Now Reading
Abameli banqumele iBAYEDE ugwayi katiki
Dark Light

Abameli banqumele iBAYEDE ugwayi katiki

Iziwombe ezenzeke ekuqaleni kwesonto esikulo zikhombe ukuthi umbango okade ubikwa esizweni saseNtembeni esingaphansi koMtwana Thandazani Zulu usufike kuvuthondaba. Lokhu kulandela izincwadi zabameli ezithunyelwe kubashicileli bephephandaba loHlanga

 

Ngesonto eledlule inkampani ehlonishwayo yabameli nengenye yezibizayo kuleli i-Webber Wentzel ithumele incwadi egameli lika Mnu Mbhekiseni Mavuso lapho abameli bebekhala ngodaba olwashicilelwa yi-BAYEDE ngomhla zili 17 kuMbasa 2015.  Kulolu shicilelo leli phephandaba lacaphuna  amalunga eNdlu yase Ntembeni esola uMnu Mavuso ngokusebenzisana nabelungu  abathize odabeni oluthinta umhlaba. Le ncwadi iphethe ngokunqumela i-BAYEDE ugwayi katiki yathi kumele ixolise ngoMsombuluko wamhla zi 4 kuNhlaba 2015.

Okunye okuvelile encwadini yabameli wukuthi akusilona lodwa udaba luka Mnu Mavuso olukhulunywayo kepha kubelethiswe nodaba lomndeni wakwaMnyandu nokwathi emuva kwezinxushunxushu ezenzeka kuleya dawo kwagcina sekushiswe imizi yawo kanye nalowo kaMfundisi Charles  Nxumalo wakhona endaweni.

Oshicilelweni lwangomhla 28 kuNcwaba kuya ku 5 Mandulo 2014 leli phephandaba labika ngomdonsiswano okhona esizweni sase Ntembeni nothinta labo abamele ama Trust kanye nama  Community Property Association (CPA). Kulolu daba kwakuyinkombankombane lapho abathile bomphakathi babesola umndeni wakwaMnyandu ngokuvimba intuthuko kanti naye nawo umndeni wawunuka inkosi yendawo ngokokhela ngomlilo imizi yaKwaMnyandu yezindlu zomxhaso. IBAYEDE yaphinde yabika nangokushiswa kwemizi yakwaMnyandu kanye nokuboshwa kwababesolwa ngokuthi bayathinteka.

Ebuzwa ngalesi sigameko sokubhujiswa kwemizi yakwabo ngomlilo  uMnyandu wathi  “Empeleni laba bantu abangahlali nasendaweni ye CPA balwela indaba yamathuna abo asendaweni ye –CPA . Manje bahlohla umphakathi ukuba usihlasele ngokufafaza amanga ukuthi thina sivimba intuthuko endaweni,” kubeka uMnu Mnyandu nowakuqinisekisa ukuthi bona le ndawo engaphansi kwe CPA bayidayiselwa yibhunu thizeni njengoba kwakungeyemishini nje.

Okube sekuxaka encwadini ethunyelwe iBAYEDE wukulunjaniswa kwemibiko yephephandaba, ukushiswa kwemizi yakwaMnyandu kanye nalokho abakubize njengokusatshiswa kuka Mavuso.

Embikweni we BAYEDE wangomhla ziyi 16-23 kuMbasa 2015, uMntwana uSipho Zulu kahlonizi lapho ethi uMavuso uhamba endaweni nabelungu abathize. “Kumanje uMnu Mavuso uyehla uyenyuka namaBhunu bebamba imihlangano nomphakathi ezindaweni ezahlukene eNtembeni. Ukhohlisa umphakathi ngokuthi mawuphikisane nesiphakamiso seNgonyama sokufuna umhlaba ngoba abantu bazohlupheka futhi bazolahlekelwa yimisebenzi uma amaBhunu ephucwa umhlaba wawo,” kusho uZulu nowavunyelwa ngumnewabo uMntwana u Mawolitshi Zulu owathi, “lo muntu wakwaMavuso uyinkinga enkulu emphakathini waseNtembeni. Uhamba engena imizi encenga abantu ukuba bangawaphuci amaBhunu umhlaba ngoba (amaBhunu) awusizo kubo ngokubanikeza umsebenzi”.

Leli phephandaba lakhuluma no Nkk Celiwe Ndwandwe wasendaweni yasesi Bhonsweni eNkwalini nowakuqinisekisa ukuthi uMnu Mavuso wafika endaweni ngoMasingana ephelekezelwa ngabelungu ababili bezobaxwayisa ngemayini nokuthi baphikisane nesicelo seSILO. “Bafika (uMavuso nabelungu) basitshela ukuthi umhlaba usudayiselwe  abemayini ngakho sizosuswa endaweni siyohlala eShowe” kusho uNkk Ndwandwe.

See Also

IBAYEDE imnikile naye uMavuso ithuba lokuziphendulela nalamukele ngezimhlophe. Enkulumeni abe nayo naleli phephandaba uMavuso waphawula wathi, “Bayazibhedela (laba abathi usebenzisana namaBhunu) abasho njalo”.  Waphinda wachaza ukuthi umhlangano yena ayewuhambela wawukhuluma ngokudliwa kwezinkomo ngumnini wepulazi.

Okumangazayo ngencwadi ebhalwe ngabameli wukuthi akuveli ukuthi kungani kumele iphephandaba lixolise esikhundleni sokufuna isixoliso kulabo abamsolayo endaweni. Leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi lize laya koshicilela zingekho izincwadi ezithunyelwe uMtwana uMawolitshi Zulu, Sipho Zulu noma uNkk Ndwadwe nabanye abamsola obala uMnu Mavuso.

Eveza ‘umnyombo’ womdonsiswano phakathi kukaMavuso Kanye nomphakathi uNksz Sibongile Nene nongunobhala we Ntembeni Steering Committee eyabunjwa ngonyaka ka 2012, uthe uMavuso ukhaliswa wukulahlekelwa yivenge eliyimali ayeyithola kwabemayini abangasekho emuva kokushintsha kwezandla. “Ngesikhathi inkampani ekhona uJindal iphoqeleka ukuthi isebenzisane nomphakathi ngqo, kwabe sekunqamuka umbele kaMavuso yikho esevuka umbejazana.”

IBAYEDE inawo wonke amadokodo angubufakazi bombango kanye nensonyama ebitholwa ngabathile. Lolu daba lwase Ntembeni lulandela uchungechunge lwemibiko yeBAYEDE  mayelana nezinsolo zokukhwatshaniswa kwezimali  zezinxephezelo zomphakathi ezindaweni ezahlukene kwaZulu-Natal. Kulezi zindawo kubalwa izindawo ezifana ne Western Shores e St Lucia, Nkunzana oPhongolo, Farm Doctor eDudee naso Vongo oGwini oluseNingizimu yesiFundazwe.  Leli phephandaba linethala lezincwadi ezithunyelwa yimiphakathi ekhala ngokuthi yaqolwa imihlaba nezinxephezelo zayo.

Scroll To Top