Now Reading
Isikhungo esicija abangaboni sesikhiqize abathweswe iziqu
Dark Light

Isikhungo esicija abangaboni sesikhiqize abathweswe iziqu

Ukukhubazeka ngokungaboni kwabanye kungasho ukufinyelela esiphethweni sempilo ngoba amehlo yiwo ayinkombandlela kokuningi, kepha kuNkk uZethu Magubane kwasho isiqalo sempilo entsha.  Ngokukhubazeka kwalolu hlobo kuye kwazaleka isikhungo sokucija nokuqeqesha abangaboni esibizwa nge-Asimthande Centre eNewcastle.

Lesi sikhungo sesikhiqize abantu abaningi abafika kuso sebephelelwe yithemba ngempilo, kepha bavuka bazibamba kwafezeka amaphupho abo. Njengoba kulezi zinsuku izikhungo zemfundo ephakeme zithweswa iziqu labo abaphothule amaqhuzu abo emikhakheni ehlukene, igama lalesi sikhungo liyabalwa kwezemfundo. Umfundi ocijwe kulesi sikhungo uNks u-Abongile Mthamo ongaboni owadlula ezandleni zikaNkk uMagubane uthweswe iziqu esikhungweni iTshwane University of Technology emuva kokuphothula iDiploma kuContract Centre Management.

U-Abongile ongowokudabuka eMbizana e-Eastern Cale wethweswa iziqu nje waphuma ebangeni leshumi esikoleni ngesikhathi odokotela ababemhlola bethola ukuthi akasophinde abone. Kuyilapho aqala khona ukufunda esikhungweni i-Asimthande Centre for the Blind.

Waqhubeka nezifundo zakhe wagcina ephumelele ibanga leshumi ngonyaka we-2019. Emuva kokuphasa leli banga izindlela zakhe zikhanyile ngoba kube yilapho ebhalisa khona eTshwane University of Technology.

Izifundo zakhe usenze ngesikhathi esiyiminyaka emithathu ngaphandle kwezihibe, noma ephila nokukhubazeka. Uziphothule ngonyaka owedlule njengoba ebe phakathi kwezinkulungwane zezifundiswa ezweni ezithweswe iziqu emikhakheni ehlukene.

Ngesikhathi kumenyezwa igama lakhe kwabebethweswa iziqu kuqhume imikikizo kwacwaza ihholo lonke abantu bemhalalisela. Isikhungo i-Asimthande Centre for the Blind sizimele kanti sigxile kakhulu emfundweni yabadala abaphila nokukhubazeka kokungaboni.

See Also

Ephawula umsunguli waso uNkk uMagubane uthe basayibambe ngakho ngoba kumiphumela yonyaka we-2021/2022 ebangeni leshumi bakhiqize abafundi abaphase ngamaBachelor, okusho ukuthi bangaqhuba izifundo emanyuvesi.

Uqhube wathi u-Abongile umfundi wabo wokuqala ukuthweswa iziqu selokhu basungula isikhungo ngo we-2018. Naphezu kwempumelelo yabo uNkk uMagubane uthe zikhona izinkinga ababhekene nazo.

“Siyanxusa emphakathini nakubo bonke abangasisiza ukuba baphonse esivivaneni ngoba sizimele, asinayo imali eyanele yokubhekelela isikhungo. Asikwazi ukungawubongi uMnyango Wemfundo Ephakeme KwaZulu-Natal amakolishi eCET ngokuseseka nezinye izinkampani eziphonsa isandla,” kuphetha uNkk uMagubane.

Scroll To Top