Umqeqeshi welesizwe lomnqakiswano wabesilisa nenselelo yokusekwa kwabadlali



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isifiso sakhe ukuthi kusukela komasipala, izifundazwe, izifunda kuya kuzwelonke kwesekwe amaqembu nabadlali ngokufanayo
Umqeqeshi weqembu lesizwe lebhola lomnqakiswano labesilisa uJabulani Vilane, uthi uyafisa kuthi kufika isikhathi seNdebe YoMhlaba abantu abaningi sebeqeqeshekile ngalolu hlobo lo mdlalo.
Ngonyaka ozayo iNingizimu Afrika izosingatha iNdebe YoMhlaba kusukeka ngoNtulikazi kuya kuNcwaba.
“Kusele isikhathi esincane ngaphambi kokuthi sisingathe iNdebe YoMhlaba, ngalokho abantu bakithi bayadinga ukuba bawuqonde lo mdlalo ukuze bezokwazi ukuba beseke izintokazi zakuleli entweni abayiqondayo”.

Lo mqeqeshi waqala ukuzibandakanya nalo mdlalo ngonyaka wezi-2007, kodwa uthando waba nalo esafunda isikole. Njengabaningi n naye waqala ngokuba ngumdlali, edlala maphakathi, phambili nasemuva ezinhlangothini.
Esengumqeqeshi uqeqeshe kwimiqhudelwano okubalwa owaminyaka yonke amaSalga Games, iKay Motsepe Schools, iTransnet Schools Foundation neTransnet Schools Foundation. Uke waqeqesha isifunda uMkhanyakude. Ngaphandle kokuqeqesha iqembu lesizwe, uphinde aqeqeshe iZiphozonke Netball Club, okuyiqembu eligijima ngaphansi kweKZN Super League.
“Ngiyafisa ukuthi kusukela komasipala, izifunda, izifundazwe kanye nakuzwelonke ukuthi baqale ukweseka amakilabhu endawo nabadlali basekhaya abadlala kumaligi asekhaya ukuze bakhulise umnqakiswano ezindaweni zabo. Lokho kuzokwenza ukuthi kube namaligi amaningi, kuphinde kuholele ekutheni sibe nabadlali abaningi abaseqophelweni eliphezulu abaqhamuka ezifundeni ngokuhlukana kwazo” usho kanje.
Lo mqeqeshi uneziqu zokuqeqesha kuLevel 2, usebenzela ukuthola ezikaLevel 3.
Uqale ukuqeqesha eqenjini lesizwe ngoNhlangulana nonyaka.
“Kwaba sengathi iphupho ngiqokwa ukuba ngiqeqeshe elesizwe. Kwenzeka lokho ngesikhathi kukhona umqhudelwano kazwelonke, e-Upington ngiqeqesha iqembu labaneminyaka engaphansi kwengama-23 lesiFunda iKing Cetshwayo, nalapho sathola khona indondo yesiliva sidlala ne-Ekurhuleni”.
Ebuzwa ukuthi ngabe abesilisa bayakutholwa yini ukwesekwa iNetball South Africa (NSA), uthe: “Sibonga kakhulu iNSA ngomsebenzi omuhle ewenzayo ngokuseka lo mdlalo, nokunikeza abesilisa ithuba lokuba badlale phesheya kwezilwandle. Okusele ukuba kube khona amaligi abesifazane nabesilisa, kube khona abaxhasi abaningi ukuze abadlali bomnqakiswano bezokwazi ukuziphilisa ngawo lo mdlalo njengoba kwenzeka nakweminye” usho kanje.
Uthi njengomqeqeshi ubunzima abhekene nabo ukwenza isiqiniseko sokuthi uba ngumholi, alekelele abadlali ukuba bafeze amaphupho abo.
Uqhuba uthi uyayafisa ukukhuthaza aphinde abe nesandla sokuthi kukhiqizeke abanye abaqeqeshi. UVilane uthi namanje usasho ukuthi uyafisa ukuthi umnqakiswano waziwa umhlaba wonke futhi abantu bawuqonde.
Uthi kungaba ihlazo ukuthi iNingizimu Afrika isingathe umqhudelwano weNdebe YoMhlaba kodwa abantu bengazi nokuthi yini iNetball.
Uthe ubona lenza kahle iqembu lalapha ekhaya iSpar Proteas kweYoMhlaba.
Iqembu lalapha labesilisa beliseMelika, lapho bekunomqhudelwano obizwa ngeNetball Men’s Championship.
Lo mqhudelwano ubudlalwa amaqembu okukhona kuwo iNingizimu Afrika, iSt Vincent & the Grenadines, iGrenada, i-Antugua & Barbuda neJamica egcine ibe ngompetha. Elakuleli ligcine liphume endaweni yesibili.
Aligcinanga lapho kodwa abadlali bakuleli bagcine bethole imiklomelo emqoka kulo mqhudelwano. ULutendo Maiwashe uthole oweBest Shooter, u-Uegene Sinxezi wathola oweBest Attacker, uShiko Mokaila yena wathola owePlayer of the Tournament.
UVilane uthe badlale kahle kakhulu futhi uyaziqhenya ngabadlali bakukeli.