Now Reading
I-ANC inxuswa ukuba iziqhelanise noBukhosi naMakhosi ithathe umhlaba kusikhathaza
Dark Light

I-ANC inxuswa ukuba iziqhelanise noBukhosi naMakhosi ithathe umhlaba kusikhathaza

SELIZE lazihlonza odabeni oluthinta umhlaba kaZulu nolawulwa wuhlaka Ingonyama Trust Board (ITB) kanye naloyo owayenguMengameli wezwe uMnu uKgalema Motlanthe. Ngempelasonto eyedlule emhlanganweni obuhlelwe yiqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) eGoli, uMotlanthe ushiye angalazi ngesakhiwo soBukhosi. Kulo mhlangano wokubonisana le nhlangano ibidingida iqhingasu okumele ilisebenzise odabeni oluthinta ukubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. NgoZibandlela nyakenye amalungu ale nhlangano ayehambele ingqungquthela yayo eNasrec anquma ukuba iqembu njengoHulumeni kumele liqhamuke nomthetho ozobheka kabanzi ukubuyiselwa komhlaba kubantu ngaphandle kwesinxephezelo.

Lesi sinqumo saqhamuka cishe ngesikhathi esifanayo nesokuphuma kombiko owaziwa ngeReport of High Level Panel on Assesment of Key Legislation and Accelarartion of Fundamental Change. IThimba elabe lihlanganise lo mbiko labe liholwa nguMotlanthe kanti labe lineziphakamiso ezithile mayelana nokulawulwa komhlaba KwaZulu- Natal ngaphansi kwe-Ingonyama Trust. Kulo mhlangano kaKhongolose obungeledlule uMotlanthe ongasenasikhundla kule nhlangano ubengesinye sezikhulumi ngenxa yokuxhumana kwakhe neThimba iHigh Level Panel, nokuthe anganikwa ithuba wangapholisa maseko wasuka wahlala. Esethulweni sakhe akagcinanga nje ngokuchaza lokhu acabanga ukuthi kuyizingqinamba kepha ube esebeka nalokho yena acabanga ukuthi yisixazululo.

Enza isethulo kulo uMotlanthe uthe, uKhongolose awususe umhlaba ezandleni zaMakhosi uwuyise kubantu. “Abantu babenethemba lokuthi uKhongolose uzobakhulula ekuminyanisweni wuhlelo lwezabelo. Kusobala ukuthi manje thina Khongolose sesithi umhlaba awuyiswe eMakhosini hhayi kubantu,” kusho uMotlanthe. Eqhubeka nokugxeka uBukhosi uthe kungamaqabuqabu ukuthola labo abangaziboni kuyibo abanegunya lomhlaba. “Esakuzwa ezithangamini zemiphakathi, ngaphandle kwase-Eastern Cape kubaholi beNdabuko okuyibo bodwa abasazazi ukuthi bayizithunywa zabantu. Abanye bazibiza ngabanikazi bomhlaba,” kusho uMotlanthe Okumangazayo ngokwenza ngalokhu kuphawula wukuthi ngomhla zi-2 kuNhlolanja ngowezi-2018 lowo obambe njengoNobhala wePhalamende uNks uTyawa weluleke ngokuthi imibono ekulo mbiko akuyona imibono yabawubhalile kepha ngeyabantu.

Khona lapho wathi njengoba ithimba likaMotlante selethule umbiko seliguqile ngakho zonke izindaba ezithinta umbiko sezisezandleni zePhalamende. Incwadi esayinwe nguNks uTyawa iBAYEDE inayo. Kule ncwadi iPhalamende labe livikela uMotlanthe kulokhu elakubiza ngokuthi wukujijibezwa kwakhe yi-ITB naMakhosi akwaZulu. Icala le-ITB naMakhosi kwaba wukumema uMotlanthe emhlanganweni owawungoMasingana eThekwini nokuyilapho aMakhosi ayethi amnika ithuba lokuthi azokwenaba phela ngombiko njengoSihlalo weThimba. Isethulo sikaMotlanthe kasehlanga kahle ngisho kwamanye amalungu kaKhongolose abekhona amanye axoxe neBAYEDE nacela ukuba angadalulwa. La malungu agcizelele ukuthi uMotlanthe akakhulumeli iqembu kepha iThimba lakhe.

