Luyatshikiza uhlanga kumfo kaMaimane



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umbuzo akade abaningi bewubuza naye obebuzwa ewubalekela usuphendulekile.
Lo mbuzo ubuthi ngabe uMnu uMmusi Maimane ngokushiya ubuholi beDemocratic Alliance (DA) ezinyangeni ezedlule ngabe usho ukushiya ubizo lwakhe yini kupolitiki.
Likhuluma naye elaboHlanga ngonyaka owedlule wawubalekela umbuzo kepha izolo kubukeka ephendule wonke umuntu. Lo mholi we-One South Africa Movement wethule labo abazongenela ukhetho ngokuzimela lokhu ekwenza kuMasipala iMfuleni.
Ngaphansi kwesambulela iNew Horizon Movement (NHM) uMaimane wethule uSobaba uVincent Jones njengozongenela esokuba yiMeya eMfuleni. kwathi khona lapho wethula nabanye abangama-34 abazongenela kuyo le ndawo. UMaimane uthe kangabazi ukuthi abazimele bazogila izimanga ngakho belu ngoba besekwa yimiphakathi abavela kuyo.
Okusobala kulesi senzo kusobala ukuthi uMaimane uzwa amanzi ngobhoko ukuze angene esazi ukuthi kuyoba njani. Inhloso wukungenela ukhetho ngokhetho oluzayo lukazwelonke.
Mayelana nenhlangano ayiholayo kanye nomthetho wokhetho wathi ekhuluma nelaboHlanga: “I-One South Africa Movement, isungulelwe ukulwela amalungelo abantu nokuvumela labo abafisa ukungenela ukhetho ngokuzimela ukuba babe yingxenye yayo. Sifuna ukuba abantu bakithi babe nethuba lokuzikhethela umuntu abamfunayo ukuba abahole. Sifuna abantu abakhethwayo umphakathi wazi ukuthi benzani uma sebekhethiwe. Lokhu kuzokwehluka kulokhu ngokuthi umuntu uma esekhethiwe angayi emphakathini kodwa abike eqenjini lakhe. Yilokho esifuna ukukuqeda,” kuchaza uMaimane.
Okunye aphawula ngakho uMaimane wukungahlonishwa kwamalungelo abantu kakhulukazi aboHlanga, lapha wathi: “Alukho uguquko ekuhlonishweni kwabantu basemalokishini, isibonelo nje eSoweto yize kukhona izindawo eziheha abavakashi njengoVikalazi Street
kepha iqiniso lithi abantu baseSoweto abahlinzekelwa izidingo ezifana namanzi nokuthuthwa kwendle, ugesi njengalaba basezindaweni ezifana noSandton. Uyabona nje bengihamba kwenye ingxenye yeSoweto lapho bekugeleza khona indle, leyo nto ngeke uyibone eSandton”, kusho uMaimane.
Manje akusekho ukungabaza ngezinhloso zakhe. Ukuthi uhlanga lwepolitiki lusekuye.