyaka laba baholi bakhishwa ezikhundleni, kepha isekhona imifantu yokuzazelana phakathi kwabo. Ilungu likaKhongolose esiFundeni saseThekwini uMnu uSimphiwe Hlengwa owenza iziqu zePolitical Science eNyuvesi yaKwaZulu-Natal eThekwini uthi okwehlela uMsholozi ngokhetho lowe-2009 akuyilutho uma kubhekwa okuzokwehlela uKhongolose ngaphansi kobuholi bukaMnu uCyril Ramaphosa ngokhetho lwangonyaka ozayo.
“UMbeki usekucacisile ukuthi akayizwisisi ekahulumeni oholwa uRamaphosa, futhi ke okuphinde kwamnika nogqozi lokuphumela obala ngalokho isigameko esenzeka epulazini lakhe iPhala Phala.
Uma ulandela izinkulumo zakhe kuyavela ukuthi akwenzeki angayiphathi ekahulumeni nendlela aqhuba ngayo. Ngisho eyikhe phezulu, abezindaba bayambhedla ukuba asho okuthile,” kuphawula uHlengwa.
Eqhuba uthe uZuma okwakhe kusobala nje ukuthi akayingeni indaba kaRamaphosa, njengoba kuyimanje befakana ezinkantolo. Sekukaningi uZuma egxeka uRamaphosa ngokuthi wabuthenga ubuholi bukaKhongolose engqungqutheleni yaseNasrec ngowe-2017, ngokwezithunywa wayengeke alibone elidlalayo. UHlengwa uveze ukuthi uma kuya ngalokhu esikubonayo, uRamaphosa uzoba ngowokuqala ukulaxazwa ngababili ababengomengameli okhethweni. Kuleli sonto ebuya ohambeni lwaseGuinea Conakry lapho engumxazululi wamazwe khona uMbeki uphinde wabhoboka ngakubona kuqhubeka kuhulumeni. Ubuzwe ukuthi njengoba sezihubela sakusha ngokhetho uzowukhankasela yini uKhongolose.
“Umbuzo okahle lowo kodwa ngimanqika ukuwuphendula ngoba okwamanje anginaso isiqiniseko. “Ziningi izinto ezingahambi kahle, futhi okucacayo ukuthi akubhekwana nazo ngendlela. Angikwazi ukuthi ngingaya kubantu ezweni lethu ngithi abavotele laba bantu abenza izinto ezingalungile,” kuphefumula uMbeki.
Ubonakale enyusa izinhlonzi ngokuningi okuyizinkomba zokwehluleka kukahulumeni. Uphonsele abantu bakuleli inselelo yokuba bangalinge babayeke labo abaqokwe ezikhundleni okuyibo ababhekene nomthwalo wokulungisa okonakele ezweni. Kulokho ubalule ukubheduka kwekholera eTshwane athe kuwubufakazi bokuwohloka kukahulumeni ezweni. “Kuyinto engeke yethusa ukubona noma ngubani okuhulumeni ethola ingcindezi kubantu emazingeni aphansi, lapho abantu bayobe sebevukela umbuso ngenxa kahulumeni ongasabagqizi qakaka.”
Kukhona abathi uMbeki sekumele alibale okwedlule manje aseke iqembu lakhe ngokugcwele ngoba bonke abaholi bayafika bedlule. UNtshisekelo Ngwazi ubhale kuTwitter wathi: “Uma ekhuluma kanje kuyacaca ukuthi angeke nangengozi ayikhankasele i-ANC ngoba usenemibuzo eminingi engakaphendulwa ngendlela okwaphathwa ngayo udaba lwePhala Phala. Sesiyoyicela ivuthiwe.”