Now Reading
Kuningi okushiwoyo ngesikhathi sombuso weLembe
Dark Light

Kuningi okushiwoyo ngesikhathi sombuso weLembe

Lokho uShaka ayekwenza kwakuyikuthathela imvelo umsebenzi yokuba izenzele ngokwayo umsebenzi wokuguqula isimo nensosha yomuntu. Lomsebenzi imvelo yawuqala ekudabukeni kwakho konke, nanamuhla isabaza, ixhoze, ilolonge okudaliweyo ngendlela yayo.

Ake sithathe abantu okuthiwa babephila kuqala, ngenkathi eyayibizwa ngokuthiwa, phecelezi iStone Age. Lapho abantu bakhona uma ubabheka emifanekisweni uzwa wesaba ngoba babengahlukene nezimfene, bebhubhuzela uboya wonke umzimba, ngisho nasebusweni imbala, bemathundukazi, beziqhomakazi, becela kuye impela ukhopho-kanethi-unetha-ngemikhemezelo! Kulenkathi, abantu bebehlala emahlathini nasemigedeni nasemihhumeni.

Ngokuhamba kweminyaka, abazalwayo babayilokhu beguqulwa yimvelo, kwaya kwaya, uboya obungamaqokodo baphela, ubuso baba bushelelezi, kodwa kwasala ubuhwanqa, nobhebhenene bezintshebe emadlabheni nasemavambeni, okuyinsali ekhombisa ukuthi, izinsingo nezintshefo zingakenziwa, isilisa kwakungomahlekehlathini, senile ebusweni.

Kwaya kwaya, kwathi lesisizwe esasiphila ngaphambi komlando owaziwayo, saqala sakha izindlu saba nemizi, salima, sadla ukudla ngezithukuthuku zaso, kwaze kwafika nempucuko, sakha amadolobha.

UShaka wayengahlungi ababi kuphela, kodwa wayelwa nanezifo ezingelapheki njengofuba, ezelapha-ke yena ngokubulala labo ababephethwe yilezozifo. Kuthiwa, kwakuthi uma ezwa umuntu esekhwehlelele futhi, athi akabulawe. Ngalendlela, wayelwa nesifo esesithaphile manje kuwowonke umhlaba, isifo sofuba abasibiza ngokuthi yi-T.B. Noma yena ayekwenza ngendlela eshaqisayo ukulwa nalesisifo, wayesekubonile ukuthi uma bengagudlulwa abantu abanaso, siyokwanda sifane nezihlahla zonwele ezimila zicinane.

Ngalendlela singathi wayehlunga, enzela phela ukuba ISizwe esisalayo kube ngesiphilile-isizwe esingaphathwa ukhohlokhohlo nofuba. Singathi wayehlose khona ukwakha isizwe esihle nesinempilo engenazifo nakugula. Kodwa-ke kuphi? Nanamuhla, okuyisona sitha somuntu esikhulu izifo, ukugula nokufa! Yakhiwe imitholampilo ngezinhlobo zayo, neyokulwa nesifo seT.B. ikhona, kodwa sona sisathe bhe! Nomdlavuza usabadlavuza nanamhlanje abantu, kwala kuphilwa impilo yenhlanzeko, umhlaba kawunoni ngezingane zabantu!

See Also

Asazi-ke noma uShaka wayezama ukuba alwe nokugula nokuxhegula nanokukhula uze ukhokhobe yini ngesenzo sakhe sokubulala imidodovu yamakhehla nemixhiliba eyizalukazi. Mhlawumbe njengomuntu owayethanda ukuhlasela futhi ethanda nezimpi, wayebona ukuthi imidodovu lena ayisenamandla okuhlabana ezimpini zikaZulu, kungalokho a bona ukuthi imidodovu ayiqedelwe njengoba kuyaye kuqedelwe inkomo ebhabhalele.

Mhlawumbe wayebona ukuthi nayo ayisakuthokozeli ukuphila, ngoba isinamadolo anenkwantshu, nokuthi okwayo yikudla nokuphuza kanye nokuchobana nezintwala, nokude idonswa ngezikhumba isiwa ezicelwini nasezigcakini. Mhlawumbe nalapha uShaka wayehlunga, ukuze umkhumiso phela ulingane izintondolo. Kudle abasaphakwa 1z1mpi, abangasaphakwa baqhutshwe basiwe kwabaphansi, noma sekusele imindondo nje kubo, kungalindwa nakulindwa ukuthi bayoze bazifele. Nezalukazi ezasezibuyele ebuntwaneni ngemiqondo nangezenzo, zaziphunyuzwa ngokusiwa kwelamathongo.

Iyaqhubeka.

Scroll To Top