Sihlala sibhibha isilonda ngeTrust Feed engasanakwa
Minyaka yonke uma sekufika isikhathi sokuphela konyaka, abezindaba bazithola benomthwalo wokubheka ukuqhubeka kwempilo nentuthuko eTrust Feed. Indawo encane nje leyana engaphansi kukaMasipala uMshwathi, esifundeni uMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu-Natal.
Isizathu salokhu ukuthi leya ndawo ngenxa yomlando wayo wodlame, nokugqoza kwentuthuko, yenza ihlale ikhumbuleka.
Amaphoyisa obandlululo ashaya abhuqa, abulala abantu, ngesikhathi egasele emzini wakwaSithole kuleya ndawo kunomlindelo womnumzane wakhona owayeshonile. Kwakusentathakusa, mhla zi-3 kuZibandlela ngowe-1988 ngesikathi kwenzeka lesi sibhicongo.
Amaphoyisa eSouth African Police (SAP) okwakukhona phakathi kwawo oBlomu (Special Constables), abulala abantu abali-11 ababesemlindelweni endlini. Bagasela kusalelwe, abantu bezumekile, futhi iningi labantu ababulawa kwakungabesifazane. Kwababulawa, kwakukhona isalukazi esasineminyaka engama-66 nengane eneminyaka emi-4.
Ayiyodwa iTrust Feed eyabhekana nenhlekelele enje ngaleyo minyaka yodlame. Ezinye izindawo ezinjengoShobashobane, (eZinqoleni), i-Edendale Valley (eMsunduzi), iMahhehle (eXobho), iMpophomeni (eMngeni), KwaMakhutha (eThekwini) nezinye, nazo zingezinye ezinomlando obhalwe ngegazi kwelikaMthaniya ngenxa yezimpi zombangazwe.
Enye into eyenza izigameko zodlame eTrust Feed zadonsa amehlo omhlaba ukuthi kwaboshwa amaphoyisa, okubalwa noMphathisteshi waseMshwathi, uCaptain Brian Vitcor Mitchell. Baboshwa ngoba kwatholakala futhi bagcina bevumile ukuthi bayachaphazeleka ekubhebhethekiseni udlame nokubulala abantu.
Kwakungokokuqala ngqa ukuthi kuvele lokhu ngoba uMbuso wabandlululo wawuwaphikela amaphoyisa, uthi awahlangene nokubulalana kwabantu, nasekuphehleni udlame kwaboHlanga.
Ngenkathi iKhomishini kaMehluleli uRichard Goldstone, ijuba uCaptain uFrank Kennan Dutton noWarrant Officer uLwandile Wilson Magadla, ukuthi abaphanye ngokumbandakanyeka kwamaphoyisa ekuphehleni udlame eKZN, bakwazi ukuvundulula amanyala ayenziwa ngamaphoyisa esifundazweni.
Yingakho kwavela la maphoyisa ayisi-7 enkantolo ngenyanga kaMfumfu ngowe-1991 ngokubulala abantu emzini waKwaSithole, eTrust Feed. Ethweswa amacala ali-11 okubulala nayisi-8 ukuzama ukubulala. Amaphoyisa lawo (‘oBlomu’) agcina esegwetshwe iminyaka eli-15 ebhadla ejele kwathi uMkhuzi wawo, uCaptain Mitchell, wagwetshwa intambo ngezigameko ezili-11, eyagcina ilengisiwe yaba yiminyaka engama-30 ebhadla ejele.
UCaptain Mitchell, waboshwa wagqunywa ejele eMgungundlovu. Ngesikhathi edonsa ejele wacela ukuxhunyaniswa noMfundisi uJack Dannel, waseBaptist Church. Wazivumela yena uCaptain Mitchell ukuthi nguyena owakhipha umyalelo wokuthi kubhuqwe abantu ababesemlindelweni kaMnu uZE Sithole, eTrust Feed. Wanxusa uMfu uDannel ukuthi amkhulekise ngoba wayengaphansi kwenkulu ingcindezi emoyeni, futhi ezisola ngakwenza.
Isibhicongo saseTrust Feed saletha usizo lwesikhashana kuloya mphakathi ngoba abantu abashonelwa banikwa ukudla, izingane zathengelwa nezingubo, zasiwa ezikoleni izinhlangano ezizimele nabamasonto.
Kusukela ngonyaka wesibhicongo we-1988 kuze kube zili-10 kuZibandlela ngowe-1996, bekuthulekile eTrust Feed, kuyindawo engasanakiwe nje leyana. Ngawo uZibandlela ngowe-1996, uMehluleli u-Andrew Wilson, owagcina esekuKhomishini Yamaqiniso Nokubuyisana (Trust and Reconciliation Commisssion) lamdedela ngoshwele uCaptain Mitchell.
