Now Reading
Kuseyindlela yemvelo ukukhula uze ukhokhobe
Dark Light

Kuseyindlela yemvelo ukukhula uze ukhokhobe

Kuningi osekuguqukile ngenxa yemvelo emhlabeni jikelele, kubhala uMuntu Xulu


Uthi-ke wayeqondeni uShaka ngokukhapha imidodovu? Uthi wayengaqonde khona nje ukuba isitha esimvimbezela umuntu asale esengumthothongo nje, nengqondo yakhe isifana neyengane, nokuba wuhlupho kwabangafuni ukutetenyelwa, uthi-ke wayengasiqedi ngokwenzenjalo?

Namhlanje sibona imvelo isizenzela lomsebenzi, ngoba akusenaxhegu lixhegulayo, akusenasalukazi sixhegulayo, ngoba impilo yokuphila uze ukhokhobe ingasemnandi, ngoba kusuke sekufiphele izinjabulo zomhlaba, futhi isingumthwalo kulowo osekhokhoba, umuzwe esezikhulekela ethi: “Kodwa awusangithathi ngani Nkosi, ngisuke kulomhlaba wezinhlupheko!” Kwabamanje abasaphila bekhokhoba, asebethola ngezimpesheni, bakhona abawuthandazayo lomthandazo wokuthi iNkosi mayibathathe, basuke emhlabeni, ngoba kwamali leyo abayamukelayo abasenzi lutho ngayo, ize idliwe nje yibo abazukulu beyilokhu bethi: “Gogo, gogo, wenzani wena ngemali usungunguboziyeweni nje?”

Yebo-ke, nalabo abazicelelayo ukuya kwelabaphansi ngoba impilo kubo isifana nokutshwelezwa njengotshwele, kumbe khona ukubhasheka njengembasha, ngoba sebengumthwalo kwabanye, besiwa lapho bengathandi khona, behlaliswa nalapho bengafuni khona, baze-ke bakufise ukuthi bayophumula umphumulela wafuthi. Kanti-ke ngokuya ngokomqulu, abanjalo ngabavuzwa ngenxa yokuhlonipha kwabo oyise nonina, izinsuku zabo-ke zande emhlabeni, okuyizwe abalinikwa nguJehova uNkulunkulu wabo, akumelwe ukuba baqedelwe noma bagudlulwe, ngoba ebudodovini babo obungumvuzo wokuhlonipha, bazidle izinyoni zabantababo noma bengasenawo amazinyo. Awukho omunye umvuzo wokuhlonipha obhalwe emqulwini ngaphandle ngokuba umdodovu!

Mhlawumbe nakhona lapha uShaka wayehlunga ukuze kusale okusha kuphela okungayikuguga, kubune, kushazwe, kuhwamuke. Ngemvelo-ke akukho okuphilayo okungabuni, kushazwe, kuhwamuke. Nabo-ke ubudodovu, kuseyindlela yemvelo eguqula insosha yomuntu ibe yimixhiliba, nesimo sakhe singabe sisathandeka njengasebusheni bakhe, lapho amandla esephelile, esenjengobheniqhothile!

Namhlanje ukuguquka kwensosha yomuntu sekubangwa yindlela aphila ngayo. Ukuganana kwezizwe ezehlukeneyo kunomphumela wokuguquka komuntu, ngoba inzalo isuke isixube igazi, kuthi onensosha emnyama uma eganene nonensosha emhlophe, kuvele ongamunwe. Kuthi ozinwele zingamaqokodo uma ethathene nonezinwele ezibulembu, kuvele onezinwele ezingumule! Nayo lena kuseyindlela yemvelo emthombo wayo kuwuthando olungaboni sici namingcele. Kwala imithetho ishayiwe, kodwa iso liwuwela ugcwele umfula, ngoba lapho uthando lukhona nendlela ikhona.    

See Also

Kuleliyana laseKalahari okuyiyona ndawo yomdabu yabaThwa, lapho besabasa khona umlilo ngokuphehla uzwathi, nalapho besaphila khona impilo yemvelo yokuphila ngokuzingela izinyamazane, uzofica ukuthi nakubo isikhona inguquko.

Esikhundleni sokuba bahambeze ngaphandle kwezikhunjana abafihla ngazo okufihlwayo nabahloniphisa ngazo okufanele kuhloniphiswe, uzofica ukuthi sebembatha izingubo. Esikhundleni sokuba basebenzise amagobolondo amaqanda entshe, sebesebenzisa izitsha zokuthengwa.

Ngenxa yokuhlangana nezinye izizwe, kugananwe, insosha yabaThwa isiyehlukile impela kweyabaThwa labayana ababephila ngokuzingela ngomcibisholo, behlala emadlangaleni, beyisizwe esingahlali ndawonye sakhe imizi. Namhlanje abaThwa asebekhona sekuyilaba ababuso obungenayo imibimbi nemixhiliba nokuba ngamaqobhe ukomelela kobuso. Sekukhona abaThwa abade, kanti kuqala umuThwa wayaziwa ngokuthi uhlala emfishane ngesidalo.

Scroll To Top