Abe esemsola ngokuthi usebenzisa umbiko weThimba ukuqhuba umkhankaso wabathile ngaphandle kwenhlangano. “Kwaba sobala ukuthi ayekwenza wabe eqhuba umkhankaso wokugcofa aMakhosi. Angisho ukuthi akanawo amaphutha aMakhosi kepha njengobani ongenawo? Ingani uHulumeni wethu usolwa ngenkohlakalo kepha asisho ukuthi awuhlakazwe kunalokho sithi kubantu abasibekezelele ukuze silungise izinto. Uma kukhona okanakele eBukhosini akulungiswe hhayi ukuthi athunazwe”, kusho lo mholi we- ANC waseGauteng. Omunye umholi okhulume neBAYEDE uthe luyamangaza ulaka lukaMothlante. “UComrade Motlanthe uyamangaza ngoba lolu laka olubhekiswe eMakhosini asiluboni lubhekiswe kubelungu okuyibo abaphethe umhlaba.

Silokhu sibhekiswa engxenye kuyekwa abelungu,” kusho lo mholi. UMengameli uRamaphosa uzamile ukubhula umlilo ngokucubuzela uMotlanthe amagabade. Uphawule kanje, “UQabane uMotlanthe ubengaqonde kuthuka muntu, ngingasayiphathi eyaBaholi BoMdabu. Empeleni uQabane uMotlanthe uyena ohlale egcizelela ukubaluleka kokusebenzisana nobuholi boMdabu, ikakhulukazi uBukhosi,” kusho uRamaphosa ekuphethweni komhlangano obudingida udaba lokubuyiswa komhlaba. Ekhuluma neBAYEDE uSihlalo weNdlu kwaZulu-Natal noyiNkosi yaseMadungeni uthe uMotlanthe akakhombe inkundla. “Sizokhathala ukuhambe sikhalima indoda ehlukekayo ukuzihlonipha njengomholi. Okokuqala nje samthumela isimemo wabaleka wangafi ka ukuzosho lokhu akushoyo sibhekene. Namuhla sekuzothi ngoba kasikho usesho konke akuthandayo?” kubuza uMdunge. Khona lapho uSihlalo usole owayenguMengameli uMothlante ngokuzama ukuxova uBukhosi eNingizimu Afrika.

“ Kushiya umbuzo ukuthi athi eMakhosini akhulume nawo ngawase-Eastern Cape angcono. Umbuzo uthi konje lapha KwaZulu-Natal uke wahlangana namaphi aMakhosi, athini wona? Lokhu kukhuluma kusolakala ekutheni inhloso yakho wukuxova ubudlelwane bamaKhosi kuzwelonke ukuze kube khona okuthiwa angcono. Nginobufakazi bokuthi uBukhosi e-Eastern Cape nabo bukhathazeke njengathi ngodaba lomhlaba kanye nentuthuko yezindawo zasemakhaya”, kuphawula iNkosi yaseMadungeni. INkosi uChiliza uthe izolo aMakhosi wonke aseNingizimu Afrika abehlangene esifundazweni iFree State lapho bekubhungwa khona lolu daba. “Impela singaMakhosi sizokhathala wukuziphatha kwakhe ngalolu hlobo. Sibhalele incwadi umholi wePhalamende ngalolu daba kodwa ngaphezu kwalokhu yena usezwakala ekhuluma ngalo. Uma ebiza aMakhosi ngondlovukayiphikiswa kusikhathaza kakhulu.

