Imigidi: Nakulokhu uzovuka ngokukhethekile Ogwini
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Impelasonto yePhasika isho okuningi kubantu abehlukene. Kwabanye lesi yisikhathi sokugoduka, sokuhambela izinkonzo kanye nokubuyekeza okuningi ngokukamoya.
Isifunda uGu, KwaZulu-Natal sinendlela ekhethekile yokugubha iPhasika. Kuyo simema isifundazwe nezwe lonke. Njalo ngalesi sikhathi izinkumbi zabantu zithutheleka kulesi sifunda ziyoba yingxenye ye-Uvukile Gospel Festival (UVukile). Nakulonyaka Ugu Sport and Leisure izoba yikhaya lalomgidi ozoba ngeSonto mhla zili-9 kuMbasa.
Ekhuluma nelaboHlanga omunye wabahleli balomsebenzi uMnu u-Irvin Sihlophe (osesithombeni) uthe uVukile usulinoni hayi kuphela kumakholwa kepha nakubathandi bezokungcebeleka wachaza nokuthi wenza lukhulu ekuthuthukiseni umnotho wendawo njengoba abantu bethutheleka endaweni kuzuze izindawo zokulala, ezokudla kanye nalabo abadayisa emigwaqeni. USihlophe uthe zibe mbili nje izibazi ngalomcimbi.
“Ukhuvethe kanjalo nezibhelu ezaba khona KwaZulu-Natal kwaba nomthelela ongemuhle njengoba kwaphoqa ukuba kube nezinguquko ezinhlelweni zethu. Ngalezi zikhathi sabe siningi isililo kubantu njengoba umcimbi ungabanga khona,” kusho uSihlophe.
Nokho uthe kulokhu konke sekumi ngomumo washo nokuthi izangoma zezulu zithi nemvelo izobe ingakubo njengoba isimo sezulu sizobe sisihle sicwathile. Uthe umcimbi uzokwendlalelwa yinkonzo eyihora nokuyobe kubongwa ngomkhuleko ukudlula kwezinye izimo zempilo ezinzima.
Nonyaka kuboshelwe abaculi abavela ezifundazweni ezehlukene ngisho nabavela ngaphandle kwemingcele yezwe. Kumaciko akhona kukhona umculi owehlukanisa uNyaka kuMhlobo Wenene FM waphinde waba kwizingoma eziyishumi zokuhlukanisa unyaka kuKhozi FM uBetusile Mncinga onengoma ethi, Ngena Nowa.
UBetusile uzobe engahambi yedwa kwabaphuma e-Eastern Cape ngoba kuzobe kukhona uYolanda Vuthela kanye noButho Vuthela. ILimpopo imelwe nguTakie Ndou, iCape Town imelwe nguXolisa Kwinana noCharisma Hanekam, elaseSwatini limelwe nguShongwe kanye neNcandweni Christ Ambassadors. Isifundazwe saseMpumalanga simelwe uMxolisi Mbethe.
Abaculi abaningi abaphuma esifundazweni iKwaZulu-Natal okungoJumbo, Phindi P, Malusi Mbokazi, Abanqobi, Thobekile, Andile ka Majola, Ga Ndlela, Babo Ngcobo, nabanye bazobe bekhona.
I-Uvukile Gospel Festival isingeyeshumi nonyaka. Lomcimbi waba yiphupho likaSihlophe nosomahlaya uMjosty ukuthi kube naloluhlobo lomcimbi wokholo. UMjosty uthe: “Sahlala phansi no-Irvin savumelana ngendlela esasizosebenzisana ngayo. Kusukela lapho asibhekanga emuva sase siba yikhaya lomculo wokholo. Asigcini ngomculo kuphela kodwa nezintshumayelo zibakhona. Inhloso bekungukuthi namakholwa abe nomcimbi wawo kanti nabangakholwa bafike bemukeleke kahle bengahlulelwa
“Okuhle kakhulu ngalomcimbi wuphoso eliwenza emnothweni wendawo. Kumanje nje sekusele izindawo ezincane kakhulu zokulala eShepstone naseMargate. Abamatekisi basithuthela kahle abantu babashiye eduze kwenkundla ekuseni bayabalanda. Kanti asibaxoshi nabazizamela ngokuthengisa ukudla” kuphetha uMjosty.
