Masingabulalani siqedane sodwa ngenxa yoguquko olungemukeleki kalula



UMusa KMB Mpanza ungumfundi weziqu zobuDokotela kumkhakha wezokuXhumana e-University of…
Kujwayelekile ukuthi uma umuntu esakhula hhayi nje ngokomzimba neminyaka kuphela kodwa nangokolwazi ukuthi atshelwe ngokuthi uguquko into enhle. Akwandile ukuthi sizwe kuthiwa uguquko lubuhlungu futhi alulula. Kuyenzeka ukuthi uguquko lufike wonke umuntu eselubheke ngabomvu mhlampe ngenxa yezimo abasuke bephila ngaphansi kwazo. Mhlampe ngesizathu sokuthi abantu abayi nganxanye bengemanzi kuyenzeke futhi luthi uguquko selufikile bese abantu bethi kwakungcono emuva nakuba bazi sonke ukuthi isiZulu sithi akubuyelwa emuva kungemgqigqo. Ngakolunye uhlangothi kumele samukele ukuthi iningi labaholi uma uguquko selutholakele nabo uqobo bayaguquka.
Emandulo amazwe amaningi ayebuswa ngendlela yenkolo. Uma ubheka izwe lakwa-Israel ngezikhathi zoNoah, u-Abraham, uJacob, u-Eli kuze kuyogcina ngoSamuel lalibuswa ngabaPhristi. Nokuthena ebudaleni kukaSamuel abantu bakhona bacela uguquko besho khona ukuthi sebefisa ukubuswa ngendlela yobukhosi nokwaholela ekutheni uSamuel agcobe uSawule ukuthi abe iNkosi. Emuva kwalokho uSawule wazenzela umathanda futhi enesihluku nokwaholela etheni asuswe njengenkosi. Ngesikhathi afa ngaso wasesenze konke okusemandleni akhe ukuthi abulale uDavide. Ekugcineni indodana kaJesse encane uDavide wabekwa njengeNkosi emva kokufa kukaSawule. Uma ubhekisisa abantu yibo kanye abafuna inkosi kuJehovah uma isikhona abasayifuni futhi bayayesaba kodwa ifunwe ibona. Abantu babezitshela ukuthi uguquko luza nezinto ezimnandi zodwa kanti ababuzanga elangeni. Into emqoka ukuthi izwe lakwa-Israel lasuka kanjalo ke ekubusweni ngokwenkolo laya eMakhosini nakuba ke namuhla selibuswa ngokwepolitiki. Angeke sikuphike ukuthi akhona amazwe anjengo Iran asabuswa ngokwenkolo yamaSulumane futhi amanye amazwe abuswa ngakho kokubili uBukhosi nenkolo njengezwe iSaudi Arabia.
Ngakolunye uhlangothi akhona futhi amazwe asabuswa ngokoBukhosi njengayo iSwatini.
Embusweni waKwaZulu: ngokwemvelo futhi nangokujwayelekile uma umuntu wesifazane ezithwele sonke sisuke silindele ukuthi uzothola umntwana oyedwa. Ngezikhathi zokubusa kweNkosi uJama kwenzeka ukuthi iNkosi ibusiswe ngamawele. Ngokosiko kwakufanele iwele elilodwa lendiswe noma libulawe. INkosi uJama yabe isithatha isinqumo sokuthi makungabibikho iwele elizokwendiswa nokwaziwayo ke ukuthi elinye lalawo mawele kwabe kunguNkosazana uMkabayi kaJama lona owagcina esetholele uyise indluyokugugela enguNdlovukazi uMthaniya ozala iNkosi uSenzangakhona kaJama. Ngalawomazwi uguquko olwethulwa iNkosi uJama lokungendisi iwele elilodwa ilona kanye olwadala ukuthi namuhla izwe laKwaZulu kuthiwe ngeleNdlovukazi uMthaniya. Isenzo sikaMkabayi saletha ukuhlonipheka eNkosini, eNdlovukazini kanye nakuyo iNkosazana uqobo njengoba yagcina isithenjwe ngokuthi ibambe uBukhosi. Kuze kube namuhla igama likaMkabayi alipheli njengoba sibonile ukuthi nabavubeli bemidlalo yethelevishini enjenge-Isibaya bebethanda ukunandisa ngalo leli gama.
Kulo nyaka wezi-2021 kunowesifazane uNks uGosiame Thamara Sithole okubikwa ukuthi ubelethe amawele alishumi (10). Ngaphandle kukaNks wakwaSithole kunowesimame odabuka ezweni laseMali uNks uHalima Cisse oneminyaka engama-25 yena obelethe amawele ayisishiyagalolunye cishe ezinyangeni ezimbili ezedlule. Awucabange nje ukuthi ngabe bangaki abantwana engabe sebebulewe ngoba kuthiwa kulandelwa isiko eselibonakele ukuthi linempoxo. Masiyibonge iNkosi uJama nengumkhulu weSilo iLembe ngokuqeda amasiko amelana nemvelo neziphiwo zikaMvelinqangi.
