Ingozi kaKhongolose yokusuka endaweni yakhe

USUKU olwabe lukade lumenyezelwa lufike lwedlula. Lona bekuwumgubho weminyaka eli-107 kwabunjwa inhlangano namuhla esibizwa ngele-African National Congress (ANC). Yize abaningi bevame ukwenza iphutha lokuthi “lena yinhlangano endala kunazo zonke izinhlangano zaboHlanga”, iqiniso lithi le nhlangano akuyona eyokuqala kepha kukhona okuhlukile ngayo. Yayikhona inhlangano lapha kwaZulu eyabe ibizwa ngeFuna Amalungelo neyayibunjwe kakhulu ngabantu ababebizwa ngamakholwa, izifundiswa noma amazemtiti. Elinye iqiniso lithi uKhongolose we-1912 wabe wakhiwe yiningi lalo mphakathi njengoba noMengameli wayo wokuqala wayenguMfundisi uDkt uLangalibalele Dube (uMafukuzela). Akugcinanga ngaye ngoba uMnu uJosia Gumede, uDkt uPixley kaSeme neNkosi u-Albert Luthuli baphuma kulelo butho.
Okwehlukile ngeFuna Amalungelo kanye noKhongolose kwabe kuwukuthi abeFuna Amalungelo babengabizwa njengezishabasheki zamalungelo (civil right movement) njengoba okwabe kuseqhulwini kwabe kungamalungelo okufana nabadeshi ngaleso sikhathi yikho babeze bafune ukuba baphathwe ngaphansi yemithetho eyehlukile (nakhu bebizwa ngamazemutiti) engafani naleyo eyabe iphethe laba bezinyawo, abangafundile nababengawona amakholwa. Ngakolunye uhlangothi uKhongolose wazibumba waba yinhlangano yombangazwe (liberation movement) eqhulwini eyabe isukumela udaba lokugwamandwa komhlaba ngabadeshi. Le mizababalazo nxa ukude ungaze uthi iyefana kanti yehluke kakhulu.
Ngaphandle kwemigomo okunye okwehlukayo wulimi olusetshenziswayo.Yikho nje uma kubungazwa iminyaka eli-107 yokubunjwa kwe-ANC izindlebe bezicijile ukuzwa ukuthi engabe inkosana yamaqembu onke alwela inkululeko e-Afrika izophefumula ithini ikakhulukazi odabeni lomhlaba, okwabe kungumongo wala madoda ayehlangane eBloemfontein mhla ziyisi-8 kuMasingana ngowe-1912. Cishe kulabo abaqonda umlando wepolitiki yakuleli badumele uma bezwa uMengameli kaKhongolose ngosuku lomgubho wokuzalwa kukaKhongolose eseba mathintanyawo ngodaba lomhlaba. Ukukhuluma okuthi, ‘umhlaba uyobuyiswa noma uklanywe nxa kunesidingo’ iyadida. Le ingakhulunywa yizishoshovu zamalungelo mhlawumbe hhayi inkosana yamaqembu ayelwela inkululeko. Singephike mhlawumbe okushiwo nguMhlonishwa uRamaphosa yinto uKhongolose asethe nxa ezibuka wabona ukuthi akehle kwesobunkosana afane nabanye. Lelo yilungelo lawo. Esikubalulayo wukuthi ungenza njalo uyobhimbisa umlando wepolitiki nokuyingozi kuwo kanye nasemlandweni wenkululeko yaboHlanga owaqoshwa ngezingazi zabakwethu.