Now Reading
OweDA kuMasipala Wesifunda iZululand ukhathazekile ngokubikiwe
Dark Light

OweDA kuMasipala Wesifunda iZululand ukhathazekile ngokubikiwe

Akungasetshenziswa thina kulezi zinhloso zonkungclisa igama lomholi weDA uMnu uZwakele Mncwango

Ngithuke koma nasozwanini ngezinsolo eziwuhubhu lukabhejane ezishicilelwe yiphepha iBAYEDE ngomhla zingama-31 kuNtulikazi 2020, ebezithinta uMkhandlu iZululand District Municipality kanye nesigungu seDA engiwumholi waso.

Ngifisa ukuthinta ezintweni ezimbalwa ezingamampunge futhi okucacile ukuthi inhloso yazo ukudicilela phansi igama lomholi weDA KwaZulu-Natal uMnu uZwakele Mncwango.  Okuphinde kuveze obala ukuthi intatheli ebhale udaba ibinezayo izinhloso nehlangene nabo, ngisho lokhu uma ngiqhathanisa okubhalwe ephepheni nenkulumongxoxo eqoshiwe ebiphakathi kwentatheli kanye noMnu uMncwango.  Ziningi izinsolo ezibhaliwe ezithinta uMkhandlu engikuwona kanye nezithinta iqembu kodwa ngizogxila kulezi ezithinta uMkhandlu esengibekuwo kusuka ngowezi-2016.

Udaba lwenkontileka phakathi koMkhandlu nalowo iphepha iBAYEDE elimbiza ngomngani odumile kaMncwango kodwa intatheli emdalule ngegama uSipho Mbatha engxoxweni eqoshiwe.

Umshicileli wodaba ukuvezile ukuthi ngokwemithombo yakhe ngaphakathi eMkhandlwini inkontileka kayivuselelwanga uma iphela ngowezi- 2016.

Kodwa okuthusayo ukuthi ube esematanisa umholi weDA uMncwango ngokuthi nguye owaba nesandla ekuzuzeni kukamngani wakhe leyo nkontileka. Ngifisa ukucacisa ukuthi thina njengekhokhasi yeDA eMkhandlwini angeke siwavume lawo mampunge ngezizathu ezimbili, esokuqala uzisholo yena umshicileli kanye nomthombo wakhe ukuthi inkontileka yanqanyulwa ngowezi-2016 ngesikhathi kusabusa iNFP ibambisene ne-ANC, esesibili isizathu ukuthi ngaphambi kokuthi bashicilele udaba bekufanele bakhumbule ukuthi iDA yayingakayilekeleli i-IFP ukuthi ibe semandleni, ngaleyo ndlela siyikhokhasi sibona kuyichilo nje ukuthi umholi wethu amataniswe nezinto ezazenzeka kusaphethe iNFP ne-ANC.  Nakhona lapho ngokwengxoxo eqoshiwe  uMncwango wayichazela intatheli wayenekela iqiniso kodwa isikubhala sengathi ikuzwe ngomthombo.

Udaba lokuxoshwa yiDA lukaMnu uSbu Nkosi owayenguzakwethu nosola uMncwango kanye nelinye lamakhansela kukhokhasi ngokuba nesandla ekuxoshweni kwakhe. Cha le ngizoba mfushane kakhulu ngoba nami ngangingomunye owanikezwa amasamanisi okuvela ngaphambi kwekomidi eliqondisa ubugwegwe kwelomkhulu lesifundazwe seqembu iDA,  eqinisweni ayisithupha amakhansela ekhokhasi ayebekwe amacala afanayo amane ngalinye ikhansela.  Aqulwa amacala ethu ngokwehlukana aze aphothulwa, ozokwethu abane bakhonjwa ngomunwe baxolisa ngoba babekhombise ukuzisola, kwase kuthi mina nowayenguzakwethu uNkosi iPEC yaphakamisa ukuthi sephucwe ubulungu beqembu sikhonjwe indlela.  Sabe sesinikwa izinsuku ezilishumi nane ukuba siphikisane nesinqumo sePEC sibeke nezizathu ezinqala ngaphambi kokuthi isigungu sikazolwenke seqembu esibhekele ezomthetho, iFedera Legal Commission, ivumele ukuthi udaba lwethu lulalelwe kabusha,  angikukhumbuze ukuthi kwenzeka konke lokhu nje amacala sibekwe ngamunye hhayi ngababili.  Mina sengibona ukuthi icala maningi amathuba okuthi liphinde lingigojele ngabe sengithatha isinqumo sokubhalela yona iFLC kuzwelonke ngomhla zili-19 kuMandulo wezi-2019 ngicela uxolo. Ngemuva kokulalelwa kwesixoliso sami ngabe sengithola incwadi evela kuFLC ilwamukela uxolo lwami nemibandela.  Kuyo leyo imeyli kwabe sekuvela ukuthi isinqumo sokuphuca ubulungu esabe sithathwe yiProvincial Excecutive  Committee kowabe enguzakwethu uNkosi siyaqinisekiswa yiFederal Legal Commission. Kuyathusa ukubona abamaphephandaba bebhala ukuthi uNkosi waxoshiswa nguMncwango ekubeni ayengahleli kulelo komidi elabe liphenya amacala ethu sonke. Mina njengomuntu ohala ikhokhasi yeDA eMkhandlwini, ngingayishiya kwelaboHlanga ukuthi lisho ngilinike umqulu wamacala esasibekwe woma uma lizimisele ukubika amaqiniso hhayi amampunge.

