Kuhle ukushiya abalandeli bakho besakuzwa ngaphakathi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.



Ngokwenkolelo yami, ngikholelwa ekutheni entweni kumele ushiye ngesikhathi abantu besakuthanda, kungaze kube ukuthi usuyiqaqa kubantu.
Lokho ngike ngakusho ngezikhondlakhondla zikanobhutshuzwayo uLionel Messi wase-Argentina noCristiano “CR7” Ronaldo wasePortugal, ukuthi nabo noma sebengawuyeka unobhutshuzwayo ngoba sebekwenzile okuningi engikholwa ukuthi kusazoba nzima ukuthi kuphinde kube khona abadlali abakwenzayo.
Nakumdlalo womphebezo kwaba buhlungu “Inkosazana” yalo mdlalo uSerena Williams ememezela ukuthi usethi khumu kuwo, wayeka naye abantu besafuna ukumbona kodwa ngenxa yokuthi wayesesithathile isinqumo sakhe waqhubeka naso.
Kodwa kule ngosi, umuntu engikhuluma ngaye ngumshayeli wezimoto zeFormula One (F1), uSir Lewis Carl Davidson Hamilton (Lewis Hamilton).
Lo mshayeli waseBrithani oneminyaka yobudala engama-38, ungomunye wabashayeli abangasoze balibaleka kulo mdlalo ngamarekhodi awabekile.
Sikhuluma nje uHamilton usebe ngumpetha amahlanda ayisikhombisa, okungeyona into elula njengoba lokho kwiyirekhodi elabe libekwe uMicheal Schumacher. UHamilton ube ngumpetha ngowezi-2008, 2014, 2015, 2017, 2018, 2019 nangowezi-2020.
Ubeke irekhodi lokunqoba kayi-103, uqale kwuPole Position (Ukuqala phambili kumqhudelwano) amahlandla ali-103.
Okwenza ngithi uHamilton akashiye phansi kulo mdlalo ingoba vele bamkhuluma kabi, ekhulunywa ilaba abamucwasayo. Kuhle uma engayeka manje esathandwa abantu abaningi emhlabeni.
Akashiyele oMax Verstappen kube yibo abaqhubekayo, nabo belwele ukuzibekela awabo amarekhodi. UHamilton kwake kwaba nenkulumo iyaqubula omukhulu umusindo ngaye ethi, kumele vele afice amarekhodi kaSchumacher ngoba manje zonke izinto sezilula eminyakeni edlule kwakunzima ukunqoba.
Okunye baningi abakhombisa ukumcwasa ngesikhathi eseka ukucwasana ngaboHlanga (iBlack Lives Matter).
Kukhona konke eyakwethu ibiqhubeka mokwenza kahle, kodwa ngenxa yokuhanjelwa iminyaka sekunzima. Kumqhudelwano we-F1 yakulonyaka usendaweni yesine ngamaphuzu angama-38, kuthi imoto ashayela ngaphansi kwayo iMercedez ibe sendaweni yesithathu ngamaphuzu angama-56.
Yize isifiso sakhe singakafezeki sokuba ngumpetha amahlanda ayi-8, kodwa eyakithi kungaba kuhle ukuthi ekuphelezi kwesizini yakulonyaka ishiye phansi izikhiye.