Now Reading
Amakhosi abheke ukuvula isizini ngesibabuli sesitobha saseTanzania
Dark Light

Amakhosi abheke ukuvula isizini ngesibabuli sesitobha saseTanzania

Hleze kucace maduze uma kuvunyelwana emaqenjini womabili


IKaizer Chiefs isembangweni wesibabuli somdlali waseTanzania, uMohamed Hussein ogijima kuSimba Football Club.

Inkontileka kaHussein neSimba iyaphela ngenyanga ezayo. ElaboHlanga selihoshe izindaba zokuthi Amakhosi abalwa namaqembu afuna ukusayinisa uHussein.

“IChiefs kudala ifuna ukusayinisa uHussein kodwa ingazi ukuthi izofinyelela kanjani kwabeSimba. Ngesonto eledlule iChiefs ixhumane nabaphathi bakhe. Omunye wesikhulu seChiefs ulibeke ngembaba elokuthi kudala bemfuna lo mfana. Ucele imenenja yakhe ukuthi ithumele izimfuno zakhe. Nangempela kuphele eledlule imenenja isizithumele izimfuno. Osekusele wukuthi iChiefs ibuyele kuDreams Sports Agency nesicelo bese izingxoxo ziyaqhubeka,” kuchaza umthombo othembekile.

UHussein ungukaputeni kuSimba naseqenjini lesizwe laseTanzania. Useqokwe kabili njengomdlali wasemuva ovelele. Lo mdlali oyibamba ngakwesokunxele emuva uke waqokwa futhi njengomdlali ovelele (The Most Value Player) amahlandla amabili.

“NgoMsombuluko abaphathi bakaHussein babambe umhlangano nezikhulu zeSimba. Leli qembu lifuna ukuyelula inkontileka kaHussen ngeminyaka emibili. Selithumele izicelo ezimbili kubaphathi bakhe kodwa akakayiluli inkontileka. IDreams Sports Agency iyazisile iSimba ngoMsombuluko ukuthi zikhona izingxoxo ezikhona phakathi kwayo neChiefs mayelana noHussein,” kuqhuba umthombo.

IChiefs ifuna umdlali ozobanga noSifiso Hlanti ngakwesokunxele emuva. Inkontileka kaHlanti neChiefs iyaphela uma kuphela isizini. Amakhosi anombandela wokuyelula ngeminyaka emibili. Okwamanje ibingakawusebenzi lowo mbandela kodwa kulindeleke ukuthi iwusebenzise maduze.

“I-Al Hilal ne-Al Merrik okungamaqembu aseSudan kanjalo ne-Al Ittihad Alexandria Club yaseGibhithe ngamanye amaqembu agaqele uHussein. IChiefs kuzomele ikhuphule amasokisi ngoba ne-Orlando Pirates isibhekile isimo sikaHussein. Uma ibamba iyeka ingase isalele ngemuva kulo mbango. IPirates nayo ifuna umdlali odlala ngakwesokunxele emuva. Okwamanje ibheke uLebogang Mabotja noRiaan Hanamub. Inkinga ngoHanamub wukuthi ubenkontileka naMaZulu kanti afuna itshe lemali ngalo mdlali,” kuchaza lo mthombo.

UMabotja inkontileka yakhe neMarumo Gallants iyaphela uma kuphela isizini kanti uHanamub usasalelwe yisizini.

See Also

“Umqeqeshi wePirates kubhekwe ukuthi enze isinqumo ngoMabotja noHanamub ngesonto elizayo uma iqembu seliqede imidlalo yeligi,” kubeka umthombo.

Kuthintwa uMinenhle Mkhize weDreams Sports Agency ophethe izindaba zikaHussein noMabotja uthe: “UMohamed Hussein ubalwa nabadlali abagijima ngakwesokunxele emuva abaseqophelweni eliphezulu e-Afrika jikelele. Yebo, kunenqwaba yamaqembu amakhulu e-Afrika aseke asithinta ngodaba lwakhe. Okwamanje ugxile ekutheni aqedele imidlalo emibili esele kuligi eTanzania. Njengamanje sixoxisana neqembu lakhe elingathanda ukumgcina. ISimba ibalwa namaqembu amakhulu e-Afrika. Yingakho siyihlonipha futhi siyinika ithuba lokuqala lokuxoxisana nomdlali. Ngemuva kwalokho sizohlala phansi siqhathanise izicelo bese siphuma nesinqumo. Emasontweni amabili azayo kuzobe sekucacile ngoMohamed.”

UHussein usenqobe izicoco ezinhlanu zeligi njengokaputeni weSimba Football Club. Njengamanje uhlezi endaweni yesibili kubadlali abalandelwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.

UMkhize ebuzwa ngoMabotja ubeke kanje: “Inkontileka yakhe iyaphela ekupheleni kwesizini. Kunamaqembu aseke asithinta ngaye. Naye usefuna amadlelo aluhlaza. Iqembu lakhe silibhalele ngoNdasa silazisa ukuthi inkontileka ngeke siyelule. NjengoHussein naye sibheke ukuthi siqede ngekusasa lakhe emasontweni amabili azayo. Usebenze kakhulu kula masizini amabili adlule. UMabotja ufake iqembu lakhe kowandulela amanqamu eCaf Confederation Cup. Akugcinanga lapho unqobe iNedbank Cup kumasizini amabili adlule. Ngesizini edlule ufinyelele kweyamaqoqo eConfederation Cup wafika nakowamanqamu weNedbank Cup beshaywa yiSundowns. Inselelo entsha imfanele,” kuphetha uMkhize.

Scroll To Top