Sekumincise amazwe amaningi ukungabibikho kozinzo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISudan, iyizwe lesithathu ngobukhulu e-Afrika ngobuningi bendawo, inemingcele namazwe ayisikhombisa endaweni engazinzile. Lokhu kusho ukuthi ukungqubuzana okukhona njengamanje eSudan kuzoba nemiphumela emibi kwezomnotho, kwezenhlalo kanye nezepolitiki emazweni amaningi, okuhlanganisa iCentral African Republic, Egypt, Libya, Chad, South Sudan, Ethiopia kanye ne-Eritrea.
Ukungqubuzana kungase kuthinte amazwe asondelene kakhulu, okuhlanganisa i-US, iRussia, i-United Arab Emirates (UAE) kanye ne-Saudi Arabia, anobudlelwano obuseduze kwezomnotho neSudan.
Kungase kuthuntubeze isifunda saseSahel kanye ne-“Horn of Africa” futhi kubeke engozini izinyathelo zase-USA kulezi zifunda. Kungase futhi kubambezele ukuqinisekiswa, isivumelwano sokuthi iRussia yakhe isizinda samasosha asolwandle ePort Sudan.
Ekugcineni, ukungqubuzana kungase kuphazamise ukuhwebelana phakathi kweSudan kanye nezifunda zaseGulf – i-UAE neSaudi Arabia.
Ukuthengiswa okuphezulu eSudan yigolide, elazuza isamba esiyizigidigidi ezi-US$2.85 ngowezi-2021, amantongomane (izigidi ezingama-US$488), uwoyela ongahluziwe (izigidi ezingama-US$385), nezimvu nezimbuzi (eziyizigidi ezingama-US$239 ), konke kudayiselwa ikakhulukazi I-UAE, China, Saudi Arabia, India kanye ne-Italy.
ISudan (kanye neSouth Sudan) zithumele ngaphandle imiphongolo engu-132,000 ngosuku kawoyela ongahluziwe ngowezi-2021 kanti i-UAE ibala ama-45% alokhu kuthunyelwa kwamanye amazwe.
ISudan futhi iyindawo ehamba phambili emhlabeni yokuthumela igum arabic, isithako esibalulekile ezimbonini eziningi zokudla. Ukuvunwa kwalo mkhiqizo kuphazanyiswe ukungqubuzana.