Kukhona udaba oluthinta umcimbi kamasikandi kaKhathide Ngobe, oluvela kule ngxoxo eqoshiwe elaboHlanga liveza ukuthi uMncwango waba nesandla ukuqinisekisa ukuthi uMkhandlu iZululand uyalufaka uxhaso kulo mcimbi owabe ungoZibandlela kwaNongoma njengoba bengabangani noKhathide,  nalapho ngithi angikuveze ukuthi kwaba yisinqumo soMkhandlu ukuxhasa kuloya mcimbi,  uMncwango akasilo ikhansela eMkhandlwini okungabantu abathatha izinqumo futhi mina nekhokhasi yami singakuqinisekisa ukuthi akukaze nangelilodwa ilanga sijutshwe uMncwango ukuthi siphasise noma siphikisane nezinqumo ezisuke zidingidwa eMkhandlwini. 

 Kuphinde kwathintwa nodaba lokuthi uMncwango uyagxambukela ezinqumeni zekhokhasi eZululand, amampunge lawo. Ngisho noyedwa kukhokhasi owake wathi kade ethintwe umholi ufisa sivote kanjani emhlanganweni,  ngenhlahla enkulu onke amakhokhasi ethu besiwarekhoda, umbuzo omile  yini uzakwethu ongasekho uNkosi akuveze manje lokho kwabezindaba engakaze akuveze kukhokhasi noma ebuholini beqembu? Kucaca ngokusobala  ukuthi elaboHlanga belingazimisele ngokubhala iqiniso kodwa amanga kaNkosi. 

See Also

Kuvele ukuthi kunekhansela elingathandanga ukudalula igama lalo liqinisekisa ukugxabhukela komholi uMncwango,  sengiwathinte onke amakhansela njengomholi wekhokhasi, yinto engekho leyo. Eqinisweni intatheli ithinte iKhansela uMagdalena Viktor ngesonto ntambama emva kokuthi udaba seluvele lushicilelwe lwaphuma lwaya emphakathini ngoLwesihlanu.  Ngingakuqinisekisa lokho ngoba inkulumo kaKhansela uViktor nentatheli iqoshiwe. Nalapho intatheli uCelani Sikhakhane ubezama ngawo wonke amandla ukucindezela uKhansela efuna ukumvumisa amanga asephumele emphakathini egxibha umholi wesifundazwe. Kuyacaca ubesezama ukulungisa iphutha lokuthi ujahe ukubhala udaba engalwenzile uphenyo wadukisa isizwe ngokuthi ukhulumile nomunye wethu.

Bese kuba wudaba lokuthi iMeya uButhelezi ibamba imihlangano ebusuku noMncwango. Esikwaziyo siyikhokhasi ukuthi yayibakhona imihlangano phakathi kwamakhokhasi omabili, eyeDA neye-IFP kanjalo nabaholi besifundwaze bawo omabili amaqembu,  ngisho uMengameli we-IFP uMnu uHlabisa ubeke abe yingxenye yaleyo mihlangano ebibanjelwa oLundi ukubheka ukuthi ngabe kusasetshenzwa njengoba kwakuvunyelenwe yini ngenkathi kusayinwa isivumelwano sokusebenzisana phakathi kweDA ne-IFP  ngowezi-2016. 

Eyokugcina ithinta mina uqobo lwami.  Kuvela ukuthi umholi uMncwango waba nesandla ekuqokweni kwami ngibe umholi wekhokhasi.  Amanye amampunge la,  akangeni ndawo uMncwango lapho.  Ikhokhasi iyazikhethela ukuthi ifuna ukuholwa ubani. Emva kokusinda kwami ekuxoshweni yiqembu,  kwavela isikhala esabe sasiqhoqhobelwe uNkosi,  kwavela izikhangiso ngacela omunye wozakwethu ukuthi angiphakamise wakwenza lokho ngabe sengidlulela phambili ngiyocela omunye ozongeseka ngamthola.  Sabe sesigcwalisa imininingwane yethu sonke sasayina ngathumelwa ekomkhulu lesifundazwe,  kwashaya isikhathi sokuvalwa kwesikhangiso ngabe sengithola i-imeyli eyabe ingihalalisela ngokuqokwa kwami ngokungephikiswe.  Odinga ubufakazi balo lonke lolu hlelo akecele uzonikwa, elaboHlanga eluhlulekile ukukwenza ngaphambi kokubheca umholi uMncwango.  Ngaleyo ndlela ngabe sengithatha isikhundla sokuba yilungu leSigungu Esiphezulu esihola uMkhandlu iEXCO ngokulawulwa umthethosisekelo weqembu.

Angigeqi magula kodwa bengithi angicacise ngiphinde ngibeke obala amaqiniso, sethembe abahleli bephepha iBAYEDE bazobenza ubulungiswa baxolise kuMncwango ngokudicilela phansi igama lakhe. Ngiyocela futhi ukuthi ngokuzayo kubuzwe thina ngezindaba ezithinta iDA eZululand Municipality, asivumi ukukhulunyelwa umuntu ongaselona ilungu leqembu.

Scroll To Top