Now Reading
Amadlegwavuma: Ngubani owebe isinkwa sezingane ezikoleni?
Dark Light

Amadlegwavuma: Ngubani owebe isinkwa sezingane ezikoleni?

Ichilo lokungahlinzekelwa kwezingane ngokudla ezikoleni kulandelwa umgomo kahulumeni seluphenduke ibhola lomnqakiswano losopolitiki. Khona lapho uhulumeni kazwelonke nowesifundazwe basemizamweni yokubhula lomlilo. ElaboHlanga selingakuqinisekisa ukuthi kukhona ukukhathazeka eqenjinini elibusayo i-African National Congress ngokuthi uma lomlilo ungabhebhetheka ungahle ube yinxeba izimbangi zalo ezingangena ngalo ngokhetho lonyaka ozayo.

Uhlelo olwaziwa ngeNational School Nutrition Programme luyingxenye yenqubomgomo kahulumeni, luyafana nezinye izinhlelo ezinikwa amalungu emiphakathi ahlwempu. Lolu hlelo kalugcini nje ngokuphakela izingane kepha lakha namathuba emisebenzi njengoba kuba khona izinkampani ezakhekayo, kusuka kwabaphekayo nalabo abathutha ukudla lokho. Nokho khona lapho ngokuthola koZul’azayithole okunye okudalekile ngaphansi kwaloluhlelo wubugebengu obuhleliwe obuthinta abathile emnyangweni wezemfundo, ezikoleni ezithintekayo nakosomabhizinisi abasakhasayo.

Muva nje kube nezinguquko kulolu hlelo olwaqala ngesikhathi sikaMengameli uMandela. Phambilini lomsebenzi ubunikwa izinkampani ezahlukahlukene, lapho izikole zenziwe zaba ngamaqoqo (clusters). Inkinga iqale ngokuthi uma kuphela isikhathi sosonkontilaki abebekade bephakela izingane kulezizikole kwamenywa ukuba kufakwe izicelo ezintsha. Ukufakwa kwalezizicelo kuphele ngokuthi kwenzeke into engakaze yenzeke, okungukuthi inkontileka inikwe inkampani eyodwa.

Loluhlelo olunesabelomali esiyizigidigidi ezi-R2 lulekelela izingane ekungezaboHlanga ezibalelwa ezigidini ezimbili ezikoleni ezingaphezulu kweziyizinkulungwane eziyi-5 KwaZulu-Natal. Iningi lalezizingane zithembele kulokudla njengoba emakhaya  kudliwa imbuya ngothi. Ngakho ke njengoba nje zingaphakelwa kulezinsuku isimo sazo sishube kakhulu. Loluhlelo lusekelwe phezu kwenkolelo yokuthi ingane engenalutho esiswini ayikwazi ukugxila ezifundweni.

Isimo sezingane (oningi lazo kungezaboHlanga) lezi ezingacoshanga lutho kuthiwa sengeze osizini obeluvele lubatshazwa njengoba lesi sifundazwe siphuma emgodini wokhuvethe nezidubedube okuphazamise ukufunda. Ngesikhathi zingayi ezikoleni izingane bekungekho ezikutholayo emakhaya. Yize loludaba selusematheni kulezi zinsuku emuva kokuphawula kukasopolitiki weDemocratic Alliance (DA), iMeya yaseMgeni, uMnu uChris Pappas elaboHlanga labika ngalo ezinyangeni ezedlule emuva kokuxoxa nenhlangano yomphakathi UMsinsi.

Kwistatimende esaphuma mhla zili-13 kuMasingana ngowezi-2022 uMsinsi waxwayisa wathi: “Bantwana baMthaniya nali iqembu likaRamaphosa, Duma noMtolo liqhubeka nokusikhaphela: Le thenda  ingeyenani lezigidi Eziphindaphindiwe Iklonyeliswe Abokufika Abadabuka eNdiya. Kuthiwa inkampani yabantu bokufika abadabuka eNdiya ezinze eThekwini kanye naseMgungundlovu ebizwa ngokuthiwa iCash and Carry Wholesalers.