See Also

Silindele umhlangano wesigungu esiphezulu se-ANC kule mpelasonto ozosho ukuthi bathini ngenkulumo kazakwabo, nokuthi ukhuluma egameni labo noma kukhona abamthumile yini,” kuqhubeka kuphawula iNkosi uChiliza. Ithe njengaMakhosi bafisa ukuthi uma kukhulunywa udaba lomhlaba kugxilwe odabeni olubalulekile futhi abantu abathintekayo baziphawulele kungabi khona ababaphawulelayo. “Asikhumbule ukuthi umhlaba okukhulunywa ngawo umhlaba onomlando nowafelwa okungumhlaba wobabamkhulu. Uma sekuzoqhamuka indoda nje izokhuluma kabi esidlangalaleni siyathinteka.” INkosi iqhube yathi kuyabaxaka manje uma sebezwa sekukhulunywa ngomhlaba ongamaphesenti ali-15 okumele ubuyiselwe kubantu ekubeni bona bazi umhlaba ongamaphezenti angama-87. “Siyasihlonipha isigaba sakhe njengomuntu oke waba nguMengameli wezwe, kodwa ukuphawula kwakhe kusinikeza ungabazane ngobuqotho bakhe.

Okusikhathazakakhulu ukuthi umuntu okulesi sigaba sakhe atholakale esesebenzisa inhlamba ekuphawuleni kwakhe,” kuphetha iNkosi uChiliza. Amalungu eNhlangano Yobuholi BoMdabu (iCongress of Traditional Leaders) athathe okushiwo owayengumengameli uKgalema Motlanthe njengembude okuthi aBaholi Bomdabu abaningi bangondlovukayiphikiswa. UMnu uMotlanthe uphawule emhlanganweni we-ANC ngomhlaba obungempelasonto. Umhlangano ubudingida izindlela zokubuyiswa komhlaba futhi bese usebenzisa izinqumo zomhlangano ukuze kuthathwe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Owayengumengameli ubikele umhlangano we-ANC ukuthi abanye aBaholi Bomdabu bazithatha ngokuthi bangabanikazi bomhlaba. Ilungu laBaholi BoMdabu iNkosi uXolile Ndevu akakunambithisisanga lokhu. “UMnu uKgalema ubekhefuza imbude ngoba umhlaba eBukhosini ungowaBaholi BoMdabu nemiphakathi.” INkosi ithi okushiwo owayengumengameli kuyakhathaza nokuthi inhlangano yakhe izobikela i-ANC.

“Ngeke sihlale sithule kube kukhona umuntu osichapha ngenhlamba.” INkosi uNdevu uthi uMnu uMotlanthe kufanele avume ukuthi aBaholi BoMdabu yibona abalawula umhlaba womphakathi. Embhalweni obuphendula umbono kaMotlante ungoti wepolitiki uMnu uRalph Mathekga uthe: “ABaholi BoMdabu sebebuyelwe amandla abafanele njengabahola intuthuko nokubusa esijwini senkohlakalo eqhubekayo ezinhlelweni zohulumeni bendawo ezindaweni zasemakhaya. Uma ucabanga ukuthi ohulumeni bendawo bakhohlakele ezindaweni zasemadolobheni, cabanga- ke isimo ukuthi sinjani kwabasemakhaya lapho imiphakathi ingazilutho khona!,” kuphawula uMathekga. Khona lapho lo ngoti uvumile ukuthi yebo kukhona lapho ingcosana yaMakhosi engahambisi kahle khona kepha uthe lokho kudalwa wukwehluleka kwe-ANC. “Kukhona engikakutshela uMotlanthe. Uqinisile embonweni wakhe wokuthi aBaholi BoMdabu kwesinye isikhathi abanasiqiniseko ngendlela ababusa ngayo ezindaweni zabo. Nokho, inkinga ikhona ngenxa yokuhluleka kwezakhiwo zohulumeni bendawo abaqonelwe yi-ANC.” Kulindeleke ukuba ubuholi be-ANC ngale mpelasonto buthathe isinqumo ngalolu daba nokunye okuthinta umhlaba.

Scroll To Top