Now Reading
Nabangenankinga yamehlo sebeziphihla ngezibuko
Dark Light

Nabangenankinga yamehlo sebeziphihla ngezibuko

Kwabashayelayo ziyasiza elangeni ukugwema izingozi, kubhala uMuntu Xulu Ngithi-ke lezi zikaMazawathi-thi nazo zinhlobonhlobo ngoba nazo zazikhona ezemfashini, ezithengwa yinoma ngubani uma efuna ukubukeka njengoDokotela Khwelastovini, kumbe uthisha omkhulu, noma-ke njengomuntu oyisifundiswa. Phela, bakhona abathi isifundiswa usibona ngokufaka izibuko, ama-”four-eyes!” Lezozibuko ziyibo oMazawathi-thi abanezingilazi zewindi.

Lezozingilazi-ke azifakwa emafasiteleni ngoba ziguqula into oyibukayo ziyenze ibenkulu noma-ke zenze ukuthi wena opheth’we ngamehlo ubuke kahle. Cha, cha, cha, cha, cha, lezizingilazi zamawindi wonke uwonke onamehlo ubuka kahle ngazo. Ngisho nengane iyabuka ngazo. Yizo-ke lezozingilazi abathi ngamafasitela ezifakwa kulezozibuko, ngoba uma ubuka ngazo kufana nokuthi ubuka ngewindi. Lezi-ke azifuni ncwadi kadokotela njengawo amawindi angafuni ncwadi kadokotela uma efakwa endlini. Abaningi-ke bayazithanda lezizibuko ngoba bathi zibenza lokho abangeyikho. Abazithandayo ubafica njalo begodle onyuziphepha ngaphansi kwamakhwapha.

Uthini-ke ngalezi zelanga! Wo, thina maqili nje, sizithanda kabi, ngoba nxa ngiphambanisa imikhondo, ngiphambanisa ngazo. Nxa singafuni ukufundwa emehlweni, sifaka zona, ukuze bangasibuki ezinhlamvini, zamehlo. Noma-ke bangaze basithi nhlo kuwo, bangaboni ukuthi thina awethu asegcwele izinyembezi noma amasi kangcede yini. Lezi-ke sezinemisebenzi eminingi.

Omunye umngani wami wangitshela ukuthi yena akazifaki izibuko, kodwa lezi zelanga zona uyazifaka uma eshayela imoto ukuze ilanga lingamxhophi. Nami-ke ngezwa ukuthi zishayelisa kahle, nami ngazithenga, ngazifaka. Ngabona sekuguqubele kugqunqile, sekufana nombala wazo konke engangikubuka. Ngisho nelanga imbala ngalibheka ngqo, ngafica seliyindilingana ebomvana nje engaxhophi nakuxhopha. Hhayi-ke lezi, sekuyahlotshwa nangazo ngoba ezesimanjemanje zinamafuleyimu kaMazawathi-thi noma awethambo, ezinye azisagaxwa phezu kwezindlebe, sezifakwa ngaphansi kwazo. Ezinye usuvele ubeke ekhaleni nje kuthi ne, zizihlalele nje izibuko zansondo. Ezinye sekuyizixwexwe nje, ongafunga ukuthi lowo ozifakile usebenza efandolo lapho kushiswa khona izinsimbi.

Hhawu, bayazithanda abesifazane abathile kanye nabesilisa abathile lezi zelanga, cisho bonke, ngoba sekuyimfashini ukuzifaka. Amagogolose ehlukile phela ngemibala nangokwenziwa. Umuntu ukhetha ezimfanelayo izibuko zelanga-amagogolose. Kukhona ezibomvu, ezimhlophe, ezimpofu, eziluhlaza. Umakhiwo wazo futhi nawo wehlukile. Kukhona ezimisise okovemvane olundizayo, kubekhona ezikubuka kwazo kugcwala ubuso, kubekhona eziyizikwele nezinamakhona amathathu. Nokubuka kwazo kunjengemibala yazo. Zikhethwa ngokukhethwa. Zivunulwe ngokuvunulwa. Yize uphethwe ngamehlo noma engakuphethe.

See Also

UQiliphambana wayezithanda naye lezizibuko zelanga-amagogolose. Yena-ke wayezithandela ubuqili bakhe njengoba babumphoqelela ukuba ahlale eguqukisa okonwabu. Kwakuthi uma ekhuluma nomuntu amgqolozele ezinhlamvini zamehlo, kodwa obhekiwe abe engaboni ukuthi usehlatshwe ngezinjojo zamehlo. Kwakuthi noma eyificela iso intombi, ingaboni ukuthi ificelwa iso. Kwakuthi uma ephuma enkantolo yamacala njengoba kwakungumuntu othandwa ngamacala, azifake, kuthi noma bemthwebula isithombe abazosikhipha emaphepheni, abangamazi bamfunisele ukuthi nguyena Qiliphambana yini. Phela, lezi zelanga ziyayiguqula insosha yakho, ungabe usaba yilowayana owaziwayo. Kwakuthi uma cgange czifakile, azikhiphe uma esefunwa ngamaphoyisu.

Iyaqhubeka

Scroll To Top