Now Reading
Isiqephu sesithathu: Agcinaphi amandla eSonto
Dark Light

Isiqephu sesithathu: Agcinaphi amandla eSonto

Isithunywa u-Elijah, wasipha izifundo zokuba sizifunde. Umbuzo nezimpendulo 40, ngaphansi kwesifundo sesibili, sibuzwa umbuzo othi “kungani uMveliqali akha ihlumela (devil).”

Qaphelisisa isenzo engisisebenzisayo, ngisebenzisa u’akha’ hhayi u’dala’. Uma sisebenzisa u’dala,’ sisuke sikhuluma ngoMdali wayo yonke impilo ekhona. Kodwa uma sisebenzisa isenzo ‘akha,’ lapho sisuke singakhulumi ngoNkulunkulu owuMdali. Kodwa sisuke sikhuluma ngalowo othatha ingqikithi yalokho okudaliwe, bese ebumba isimo esithile.

Ngakho, kungani uMveliqali akha ihlumela? Yini eyayisemqondweni wakhe? Isithunywa -Elijah waphendula lombuzo, eminyakeni engamashumi ayisishiyagalombili nesishoyagalolunye (ngabo-1934). Waphendula wathi, “ukuze abonakalise amandla akhe.” UMveliqali wavumela uSathane ukuba abuse ukuze aveze ubukhulu bamandla akhe. UMveliqali uvumela ububi, ukuba buvivinye abantu bobuhle, ngaphansi kwesimo sobubi, ukuze afakazele ukuthi ububi kabulingani nobuhle.

UMveliqali uvumela ihlumela ukuze afakazele ukuthi unguMnini Lwazi Lonke, futhi engakwazi ukwenza ihlumela, alenze libe buthakathaka, futhi likhohlakale. Aliphe amandla okubusa izinsuku eziyisithupha, noma iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, bese ebuya anqobe uSathane nomsebenzi wakhe, ngosuku olulodwa nje, ngaphandle kokuhlushwa noma ukukhohliswa impucuzeko kaSathane. Ngamanye amazwi, ukufakazela ukuthi uMveliqali uSomandla, wayenguye uSomandla, futhi usasenguye manje naphakade.

Manje, uma uMveliqali evumele ukuba kwenziwe ihlumela. Kusho okuthi uma ufuna ukubeka icala, labo bonke lobu bubi obenzeka lapha emhlabeni, lelo cala, ungalibeka kuMveliqali, ngoba unawo amandla okuvimba bonke lobu bubi.

Incwadi ka Isayah 29:16 ithi, “alugxekwa ubumba, kugxekwa umubumbi, ngoba nguye obumba isimo sobumba,” futhi nguye olishisa ngomlilo. Ngakho uma ngabe umthambo wakhelwe ukulimaza, ngeke ukwazi ukugxeka umthambo, kodwa, kumele ubuke isizathu sokwenziwa komthambo kusukela ekuqaleni.

UMveliqali, wayefuna ukuletha inkathi lapha emhlabeni, nanjengoba eletha izinkathi emhlabeni wenyama. Wayefuna ukuletha isikhathi sobusika, isikhathi lapho kufa umoya namandla omuntu woHlanga, ngaphansi kwesandla salowo okhohlakele, loyo ozophendula umuntu woHlanga ukuba afulathele indlela kaMveliqali, indlela yeSintu. Ingabe ibhayibheli ne Khur’aani liyakufakazela lokhu esikushoyo na? Yebo kunjalo.

Inkinga wukuthi sibheke umenzi wobubi ongumoya. Umenzi wobubi ungumoya, kodwa akasiwo umoya ngokuphelele. Ibhayibheli lenu lithi, (Romans 5:12) “Ngakho ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” Naka ukuthi kalishongo ukuthi “ngamoya munye”, kodwa lithi “ngamuntu munye isono sangena ezweni lonke…”

Lokhu kusho ukuthi izwe lonke laliqhubeka nempilo, kwase kufika umuntu ozoletha ukuhlubuka ezinyathelweni nasemthethweni kaMveliqali, ukuze ukufa kudlulele kuwo wonke umuntu. Ukuze isiqalekiso sokufa komoya sidlulele kuyo yonke imindeni yabantu boHlanga. Awusiyikho lokho okumele ube yikho, awusikho lokho ongaba yikho, futhi, awusikho lokho osazoba yikho. Kodwa manje, awusiso ngisho isithunzi sobunjalo bakho ngoba, ubunjalo bakho bufile ngaphansi kokuhlubuka emthethweni ongcwele (iSintu), kanye nenjongo kaMveliqali.

See Also

Ngakho uma izwe lifile, kusho ukuthi izwe limelwe yisidingo sokuvuswa kwabafileyo. Kanti uma ngabe isono sangena ngomuntu munye, kusho ukuthi kuyothatha ukufika komuntu munye ezweni ukuze kusulwe isiqalekiso esalethwa yisandla somuntu.

Ngicela ningizwe kahle bazalwane, lokhu ngikucosha encwadini yebhayibheli. Mfundisi ngicela uma uthola isici kulokhu engikushilo, ukuba uphonse eyakho induku siyibone iphenduka inyoka. Uma abefundisi bengalalela amazwi Omoya Weqiniso, bengaba ingxenye yokuvuka komoya wobuntu bukaMveliqali, noma ukuvuka kobugcwele bukaMveliqali, kodwa unikeza ukukhanya ngaphandle kwemfudumalo; ngakho amasonto agcwele ukufa.

Sinomoya omningi wokumemeza nokugxumagxuma emasontweni, kodwa kasinawo umoya owanele wokubonakalisa intando kaMveliqali siyenze iphile lapha ezweni, kasinakho lokho. Isonto alinawo amandla okuguqula izwe, akunjalo? Thina kasiphumeli ngaphandle kwesonto siguqule izwe, ukuze izwe libonise intando kaMveliqali, asinawo lawo mandla. Aphi na lawo mandla? Afile, kawekho. Angaba khona kodwa kawekho, ngoba nathi bafundisi sidinga ukuvuswa ekufeni. Mfundisi, sidinga isikhathi sePhasika leqiniso, uma sesivusiwe, nathi ke singabe sesivusa abantu bethu ekufeni, sibafake ekuphileni kolwazi lwaPhakade.


Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079  842 4572.

Scroll To Top