Now Reading
Iminjunju yomhlaba isuka kude, ijulile, ibanzi
Dark Light

Iminjunju yomhlaba isuka kude, ijulile, ibanzi

UMnu uZephania L. Mothopeng wayenguMengameli wePan Africanist Congress of Azania (PAC). Wayebizwa nge ‘Bhubesi Lase-Azania’. Ushone ngonyaka we-1990 ehlaselwe yisifo somdlavuza.

Wafika uMothopeng eTurfloop (University of Limpopo) wakhuluma nathi singabafundi ngonyaka ashona ngawo. Ubaba uMothopeng (njengoba wayebizwa kanjalo) wasichazela isizathu esamenza wajoyina ipolitiki.

UMothopheng wathi umsuka womzabalazo waboHlanga ugxile emhlabeni. Abantu bafuna umhlaba woyisemkhulu nokhokho babo. Leya ndoda endala yathi yazalelwa eVrede, esifundazweni iFree State ngonyaka we-1915. Babecebile abazali bakhe, futhi bengamaKhrestu. Ubaba uMothopeng wathi babenodadawe lomhlaba kubo, benomhlambi wezinkomo, befuye izimvu, amahhashi nezimbuzi khona eVred .

Kukhona umthetho owashaywa yi-Union of South Africa, owawaziwa ngokuthi yiLand Act of 1913. Lo mthetho wawunika abamhlophe ababengamaphesenti ali-13 ngokwesibalo ingxenye engamaphesenti angama-87 omhlaba. Bese kuthi aboHlanga abangamaphesenti angama-87 ngokwesibalo banikwe amaphesenti ali-13 omhlaba.

UMothopeng uthi ngenxa yalo mthetho basuswa endaweni yakubo eVrede, yaphendulwa ipulazi leBhunu. Badingiselwa eDaggakraal, esifundazweni iMpumalanga njengamanje. Izinkomo zakubo zazifa ubugingqigingqi ngoba indawo ebabedingiselwe kuyo yayi ugwadule. Izimvu nezimbuzi kwakufa usuku nosuku.

Enye imfuyo yomndeni wakwaMothopeng yasala eVrede ngoba amaloli ayelethiwe ukuthi abathuthe baye eDaggakraal ayebaliwe. Imfuyo yayingeke yangena yonke. Uthi uma beye eVrede bayobona izihlobo ezasala khona kwakubafikisela izinyembezi ukubona imfuyo yeBhunu iklabe endaweni okwakungeyakubo. Izwe elingafelwa nkonyane.

Zaziningi ngendlela exakile izinkomo nezimvu zeBhunu endaweni okwakungeyakwa Mothopeng. Ubaba uMothopeng wafunda eManzimtoti Zulu Training College, eNingizumi yeTheku, ngemali yabazali bakhe. Izinkomo zazingasekho esibayeni sakubo. Eselobola kwakufanele azilobolele yena, ngezinkomo zamandla akhe. kade yaba yiva onyaweni lwaboHlanga. Ngonyaka we-1919 uMfundisi uJohn Langalibalele Dube (uMafukuzel’ onjengezulu), uMnu. uSol Plaatjie, uMnu. uSaul Msane, uMfundisi uWalter Rubusana baya eLondon bayokhala ngeLand Act of 1913 kodwa babuya nenduku yombangandlala.

Ezindaweni lapho abantu babedingiselwa khona kwakwakhiwa amadiphu. Kulawo madiphu kwakukhona umpopoli noma umabhalane wediphu. Laba bantu kwakuvama ukuba ngabaMhlophe.

See Also

Abantu babekhala ngokuthi kufakwa imithi yokubulala izinkomo ezidiphayo. Yingakho ezindaweni eziningi kwake kwaba nomkhankaso wokugqiba amadiphuInkinga ekhona ngodaba lomhlaba ukuthi abantu abagoloza nawo bathi nabo bawuthenga angeke bahlukane nawo kalula.

INgonyama uDinuzulu kaCetshwayo (uMamonga) yanika amaBhunu izwe laseBaqulusini ngoba ayemeseka. Ayisiza futhi iNgonyama uDinuzulu amaBhunu ehlaselwa nguZibhebhu kaMaphitha namaNgisi. AmaBhunu asiza uSuthu empini yaseTshaneni ngowe-1884 ayebalelwa ekhulwini (100) kodwa ngesikhathi asesikelwa umhlaba, eklama amapulazi kwaqhamuka amaBhunu angama-800, athi nawo kade eyabambiile impi.

Amanye amaBhunu azisikela amapulazi naseMakhosini, eBabanango, lapho kulele khona aMakhosi kaZulu. AmaBhunu lawo ayelandwe oThaka (Wakkerstroom). Umhlaba omningi amaBhunu awuthola ngesikhathi seNgonyama yaKwaNodwengu, iNkosi uMpande kaSenzangakhona. ISilo saseMgungundlovu, iNkosi uDingane kaMpande sawabulala amaBhunu ngoba ayefuna umhlaba kaZulu Indaba yokwephucwa umhlaba

Scroll To Top