Now Reading
UCogta KwaZulu-Natal nezinhlelo zokunqanda iCOVID-19
Dark Light

UCogta KwaZulu-Natal nezinhlelo zokunqanda iCOVID-19

Emizamweni yokulwa nokubhebhetheka kweCoronavirus, uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana KwaZulu-Natal usuthathe isinqumo sokumisa imicimbi yawo okuhlanganisa nezimbizo zaMakhosi. Lokhu kushiwo uMnyango kulandela isimemezelo sikaMengameli uRamaphosa ngeSonto ngezinyathelo zikaHulumeni ukulwa nalolu bhubhane. Phakathi kwalezi zinyathelo kubalwa nokumiswa kwemibuthano ehlanganisa abantu abangaphezulu kwe-100. UMphathiswa walo Mnyango esifundazweni, uMhlonishwa uSipho Hlomuka, uthe uMnyango uzosungula isizinda, iJoint Operation Centre, lapho okuzohlanganiswa khona izinhlelo zokulwa nalesi sifo esesihlonzwe njengenhlekelele. Uthe njengoMnyango bazoqinisekisa ukuthi zonke izinyathelo ezimenyezelwe uRamaphosa ziyenziwa komasipala, izikhungo zobuholi bendabuko nayizisebenzi zoMnyango.

Okuzokwenziwa:

See Also

  • Yonke Imicimbi yoMnyango njengeLocal Government Indaba ebizoba mhla zingama-24 kuNdasa, iyahlehliswa kuze kuba kwenziwa isimemezelo.
  • UMnyango uyasamukela isinyathelo se-Independent Electoral Commission (IEC) sokuya Enkantolo Yokhetho ukuze kuhlehliswe ukhetho lokuchibiyela.
  • Yonke imihlangano yemikhandlu yomasipala okuhlala kuyona abantu abangaphezulu kwabayi-100 iyahlehliswa ngaphandle kwaleyo ephuthumayo eyethanyelwa ngabantu abangaphansi kwe-100 ngokwesibalo. UMnyango uphakamise ukuthi kwenziwe ngenye indlela njengokubamba imihlangano ngocingo ukuze kugwenywe ukusondela kwabantu.
  • UMnyango uyaxhumana noMcwaningi-mabhuku Omkhulu ukuthola indlela efanele yezinhlelo zomasipala ezifana ne-Intergrated Development Plan (IPD) okuyizidingo ezisemthethweni.
  • UMnyango usuwuqalile umkhankaso wokuqwashisa ngezempilo kuzona zonke izakhiwo zoMnyango kanti unxusa bonke omasipala nezikhungo zoBukhosi ukwenza okufanayo.
  • UMnyango usuqalile ukuxhumana nabezempilo esifundazweni ukulawula isimo lapho izisebenzi zawo zike zabo sesimweni sokuthola leli gciwane. 
  • UMnyango awusazikhuthazi izisebenzi zawo ukuba zithathe izindlela ezingabalulekile kanjalo unxusa omasipala nezikhungo zoBukhosi ukuthi benze okufanayo. Umhlonishwa uHlomuka uphethe ngokunxusa abantu ukuba bagcine imigomo yenhlanzeko futhi banciphise imibuthano yomphakathi.


Scroll To Top