Now Reading
Ibe uMsamariya olungileyo i-IFP inikela ngokudla kubafundi baseLindelani
Dark Light

Ibe uMsamariya olungileyo i-IFP inikela ngokudla kubafundi baseLindelani

Iqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) ebeliholwa iMeya yaseKing Cetshwayo uMnuz uThami Ntuli, liphenduke uMsamariya olungileyo lisula izinyembezi abafundi baseMandlenkosi Secondary School, eLindelani akade befa indlala.

Abafundi baseMandlenkosi Secondary School bathe bengena emasangweni esikole izimoto ezintathu okukhona neTruck, besezifikile emagcekeni zigcwele phama ukudla. Lesi sikole siqanjwe ngaphansi kwegama lalowo owayengumholi we-IFP esifundazweni iKwaZulu-Natal uMnuz uMandla Thomas Tshabalala, owadlula emhlabeni ngonyaka wezi-2005 emva kokudutshulwa phambi kwezingane zakhe. 

Okugqamile ukuthi iningi labafundi bayasizakala kakhulu ngalokhu kudla okuphekwa ezikoleni, njengoba abanye beqhamuka emndenini ehlwempu. Kusukela ngesonto eledlule kuvulwa izikole, ukudla akufinyelelanga ezikoleni eziningi nokuwudaba lolu olusematheni muva nje.

Okwenziwe i-IFP kungaqinisekisa ukuthi kukhona ukukhathazeka eqenjini elibusayo i-African National Congress (ANC), ngokuthi uma loludaba lungaqhubeka amaqembu aphikisayo azoqhubeka ngokungena ngenxeba. Uhlelo olwaziwa ngeNational School Nutrition Programme 

luyingxenye yenqubomgomo kaHulumeni, luyafana nezinye izinhlelo ezinikwa amalungu emiphakathi ahlwempu. 

Lolu hlelo kalugcini nje ngokuphakela izingane kepha lakha namathuba emisebenzi njengoba kuba khona izinkampani ezakhekayo, kusuka kwabaphekayo nalabo abathutha ukudla lokho. 

UMnuz uNtuli uthe: “Lolu daba siluthathele phezulu kakhulu, nathi asizizelanga lapha kodwa sithunywe umsunguli waleli qembu uMntwana waKwaPhindangene, kwazise uhlezi eqhakambisa phambili imfundo. Lento eyenzakalayo ayiyinhle neze izingane ziqhamuka emakhaya angafani, kunalezo okusuke kuwukuthi ikhona kudla eziphila ngakho lokhu okuphekwa ezikoleni. Kunabafundi abenza umatibuletsheni abangena ekuseni, bephume seliyoshona abasuke bedinga lokhu kudla. Umbuzoke uthi njengoba isonto lonke nje kungekho ukudla baphila kanjani” kubeka uMnuz uNtuli.

Loluhlelo olunesabelomali esiyizigidigidi ezi-R2 lulekelela izingane ekungezaboHlanga ezibalelwa ezigidini ezimbili, ezikoleni ezingaphezulu 

kweziyizinkulungwane eziyi-5 

See Also

KwaZulu-Natal. 

Omunye wabafundi okhulume nelaboHlanga ongalidalulanga igama lakhe, uthe bajabule kakhulu ngokwenziwe iqembi i-IFP.

“Iqiniso ukuthi abafundi abaningi bayasizakala ngokudla kwesikole, kube nzima kakhulu kulesi sikhathi kuthiwa akukho ukudla. Kodwa siyabonga ngokwenziwe ileli qembu, kuzokwenza omkhulu umehluko. Siyafisa ukuthi uHulumeni kube khona okwenzayo kukwazi ukuthi kulethwe ukudla ezikoleni” kusho lo mfundi othe wenza ibanga lesi-9. 

Iqembu i-IFP liqinisekise nokuthi ngaphandle kokuza kulesi sikole kodwa lisazoqhubeka nokuba lusizo emphakathini njengoba lenza nje kakhulukazi ezindaweni zaboHlanga.

Scroll To Top