UMehluleli uWilson nguyena futhi owayelahle uCaptain Mitchell ngamacala wamgweba intambo, zingama-30 kuMbasa ngowe-1992, ngesibhicongo saseTrust Feed.
Emnika ushwele uMehluleli lona, wathi uyakholwa ukuthi ukukhipha kukaCaptain Mitchell umyalelo wokuthi akuqothwe abantu emzini wakwaSithole, kwakuhlangene nezombusazwe nanezimpi ezaziphakathi kwe-United Democratic Front (UDF) neNkatha endaweni.
Eminye yemigomo yeKomidi leKhomishini Yamaqiniso Nokubuyisana, elalibhekele abahlukunyezwa (TRC Victims Committee), yayithi umuntu uma esenikezwe ushwele akahambe aye kuleyo miphakathi ayibulalela abantu axolise kuyona, agonyuluke ngakho konke okubi akwenza. NoCaptain Mitchell wenze njalo.
Esephumile ejele, uCaptain Mitchell, waya eTrust Feed, ‘wayothoba abantu amanxeba’. Abantu babegcwele bephuphuma ehholo, ngelanga uCaptain Mitchell, eyoxolisa kubo. Kukhona ababekhihla eseNdlovukazi uNandi, abanye bemchapha ngezinhlamba, abanye benkemile, bezibuza ukuthi umuntu womthetho wayengayenza kanjani into enjeya.
Wahlangana nemindeni owakwaNtuli, owakwaShangase, owakwaZondi, owakwaNyoka, owakwaSithole, owakwaZitha nowakwaMbongwa ayibulalela abantu. Umhlangano wathatha amahora amane.
Omunye wabantu abaphumela obala kulowo mhlangano wathi uyamxolela uCaptain Mitchell, nguMnu. Thabani Nyoka owabulawelwa unina uNkk uSara Nyoka. UNyoka wayesebenzela iPietermaritzburg Agency for Christian Social Awareness. Bavumelana noCaptain Mitchell ukuthi bazobambisana, kuthuthukiswe iTrust Feed.
Mhla zi-3 kuMfumfu ngonyaka wezi- 2003, uMnu uJacob Zuma, eseyiPhini likaMengameli wezwe, wafika eTrust Feed, wavula isikhungo sokubuyisana. Kwasungulwa neMasibuyisane Trust Feed Reconciliation and Development Association.
Ngelanga leNkululeko (27 kuMbasa ngowezi 2012) uZuma, esenguMengameli wezwe, wawaklomelisa la maphoyisa, uCol uFrank Kennan Dutton, nozakwabo uWarrant Officer, uLwandile Wilson Magadla (ongasekho), izindondo ze- Order of Baobab in Gold. Le ndondo uMengameli wezwe uyinika amaqhawe kuphela. Baklonyeliswa ngomsebenzi wabo oncomekayo abawenza eTrust Feed.
Izinhlelo zentuthuko eTrust Feed zihanjiswa nguMasipala waseMshwathi noMkhandlu wesifunda uMgungundlovu njengamanje. Eminye iminyango kaHulumeni iyabonakala khona. Kunohlelo lokwakha izindlu ezilinganiselwa ezi-4000, eTrust Feed, oluqale ngowezi-2014. Abantu bafakelwa amanzi ezindlini zabo kufakwa netiyela yize imizi iminyene.
Abantu abaningi abasebenzi eTrust Feed. Abanye bahamba ngemuva kwesibhicongo sangowe-1988, abaphindanga babuya. UMnu uFaustus Mbongwa, nguyena obekhuthalale intuthuko kuleya ndawo kusukela aba yiKhansela ngonyaka wezi-2011. WayenguMholi weTrust Feed Crisis Committee, eyayenqaba ukuthi abantu bakhona basuswe kusukela ngowe-1986, bafakwe ngaphansi kukaHulumeni wakwaZulu. Babesebenzisana neNatal Provincial Administration (NPA) ukuthuthukisa indawo yaseTrust Feed.
Abantu ababemagange bethi bazofaka isandla ekuthuthukiseni indawo yaseTrust Feed abasafaniswa, ababonwa nangokhalo. Yikho intuthuko iza ngonyawo lomnwabu kuleya ndawo. Leya ndawo isaletha usizi. Usathi uma uyibuka maqede kuhlengazele izinyembezi.