Into eqaphelekayo ukuthi thina boHlanga uma imvelo noma izikhathi ziguquka bese ziletha uguquko esingalwazi siba magange ekutheni akubulawe imiphumela yoguquko. Kaningi uma sithi singaboHlanga ungafunga ukuthi sisho umuntu onsundu ngokwebala kanti akunjalo nenzalo yethu enebala elimhlophe (albinism) ingaboHlanga. Uzokhumbula ukuthi cishe sonke sakhula sazi ukuthi aboHlanga kodwa abamhlophe ngokwebala sakhula sinemfundisoze ethi uma sebezodlula emhlabeni bayanyamalala kanti ezikhathini eziningi bayabulawa futhi kwamanye amazwe kuthwalwe nangabo. Imfundisoze iyingozi ngoba yenza ukuthi onamehlo angaboni nonezindlebe angezwa kepha avumele ukuthi ingqondo yakhe ibuswe ngamampunge. Kwaguquka izikhathi singazelele sabona ngemvelo isisilethela aboHlanga kodwa abangabukeki njengathi ngokwesikhumba kepha kunokuthi sibamukele ngoba bezalwa ithina, bekhuluma olwethunga, begcina amasiko ethu kodwa savumela ukusibekelwa inkungu.
Izinto ziyajika: abantu ibona abenzi bezinto.
Uma abantu nabaholi benganakile kuyenzeka futhi izinto zizenzakalele emuva kwalokho bese sibabaza sithi izinto zimanukwenzeka. Abantu balwa abanye balahlekelwa ngisho zimpilo zabo ngoba kufunwa inkululeko eNingizimu Afrika. Mhla kungcotshwa uMengameli wokuqala wentando yeningi uMnu uMandela sonke sasigiya sibona ukunqoba komuntu woHlanga. Kuthe ngesikhathi uMnu uMandela esaphethe kwaqala kwashawa umthetho ogunyaza ukuhushulwa kwezisu. Mahlayeni mahlayeni kwancipha abathuba emisebenzi, ubugebengu badlondlobala, kwaqedwa isigwebo sentambo maqede kwandiswa amathuba okuthola ibheyili ezigebengwini.
Ngezikhathi zikaMnu uThabo Mbeki umnotho wathi ukusimama kodwa kwafadalala amandla kagesi kwaphinde kwathiwa abantu bobulili obufanayo sebengaganana. Ingwadla ekhona manje ukuthi abantu abathandanayo futhi benobulili obufanayo bayabulawa kodwa akekho kuHulumeni omuzwa ethi vu. Amacala aloluhlobo aphelela eboyeni okwesithukuthuku sencanga. Ngaphansi kukaHulumeni wentando yeningi sibone kwanda ngisho omalugaju koHarding nakoXobho ababulala abantu besifazane bebaphosa ezimobeni. Ngiyakholwa ukuthi ngaleziwombe nje nezinye sekukhona abantu abathi kwakugcono izwe lisaphethwe ngendlela yakudala. Pho ke sothini ngoba sonke siyazi ukuthi izikhathi azihlehli.
Sonke masibambe iqhaza ekuvikeleni izalukazi esezilala obenyoni ngoba sekuke kwaba neziwombe lapho zingenelwa khona zigilamkhuba okwaziwayo ukuthi zingabadlwenguli. Masicele nabesifazane abasakhula ukuthi uma kwenzekile wakhulelwa kodwa wazi ukuthi umntwana awumdingi, sicela ungamlahli emahlathini noma ezindlini zangasese okugcono ukuthi umhambise ekhaya lezintandane ukuze mhla unembeza wakho uhluma wazi ukuthi ungamthola kuphi. Kuyisihluku ukulahla usana bese ludliwa ngamatsheketshe lusenenkaba, nezintuthwane zisine zizibethele emakhaleni zimaya amakhovula, angisayiphathi ke eyokuthi usana lukhale zome lubheke phezulu lubone bukhoma ngisho amanqe eluzulela. Wonke umuntu kufanele ayazi le ngoma yeqembu loMbhaqanga elaziwa ngokuthi AmaSwazi Emvelo ethi “Inkosi ingisize mina, ngize ngihambe kulo mhlaba ngingambulalanga omuny’ umuntu”.
Into esobala njengamanje ukuthi uma izikhathi ziguquka nemvelo ithela izithelo ezingazejwayele indlela esiphendula ngayo ithi mayibe nodlame, kungani? UJehovah wathi uma ethi asibuswe ngendlela yenkolo sayichitha. Wathi uMvelinqangi usipha amantwana ababili kuya phezulu (amawele) kunokuthi sibonge sathi ababulawe. Kuthena uma sesilwela inkululeko sabulalana sodwa ikakhulukazi ngeminyaka yawo-1980/1990 (uzolukhumbula u-Ongoye Massacre, iShell House, kanye noBoipatong).
Ngokuhamba kweminyaka saphiwa abantwana abanebala elimhlomphe babulawa buthule. Kumanje kunodlame olubhekiswe kwabathandana benobulili obufanayo. Ngaphezu kwalokho kunenqwaba yabesifazane nezingane asebebulewe ngabantu okufanele engabe bayabavikela. Intukuthelo engaka ngeyani? Kungani njalo uma izikhathi nemvelo kuletha uguquko oluthinta aboHlanga kumele kuphendulwe ngendlakadla? Masifunde kwabadala ababethi uma sebefuna uguquko balucele kuJehovah. Masifunde naseNkosini uJama owala waphetha ukuthi kubulawe indodakazi yakhe kanti izokhula ize ibambe uBukhosi.