Now Reading
OwayenguNgqongqoshe Wezempilo uphawula ngokuvela kwegama lakhe
Dark Light

OwayenguNgqongqoshe Wezempilo uphawula ngokuvela kwegama lakhe

Lowo owayenguNgqongqoshe Wezempilo uDkt uZweli Mkhize (osesithombeni) usephumele obala ngemuva kokuvela kwegama lakhe ecaleni lebheyili yabesilisa abayisithupha abasolwa ngokubulala isikhulu sezempilo eGauteng, uBabita Deokaran, eveza ukuthi lokhu kwenzelwa ukumthela ngehlazo kwezombusazwe. UDeokaran, owampimpa kuSpecial Investigating Unit ngenkohlakalo ehlobene nokuthengwa kwemishini yezempilo ngenxa yokhuvethe, wadutshulwa ngaphandle komuzi wakhe eWinchester Park eningizimu yeGoli ngoNcwaba.

Abasolwa ngokubulala uDeokaran, uPhakamani Hadebe, uZita Hadebe, uNhlangano Ndlovu, uSanele Mbele, uSiphiwe Mazibuko noPhakanyiswa Dladla, bavele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesibili lapho bekuqala ukulalelwa kwesicelo sebheyili.

UPhakamani Hadebe utshele inkantolo ukuthi wahlukunyezwa ngamaphoyisa ukuze avume ukuthi uMkhize nguye owayalela ukuba kubulawe uDeokaran. UMkhize esitatimendeni ngoLwesithathu uthe ushaqekile ngokuthi, “igama lakhe lihudulelwe ecaleni lamadoda aboshwe ngecala lokubulala”.

Uthe ufuna ukuqinisekisa umndeni kaDeokaran ukuthi akahlangene nalobu bugebengu obungenangqondo, “noma izinsolo zalokhu kwenkohlakalo ekuthengweni kwemishini okuyikho okuholele kulokhu (ukubulawa kukaDeokaran)”. “Kumele kukhunjulwe ukuthi lezi zinsolo zenkohlakalo ngokuthengwa kwempahla zenzeke ezingeni lesifundazwe, kude nomkhakha kaHulumeni kazwelonke lapho ngajutshwa khona njengoNgqongqoshe Wezempilo kuzwelonke.”

See Also

UMkhize uthe uyalele abameli bakhe ukuthi babhalele i-Independent Police Independent Directorate (Ipid) “ukuba iphenye izimo ezithinta ukufunwa nokwamukelwa njengobufakazi ‘bokuvuma icala’ okwenziwe abasolwa okungeke kufihlwe ukuthi ukuqinisekiswa kwakho kusho ukuhlazeka kwakhe kwezombusazwe”.

Scroll To Top