“UZulu” ubhoboka ngokwenze waziba ukucija amaProteas


Uphumela obala ngesinqumo sakhe sokuyeka ingqayizivele yethuba lokucija amaProteas, uLance “Zulu” Klusener (osesithombeni).
Lo mqeqeshi ozakhele udumo eqenjini lesizwe lakuleli lekhilikithi ubethwelwe ngeqoma ukuthi nguyena ozothatha izintambo zokucija elesizwe emidlalweni yosuku olulodwa.
UMarc Boucher uzibeke phansi izintambo ekupheleni konyaka wajoyina iMumbia Indias egijima ku-Indian Premier League (IPL).
Engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga, uKlusener uthe kungani ethathe isinqumo sokuyeka lo msebenzi. “Ngibone kungcono ukuthi ngigxile ekuqeqeshi amaqembu eT20 emazweni ahlukene emhlabeni jikelele. Sengikwenze lokhu isikhathi eside manje. Kuningi engikufundayo ngokusebenza kula mazwe ahlukene. Okwamanje ngimatasa nalokho futhi ngisaphatheke kahle,” kubeka uKlusener.
Le ngwazi isikhipha ngamakhala isiZulu. Yingakho iteketiswa ngoZulu. “Ngicabanga ukuthi bekungesona isikhathi esihle ukuzibandakanya neCricket South Africa. Angeke ngithi ngingathanda ukuthatha umsebenzi wokucija amaProteas ngokuzayo. Ikusasa angeke uliqagele. Usuke ungazi ukuthi kuzokwenzekani. Njengamanje indaba yamaProteas sengiyidlulisile. Umsebenzi wokucija amaProteas akuyona into engiyibhekile kodwa ake silinde sibone ikusasa lisiphatheleni. Ngijabule ngesinqumo engisithathile,” kuchaza uKlusener.
Njengamanje uKlusener unenkontileka neqembu laseThekwini iDurban Super Giants egijima kuSA T20 League.
“Indlela engisebenza ngayo iqondile. Angithandi ukuzibophezela ngenkontileka ende. Ngithanda ukusayina izinkontileka ezimfushane. Ngisayina izinyanga eziyishumi nambili. NakuDurban Super Giants nginenkontileka yonyaka. ENdiya nakhona ngesifanayo lapho ngipheka khona izinkakha. Ngemuva kobusika ngizobhekisa amabombo kuCaribbean Premier League. Ngemuva kwalokho ngizobe sengifudukela kuT10. Kuzothi ekuqaleni konyaka ngibuyele kuleli ngizosebenza neDurban Super Gaints. Into engijabulisayo wukufunda izinto ezahlukene emazweni ahlukene,” kulandisa uKlusener.