Insizwa yaKwaMathandubisi iyithemba leKwaZulu-Natal kuTwo Oceans
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kule mpelasonto kwezokusubatha amehlo azobe ethe njo kumqhudelwano iTotalsports Two Oceans Marathon. Lo mqhudelwano waminyaka yonke uzoba kusasa ngoMgqibelo, eKapa.
ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nesihlabani somgijimi uNkosinathi “Pit Bull” Mhlakwana (osesithombeni), lo mgijimi ungomunye wabasubathi ababhekiwe ukuthi benze kahle kulo mqhudelwano olibanga elingama-56km.
Nyakenye lo msubathi odabuka KwaMathandubisi, eHowick wamangaza abaningi ngesikhathi ephuma endaweni yesibili kuyona iTotalsports Two Oceans Marathon ngesikhathi esingu-03:09:08.
Okwamangaza abaningi ukuthi kwabe kungokokuqala ewugijima, wagcina ungqotshwa u-Edendale Belachew wase-Ethopia ngesikhathi esingu-03:09:05.
UMhlakwana wagxekwa abantu abaningi ukuthi fuze ngabe uyena owashaya kuqala intambo kuqala kunoBelachew, ngoba nguye owayelokhu ehamba phambili.
“Amalungiselelo alo mjaho ahambe kahle kakhulu sengilindele usuku lomjaho. Lo mjaho udinga isikhathi eside uzilungiselela wona, ngiqale ngoZibandlela. Ngibe sengiya ekhempini yamasonto ayisithupha, ezweni engeke ngalidalula ngoba ngikholelwa ukuthi kuyimfihlo yami. Ukuya kwami kule khempu ngibona kuzongilekelela kakhulu, ngoba iTotalsports Two Oceans Marathon iyibanga elide idinga indlela ehlukile yokuziqeqesha,” kusho uMhlakwana ogijima ngaphansi kweHollywoodbets Athletics Club (AC).
Uphuma endaweni yesibili kwiTotalsports Two Oceans Marathon nje, ngawo unyaka odlule waphuma endaweni yesithupha okwabe eyigijima okwesibili okokuqala kwabe kungunyaka wezi-2019 nalapho aphuma endaweni ye-11.
Eqhuba uthe: “Ngiyabahlonipha kakhulu ozakwethu esinabo kwezokusubatha, kodwa kulokhu kuzophela ngoba ngifuna ukuqeda endaweni enhle kakhulu. Ngikholwa ukuthi igama lami ilona elihamba phambili, kubantu abangenza kahle. Ngalokho ngifuna ukungagcini nje ngokuba semaphepheni nasemsakazweni, kodwa kube ukuthi ngiyakwenza lokho engibhekwe ukuthi ngingase ngikwenze,” kubeka uMhlakwana.
Akakufihlanga ukuthi nonyaka lo mqhudelwano ufuna ukuwuqeda ngesikhathi esingaphansi kunalesi aqede ngaso nyakenye. Uza kulo mqhudelwano nje ngoNhlolanja wanqoba iBhekizizwe Joseph Shabalala Marathon ngesikhathi esingu-02:18:53 ebangeni lama-42km.
UMhlakwana uthe kube isikhathi lesi ukuzilungiselela iTotalsports Two Oceans Marathon, samenza waba nokukhulu ukuzithemba.
Nyakenye kuwo lo mqhudelwano bekuqala ukuthi abasubathi basesifundazweni iKwaZulu-Natal, babebaningi bafike kwabali-10 ekuqaleni. Kwaba uMhlakwana, uSboniso Sikhakhane owaphuma kweyesithathu (03:11:31), uBongumusa Mthembu owaba kweyesine (03:12:06) noMsawenkosi Mthalane owaphuma kweyesishiyagalolunye (03:14:46).
“Koba kuhle yinto enhle kakhulu uma kungathiwa abasubathi abali-10 abaqeda ekuqaleni, abaningi baba abaKwaZulu-Natal. Okuhle noma kuthiwa sigijimela amakilabhu ahlukene kodwa siyazwana kakhulu. Ngikhuluma nje sike sakhuluma noMthalane, sibonisana ngokuthize ngalo mqhudelwano. Noma kungasanqobanga mina kodwa bakunganqoba owaKwaZulu-Natal ngojabula,” kusho uMthalane oneziqu zobuthishela azithola, e-University of KwaZulu-Natal (UKZN).
Ekuzilungeleleni kwakhe uthe ubonga uzakwabo uMngwengwi Makwande okunguye akade ezicija naye, noProdical Khumalo ongumqeqeshi wakhe.