Kusolakala ukuthi uHulumeni kaKhongolose ovotelwa izindimbane ngezindimbane zaBantwana bakaMthaniya lapha kweleNgabadi igixabezwe ngeThenda, ebizwa ngokuthi iNational School Nutrition Programme (NSNP). Le Thenda ingeyenani lezigidi eziphindaphindiwe.  Le Thenda iphoqa futhi ibophezela bonke aBantwana BakaMthaniya abazohlomula kwizimvushwana eziyisicagogwana zokuphekela abantwana bebala eliNsundu ezikoleni ukuthi bayothenga kubo labantu bokudabuka kwelaseNdiya.”

Isitatimede sasiqhubeka sithi: “Izinkedama okungaBantwana BakaMthaniya abasavumelekile ukuzikhethela lapho okufanele bathenge khona ukuze nabo behlomule imvushwana kuyona lento engekho. Lesi sinqumo seqembu likaRamaphosa, Duma noMtolo senza ukuthi laba bokudabuka eNdiya babe ondlovukayiphikiswa mayelana namanani okuzothengwa ngawo kubona. Uhulumeni oholwa iqembu likaRamaphosa, Duma noMtolo uphuca aBantwana BakaMthaniya kwayona lemvushwana engekho.”

Emuva kokuvela kwezinsolo zakamuva elaboHlanga liphindele kuMsinsi lakhuluma nomunye wabaholi bawo uMnu uXolani Dube. UNyamazane uthe lokhu akubethusi, ukuthi kuzothi ngoba sekuphawule umlungu eDA (uPappas) bese iqembu elibusayo nabezindaba besukumela phezulu entweni bona abakade baxwayiswa ngayo. UDube uthe: “Siyamukele ukuthi thina boHlanga asihloniphani sisodwa, asiyihloniphi imibono yethu sisodwa. Lokhu kusobala kakhulukazi ku-ANC ekholelwa kubelungu nebenza onkulunkulwana. Lapha ngisho abelungu abafana noJoe Slovo noRuth First.

See Also

Namanje njengoMsinsi sixwayise uhulumeni waboHlanga ngomsanka wethenda. Asigcinanga lapho kepha sihammbele endlini kaNdunankulu sixwayisa ngalokhu esikhundleni sokuthi kuhlungwe ukuthi esikushoyo kuyikho yini sisasazelwa ngamaphoyisa. Namuhla lokhu esasixwayisa ngakho nokuthinta izingane zaboHlanga sekushiwo ngumlungu uKhongolose usuthi akuphenywe,” kusho uDube.

Ube eseveza ukudumala kwakhe ekutheni abebekushilo sekuveze nokuthi omunye wemindeni ehlonishwayo kulesi sifundazwe nayo iyathinteka nathi kungakuhle ukuba iziqhathulule. “NjengoMsinsi sidumele ukuthi kulenkohlakalo yokwephuca izingane zaboHlanga isinkwa ezikoleni kuthinteka nomndeni wakwaZungu. Lo mndeni siwuhlonipha kakhulu kepha njengoba kuvela izinsolo zokuthi uyathinteka kungakuhle ukuba uphumele obala. Yini ungabizi abezindaba uziqhelelanise nalokhu?” kubuza uDube.

Uqhube wathi: “Lo mndeni uphethe iqembu laboHlanga aMaZulu kepha usolwa ngokulambisa izingane zaboHlanga. Abanye abathintekayo yinxanxathela yezitolo zakwaSpar exhumene nalomndeni kanye neqembu aMazulu. NjengoMsinsisizovakashela lenkampani emahhovsi ayo ePinetown ngenhloso yokuthola izimpendulo.”

Esekusho konke lokhu uNyamazane usole iqembu elibusayo ngokuyekelela izingane zaboHlanga ukuba zibhuqabhuqwe yindlala ngenxa yobugovu. “I-ANC izonda umuntu omnyama akekho umuntu ongavumela ukuthi ingane yakhe ilambe. Uhulumeni wamabhunu akakaze ancishe izingane zakhe ukudla. Amabhunu azondla izingane zawo ezabe zihlupheka.  Inhlangano yethu yiyo egqilaza abamnyama – i-ANC isikhiqizela izigebengu ngoba indlala ibanga ulaka. I-ANC yeba isinkwa sezingane zethu kuphetha uDube.”

Scroll To Top