Ukuhlukumeza omunye umuntu kuyicala


Nina boHlanga njengoba ngangithembisile ukuthi kwingosi yethu elandelayo sizoqwashisana ngoMthetho wokuvikelwa ekuhlukunyezweni wona obizwa nge (Harassment Act 17/2011). Kusemqoka ukuthi lona umthetho sisho ukuthi awuncikile ekutheni kunobudlelwane phakathi kohlukhumezayo kanye nesisulu leso.
Ukuhlukunyezwa ngaphansi kwalo mthetho kusho ukuthi, yinoma yikuphi ukuziphatha okuhlukumezayo, noma okudelela okulimaza omunye umuntu noma okwenza omunye umuntu akholelwe ukuthi uzohlupheka ngenxa yesenzo sakho.
Ngokuvamile, kungabandakanya ukulimala ngokomzimba, ngokomzwelo, kwezezimali, noma ngokwengqondo. Ukuziphatha okuhlukumezayo kungaholela ukuthi isisulu sizithole sinokucindezeleka okukhulu, ukuqwasha ngisho ebusuku, ukukhathazeka emoyeni, ukungagxili kahle kwengqondo futhi kungathinta ukuzethemba nokuzihlonipha.
Ukuziphatha okuhlukumezayo kuhlanganisa ukulandela ummangali ukumqhapha ngeso lokhozi ummangali, ukuzulazula ngaphandle noma eduze kwalapho ummangali ehlala, esebenza khona, enebhizinisi, efunda noma ehlala khona.
Ngisho ukumshayela ucingo ummangali ngokweqile, ukuthola omunye umuntu ukuthi ashayele ummangali ucingo lapho usubona khona ukuthi ummangali uyaluziba ucingo lwakho noma esekutshelile ukuthi akathandi ukuthi umshayele ucingo. Ukwenza izingcingo ezingaziwa nezingavumelekhile ngocingo lwammangali.
Ukuthumela imilayezo yombhalo, ama-inbox, amacomment kuzikundla zokuxhumana. Ukuthumela izincwadi, amaphasela, izipho, ama-email. Ukhuthuma omunye umuntu ukuthi ahambisele noma athumele ummangali izincwadi, amaphasela, izipho, ama-email.
Istalking yigama elisetshenziselwa ukuchaza uhlobo lokuhlukumeza. kusho ukunakwa okuphikelelayo nokungadingeki okuqondiswe kummangali. Lesisenzo senza ummangali azizwe ehlukumezekile futhi kubangele ukushaqeka noma ukucindezeleka noma ukwesaba ukuthi
kungase kusetshenziswe udlame. Ukucupha kuvame ukuqhubeka isikhathi eside, okwenza ummangali ahlale ekhathazekile futhi esaba. Izinkundla zokuxhumana kanye ne-inthanethi ingasetshenziselwa ukucupha nokuhlukumeza. Lokhu kwaziwa ngele ‘cyber-stalking’ noma izinsongo ze-inthanethi futhi lolu hlobo lokuhlukumeza lungabangela ukuthi ummangali ahambe ayovula icala.
Ubuqhwaga buwuhlobo lokuhlukumeza. Ezinye izibonelo zihlanganisa, ukuphathwa ngendlela engafanele, ukusabalalisa amahemuhemu amabi ngommangali, ukukhetha omunye umuntu njalo okhuholela ekutheni ummangali bambukele phansi abantu, ukusetshenziswa kabi kwamandla noma igunya, ukugxeka okungenasizathu okuphikelelayo, ukuba nezibopho noma amandla okwenza izinqumo ahoxisiwe ngaphandle kwesizathu esihle noma incazelo, ukuxhashazwa kungenzeka ubuso nobuso, ngencwadi, nge-email noma ngocingo.
Ukufaka isicelo sokuvikelwa ekuhlukunyezweni kuyafana nokufaka isicelo sokuvikelwa odlameni lwasekhaya khepha izinto ekufanele uziveze enkantolo uma ufakha isicelo azifani. Okubalulekile ukunakwa yilokhu okulandelayo uma ufaka isicelo sokuvikelwa ekuhlukunyezweni.
Ayikho iphethini edingekayo ukuthi ummangali ayiveze enkantolo, (isibonelo, ukuthi umhlukhumezi ujwayele ukukwenza lokhu). Ukuthi ukwenze kanye noma ubeqala ukwenza kungenzeka kuyanesileiMantshi bese ikhipha uMyalo Wokuhlukumeza.
Ummangali akadingi ukuthi aveze ubudlelwano phakathi kwakhe nomhlukumezi. Kungaba nomuntu ongamazi nokumazi. Alukho udlame oludingekayo, ukuthi ummangali uzithola enencindezi futhi esaba kwanele lokho ukuthi afakhe isicelo enkantolo.
Imantshi izobe isibukha isicelo esifakiwe, uma yanelisekile ukuthi kunobufakazi obanele, ikhiphe umyalelo wokuvikela wesikhashana, nosukhu lapho umhlukumezi ebizwa khona ukuba aphendule isicelo leso esifakwe umkhalazi nokuthi kungani umyalelo wesikhashana kungafanele wenziwe umyalelo wokugcina wenkantolo ukuze umkhalazi athole ukuvikeleke.
Isicelo sokuvikelwa ekuhlukunyezweni asifakwa noma asibikwa esiteshini samaphoyisa kodwa abahlukumezekile kumele bahambe bekhononda ngqo enkantolo.
Lombhalo awusona iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.