Now Reading
Ngubani okumele asolwe ngoqhibukhowe bemijondolo
Dark Light

Ngubani okumele asolwe ngoqhibukhowe bemijondolo

Omasipala abapheze ukuyishaya emuva bayishaye phambili ngoba ekugcineni yibo abanesandla kulokhu


Kuhlala kukhalwa zinsuku zaphuma ngabantu abazigebhulela umhlaba kamasipala ezweni lonke. 

Isikhalo esikhulu sisuke siqhamuka kubo omasipala ngoba lezi zindawo ngokwemiklamo, zisuke zihlelelwe okuthile njengezakhiwo, izinkundla nenye ingqalasizinda  okusuke kuzohlomula kuyo wona uqobo umphakathi. Cishe eThekwini ingxenye enkulu yomhlaba obubekwe eceleni umasipala usunesidlidli semijondolo okulalwa ingekho kuvukwe isimile.

Ngesifanayo nasedolobheni iKapa, eGqeberha kuze kuyoshaya koFree State. Umbuzo omkhulu ngothi ngubani okumele agxekwe ngokudliwa komhlaba womasipala.

Sekwaba yinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi njalo uma umphakathi ufuna ukuvivinya umasipala thizeni, kuvumbuke iqulu labantu ligxumeke imijondolo ezindaweni eziyishashalazi ezingakhiwe.

Le miphakathi igcina ngokuhlala iminyaka kulezi zindawo ize ihlinzekwe nangezidingongqangi njengamanzi nogesi.  Nguye qobo lo masipala osuke ubakhipha abantu ogcina ngokubahlinzeka ngezidingo ngoba sekubhekwe nevoti lawo.

Abantu abagcina ngokulimala yilaba abasuke bethenge izithabathaba zemizi, okuphetha ngokuthi yehlelwe yintengo. Namanye amabhizinisi akabe esaba nkamunkamu ngokutshala imali eduze kwalezi zindawo, ngoba uma kusuka imibhikisho kugadlwa kuwo kuqala.

Esimweni esinjengalesi iminwe ikhomba bona omasipala ngokuyishaya phambili bayishaye emuva. Sibuza ukuthi basuke besuselwani abantu kwasekuqaleni, uma kuzothi ngokuhamba kwesikhathi bese behlinzekwa ngezidingongqangi.

See Also

Kuzwakele nje ukukhala kukaMasipala waseThekwini nomyalezo onqala ngabantu abazingenela ngo dli emhlabeni wawo.

Sisasho namanje ukuthi abantu bathenjiswa impilo encono ngesikhathi uKhongolose uthatha izwe kowe-1994. Okwakuphambili empilweni encono kwabe kuyizindlu kubona bonke abantulayo. Kuyinamuhla kunomphakathi osekuphele iminyaka eyivile kwama-20 uhleli koLindela eSiphingo. Ziningi nezinye izindawo nomphakathi osesimweni esifanayo odingayo ukubhekelelwa.

Odabeni lwaseSiphingo umphakathi owakhelene nale ndawo sekukaningi ufake isikhalo ngalaba bantu ngokuthi kumele uMasipala ubakhele kodwa kucwebe iziziba.  Iqembu elibusayo kumele lizilungiselele ukubhekana nolaka lomphakathi uma nje kuqala unyaka ngoba kuzobe sekwaziwa ukuthi ukhetho selusemome.  Lesi yisikhathi sokuqala kuhlelembelwa izimo ezifana nalezi uKhongolose ungalindi emathonsi abanzi njengoba sihlale sibona.

Abantu abahlonishwe zikhathi zonke kungalindwa ukhetho.

Scroll To Top