Ukufunda inkulumo ngendlela engeyiyo kuyawulahla umongo


Siyazi kamhlophe sonke, indlela yokubhala, yokufunda nokukhuluma, amazwi, imisho yanoma yiluphi ulimi lwebele, njengoba sakufunda ezikoleni ezasungulwa ngokwendlela yemfundo esayifundayo nesalethelwa ngabefundisi bezimishini zobuKhrestu base-Europe, base-United States of America, mzukwana besungula izikole, emhlabeni wonke.
Bayifundisa ezikoleni othisha bokuqala abakhiqizwa yizimishini nabalandelayo othisha, ukuthi ulimi lwebele nenkulumo ngqo ngesiLungu okuthiwa (inkulumoyongumnini), nenkulumo ebalulwa ngenye indlela okuthiwa: hhayi njengenkulumo ngqo, nezinhlobo zamakhoma, nokhefana, ikhoma elikabili esithi; ukuthi kusetshenziswa kanjani emazwini nasemishweni ebhalwe phansi noma akhulunywe ngomunye.
Ukuthi singayifundi inkulumo ngqo njengoba injalo, sengathi kwakuyinkulumo eyayikhulunywe yithina okanye sengathi okwenzeka, kwenzeka kithina nasezweni lethu. Siyifunde ngokwendlela yenkulumo engaqondile phecelezi ngesiLungu.
Kusaphikisana kakhulu ukwenza namanje ngoba, inkulumo ngqo ngosuku lokubhala izivivinyo, uyafeyiliswa (ayehliswa amaphuzu obufanele ukuba uwathole) uma inkulumo ngqo, uyifunde noma uyibhale njengoba injalo (ihlaza), esikhundleni sokuyiguqula ibe inkulumo ekhombisayo ukuthi seyibhalwa noma seyikhulunywa ngomunye umuntu, ayiseyona inkulumo ngqo, akuseyona eyaloyamuntu wokuqala owayengumnini.
Pho benziwa yini abefundisi bezimishini zobuKhrestu bayinhlanhlathise, bayiphendukezele, indlela yokufunda inkulumo ngqo noma yongumnini. Ikakhulukazi, uma kuziwa ekufundeni amavesi asemaBhayibheli.
Lawo mazwi esiwafundayo kufanele ngabe siwafunda kube nomehluko, ukuthi ayengakhulunywanga yithina noma yimina ngokwabefundisi bezimishini zobuKhrestu. Okusasho khona ukuthi kuyiqiniso ukuthi, safunda imfundo kodwa singabi ngabacabangayo ngokweqhingasu labelumbi.
Ngangingesemuhle ngenkathi ngiveza ukucabanga, nganqunywa esikoleni esasifundisa iBhayibheli ngeposi, ngeminyaka yowe-1987 (manje sekuthiwa online), Ngangibhedle yokuhlanakezela indlela yokufunda inkulumo ngqo noma yongumnini uma kuziwa emavesini aseBhayibhelini ukuthi kwakungafani nesasikufundiswe ezikoleni.
Ngabuza ukuthi;Pho kwakungani abafundisi bezimishini bahlanakezele ukufunda ngendlela ulimi kodwa bagcizelele ukuba sifunde, kufundwe njengoba kunjalo amazwi athi: “UJesu iNkosi yethu eyasifelayo” Ekubeni lokho kwakuqondiswe kwababhalwe ngokomlando osemaBhayibhelini, njalonjalo.Kanti ngokwemfundo esayifundayo umusho wenkulumo ngqo, onjalo, kepha, owesibili uwufunda noma awubhale athi: UJesu iNkosi yabo, eyabafelayo.
Njengokuthi: “UMfundo iNkosi yethu boHlanga” Mina ngizofunda, ngizokhuluma ngithi; uMfundo iNkosi yabo abangaboHlanga noma yaboHlanga. Njengokufunda, kokufunda esakufundiswa ezikoleni, okuyindlela yokufunda ulimi olubhalwe phansi noma amazwi akhulunyiwe.
Sisabesaba abelungu mayelana nokusemavesini asemaBhayibhelini kuze kube yimanje, sisaphikisana ngakho kuqhanse imithambo, uma kuziwa kwindlela yokufundwa kwenkulumo ngqo, ngokwendlela yemfundo yasentshonalanga. Sizama izindlela zokubibiyela ukufunda ngalendlela engeyona amaBhayibheli.
Kuyaziwa, kuliqiniso ngokwemfundo, ukuthi abefundisi bezimishini abayifundisanga lendlela emakilasini ababefundisa kuwona ulimi. Kodwa kuyaziwa ngokunjalo ukuthi kwaba yibona kanye abefundisi bezimishini zobuKhrestu, abafundisa ngenye indlela emaBhayibhelini, ngenkathi sebetshala ubuKhrestu e-Afrika nasemhlabeni wonke.
KusemaBhayibhelini lapho kusalokhu kuqhubekile kuxovwa, kufundwa ngendlela engeyona amazwi, imisho,amagama asemaBhayibhelini inkulumo yongumnini, inkulumo ngqo, lapho abantu abasayifunda njengoba injalo. Kuthi lapho sebeyiqedile ukuyifunda inkulumo yongumnini bese sibezwa sebeyijika sengathi kwakusho bona kanti kwakungabanye ababesho lawomazwi abhalwe emaBhayibhelini.