Now Reading
Iyadinga ukufakelwa izibuko eyokuhlungwa kwamaqembu
Dark Light

Iyadinga ukufakelwa izibuko eyokuhlungwa kwamaqembu

Sekusemome ngaphambi kokuthi kwaziwe ukuthi iliphi iqembu elizomela isifundazwe iKwaZulu-Natal emdlalweni yokuhlungela ukungena kuligi yesibili kuleli iMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.

Amaqembu okubhekwe kuwona iMilford enqobe kuqoqo A ngamaphuzu angama-41, kanye noMsinga United wona onqobe iqoqo B ngokuhlukaniswa amagoli neGreenWood Park (GWP) Friends womabili la maqembu abenamaphuzu angama-38.

La maqembu azodlala owamanqamu ozoba nemilenze emibili, owokuqala uzokuba kusasa ngoMgqibelo, kuthi owesibili ube mhla zingama-20 kwephezulu.

Ngokubhala leNgosi, ngizizwa ngibuhlungu ngempela ngezinto ezenzela kulesi sigaba kakhulukazi kuso isufundazwe iKwaZulu-Natal.

Izigigaba ezenzakalayo zigcina zenze imidlalo yeligi kungasathandeki ukuthi ibukwe, ngoba kuningi ubukhoshosho obenziwayo.

Ngenhlanhla enkulu ukuthi kunesikhathi ngazibandakanya nale ligi, ngazibandakanya kuyona ngingakabi umbhali weZemidlalo kodwa ngiwumdlali wawo unobhutshuzwayo. Ubugebengu obenzakalayo kuyona le ligi abushintshi, kusukela kudala nabadala kunami bakhala esifanayo.

Okwenzakalayo ukuthi kuba lula amaqembu lawo anenkece anqobe ngoba kulula kuwona ukukhokhela onompempe, okuyona into ehlezi igqamile.

Ukukhokhelwa konompempe ikhona okudala ukuthi kugcina kuba nemidlalo eminingi engapheli, amanye amaqembu agcine ethatha isinqumo sokubashaya onompempe, kuphinde kube ukuthi amaqembu athola amaphuzu amathathu esewathola etafuleni.

Okubuhlungu ukuthi amacala amaningi angena uma sekusele kancane ukuthi kuphele isizini. Ukuqulwa kwalawo macala aphela sebungekho ubulungiswa, ngoba amaqembu agcina engasahlawuliswa ngokufana.

Lesi senzo senzakalile kule sizini esanda kusongwa amaqembu abehlukene kabili, eqoqweni amaqembu ali-10. Ngikubona kuzokwenzeka kakhulu ukuba khona kokungapheli kwemidlalo, ngenxa yokuthi amaqembu azobe eqoweni elilodwa wonke.

See Also

Ngiyafisa abaphathi bakaSafa kube ukuthi naphambi kokuqala isizini ezayo, babeka umhlahlandlela ozokwenza ukuthi kushintshe ukwenza. Uma kuwukuthi izikhulu ziyehlulela ukuphatha noma ukwenza iligi ifane nakwezinye izifundazwe azishenxe kungene imoya emisha ngoba akukho ukukhanya kule ligi kade ekubeni kade kwaba mnyama.

Akunqobe ithalente, inhlanhla, kunganqobi ukuthi iqembu liphethwe ubani noma linemali engakanani.

Kukhona konke kula maqembu amabili, okuyilo elizonqoba limele isifundazwe iKwaZulu-Natal ngilifisela inhlanhla emdlalweni yokuhlungela, enginethemba lokuthi leyo midlalo izodlalelwa khona KwaZulu-Natal.

Lesi sifundazwe kwagcina ukuba kunyuke iqembu, ngonyaka wezi-2016 nokwaba uThongathi FC.

Scroll To Top