Izinwele zinemidanti yakhona kuhluka ngezizwe


Nogugundwa kwezingane kuyahlukana ngezinkolelo kubhala uMuntu Xulu Izinwele lezi ezimila ekhanda zixoxa enkulu indaba lena, nawe mninizo ongayixoxela amagwababa echobana. Ngisho nazo izinwele zesidalo, umuntu azalwa nazo zineyazo indaba eziyixoxayo. Umuntu uzalwa nazo izinwele, kodwa azifani ncimishi nalezo aba nazo uma esekhulakhulile kungasafani nayizoyo, nalapho esekhulile impela. Lezi zokuzalwa ziwubulenjana kuhle kwenkoza yommbila ethambileyo. Zifanele zibe njalo, ngoba ukuthamba kwazo lokho kuyingxoxo ekhombisa ukuthi aziyikumila kade ekhanda, kufanele ziziqothukele kumbe zigundwe, njengaye umuntu uqobo othi ezalwa abekukhomba ukuthi uzokwedlula kulomhlaba. Lokho ukukhomba ngokukhala uma ebingelela lomhlaba, nalapho eqala ukuhogela umoya ozomphilisa okwesikhashana lapha engabadini, kuze kufike usuku ayoyeka ngalo ukuwuhogela eseya kwabaningi abangaphansi konyawo.
Lezozinyembezi azikhala ezalwa zifakazela izinyembezi eziyokhalwa ngabaseleyo, ngoba yena esedlulile njengosuku lwayizolo. Angithi bayasho abakwaziyo ukusebenza kwemvelo bathi, uma usana lungakhalanga luzalwa, aluphili.
Nazo-ke izinwele zokuzalwa ziyawohloka kwabanye, kwabanye ziyagundwa ukuze kumile ezintsha eziyokhula nomuntu. Phela, nabo utshani buyashiswa, kuvele ihlungu elimnyama, lize lihlume libe wuhlaza lodwa olubukekayo.
Lapha-ke ekugundeni izinwele izizwe ngezizwe zinemikhuba kumbe amasiko azo eziwenzayo uma zigcina imidanti emaqondana nokugunda izinwele zosana. Ezinye izizwe zabomdabu zabaNsundu ziyahlaba uma kugundwa izinwele zosana, njengabeSuthu njeyaya nabeTswana esengike ngababona bekwenza lokho. Lokhu kwenziwa ngemuva kwezinsuku eziyishumi umntwana ezelwe. Ugundwa maqede izinwele zakhe ziyolahlwa ebusuku kungaboni muntu, kuthi-ke ngakusasa kudliwe inyama yemvu ehlatshiwe nephalishi eliqinile. Lokhu kudla kudliwa ngumndeni nalabo omame abebekha amanzi ekuseni, futhi belethela umdlezane ukudla neyambazi. Lokhu kudla-ke kumbe lomgijana lapho kudliwa khona inyama yemvu ehlatshelwe ukugunda izinwele zosana, kuthiwa “ipitiki”. Kuzokuthi-ke uma sekuphele inyanga ezelwe umntwana, futhi esegundiwe isihluthu azalwe naso, kuhlatshwe futhi, kuthiwe umntwana usekhishwa endlini.
Abanye-ke bahlaba imbuzi uma begcina imidanti yamasiko abo, njengaye nje uZulu osebenzisa imbuzi kakhulu ekugcineni imidanti yamasiko akhe. Kuya ngezibongo nangamasiko azo ukuthi uma kugundwa umntwana kumaZulu kwenziwa kanjani. Kwabanye uma umntwana ezelwe akagundwa, ugundwa uma esehamba. Ugundwa maqede kuthathwe izinwele zihlanganiswe nempepho zishiswe, kuthathwe lowo mlotha uyolahlwa empophomeni lapho amanzi egijima khona, abese ebhinciswa ubuhlalu okuthiwa yifulo.
Abanye-ke bamgunda maqede bese beshiya izinwele ofokothini kumbe okhakhayini, abanye njalo bayazeluka kumbe beluke unwele khona okhakhayini, bese lufakwa insimbi, ubuhlalu phela, obumhlophe, kuthiwe umntwana uyaqiniswa ngalokho. Uma umntwana ekhishwa endlini, ubekwa emnyango, ahlatshelwe imbuzi, afakwe isiphandla, kuthathwe izinti zomshayelo, zephulwe maqede zifakwe ezinweleni ekhanda, bese abantwana abadadlana bephuma naye. Isikhumba-ke sembuzi ahlatshelwe yona sesizoshukwa-ke kwenziwe imbeleko yakhe. Kuzothi-ke nalapho abanye abantwana abadadlana befuna ukuhamba naye lapho bezongena khona imizi ngemizi, kuthathwe izibi zendlela, ashunqiselwe ngazo maqede bahambe-ke. Iyaqhubeka