Now Reading
Abonakala esahamba ngokwezinhlelo zomqeqeshi amalungiselelo eProteas eT20
Dark Light

Abonakala esahamba ngokwezinhlelo zomqeqeshi amalungiselelo eProteas eT20

Asahamba ngokwezinhlelo zakhona amalungiselelo iProteas ngaphambi kweNdebe YoMhlaba yeT20 ezobanjelwa e-Australia. Leli qembu eliholwa ngukaputeni uTemba Bavuma libambane neqembu lesizwe lase-India kuchungechunge lwemidlalo emihlanu yeT20 ekuhambeni.

Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela ihlaziya indlela abadlali bakuleli abadlale ngayo:

  • UTemba Bavuma (5): Isibalo semigijimo umdlalo ngamunye: 10, 35, 8, 8:

Njengokaputeni weqembu uhlalelwe yinselelo yokunyusa amasokisi. Izinto azimvumanga e-India. Okunye okusamele akulungise yisivinini ashaya ngayo imigijimo. Ngaphandle kwalokho iqembu ulihola kahle. Uyakwazi ukufunda izimo zomdlalo.

  • UQuinton De Kock (5): Isibalo semigijimo umdlalo ngamunye: 22, akadlalanga x2, 14:

UDe Kock akazange akhombise ifomu yakhe aziwa ngaye. Uma enza kahle nezinto zibalula kuBavuma ngoba uyakwazi ukwehlisa ingcindezi kuyena. Njengomnqaki mabhola wenze kahle kakhulu ngoba ubengadedeli ngisho impukane.

  • UReeza Hendricks (4): Akadlalanga x2,4, 23:

Uhlulekile wukusebenzisa ithuba kuyona yombili imidlalo ayidlalile. Kungenzeka agcine ephuthwa yiNdebe yoMhlaba kwazise kusazobuya abadlali abafana no-Aiden Markram kanti noRile Rossouw uyangqongqoza.

  • URassie Van Der Dussen (6): Isibalo semigijimo umdlalo ngamunye: 75, 1, 2, 20:

Ngemuva kokuqala kahle kumhlulile ukugcina umgqigqo. UVan Der Dussen into enhle ngaye wukuthi uyakwazi ukufunda isimo somdlalo bese edlala ngokwaso.

  • UDavid Miller (8): Isibalo semigijimo umdlalo ngamunye: 64*, 20*, 3, 9:

Udlale ingcwenga yekhilikithi. Imidlalo emibili yokuqala siyinqotshelwe nguyena. Uyakwazi ukumelana nengcindezi. Kujabulisile nokubona ebhethe endaweni yesihlanu. Lokhu kumnika ithuba elanele lokubhekana namabhola ngaphambi kokuthi alikikijele ezihlweleni.

  • UHenrich Klaasen (7): Akadlanga, 84, 29, 8:

Uphathise ithimba labaqoki ngekhanda. Ngemuva kokushaya into ecokeme akungatshazwa ukuthi angase azithole esendizeni ebheke e-Australia ekupheleni konyaka. Okuhle ngaye wukuthi uyakwazi ukuba ngumnqaki mabhola uma uDe Kock engekho. Lo msebenzi uwenza ngesinono.

Stubbs: Akadlalanga x3:

Akazange alithole ithuba lokuziveza.

Abashwibi:

  • UWayne Parnell (6): Isibalo samawikhethi umdlalo ngamunye: 1, 0, 1:

Usiphakamisile isandla sakhe. Ushwibe kahle ikakhulukazi ngama-over okugcina. Akazange adedele inqwaba yama-run. Kowesithathu ushaye nama-run angu-20 engazange akhishwe.

  • UDwaine Petrorious (7): 1, 2, 1:

Ushwibe ngokukhulu ukuzimisele. Njengamanje indaba yomdlali obhethayo aphinde ishwibe eyiseyona inkinga kangako. 

UDwaine Petorious (5): 21,4, 20, 0:

See Also

Uphinde wabhetha kahle endaweni yesithathu lapho abenyuselwe khona ukuthi aqumuze ibhola kuma-over ayisithupha okoqala.

  • UKeshav Maharaj (5): 1, 1, 1:

Ushwibe kakhulu phakathi nomdlalo. Ubenza isiqiniseko sokuthi izitha azibaleki nomdlalo.

  • UTabriz Shamsi (4): 0, 0, 1:

Bekubhekwe lukhulu kuyena njengomdlali ohamba phambili emhlabeni kuT20 kodwa akazange afinyelele ezingeni. Ubexhaxhaza ama-run.

  • UKagiso Rabada (6): 0, 1, 1, 0:

Yize engatholanga inqwaba yamawikhethi kodwa ubekwazi ukuvala izitha ukuthi singaqali ngesivinini esiphezulu. Nangasekupheleni komdlalo ubenza okufanayo.

  • U-Anrich Nortje (7): 1, 2, 1, 1, 0:

Ushaye into ecokeme ngendlela eyisimanga. Bese kuphele isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala. Ubethatha amawikhethi ngezikhathi ezimqoka.

  • ULungi Ngidi (8): 2, 2:

Emidlalweni emibili uthathe amawikhethi amabili. Indlela adlale izoshubisa umbango wejezi kwelesizwe.

  • UMarco Jansen (5): 1:

Omunye ongazange alithole ithuba elanele. Udlale umdlalo owodwa.

Scroll To Top