Now Reading
Uhlelo lokunakekelwa kwezingane luyasiza uma sekwehlukaniswa
Dark Light

Uhlelo lokunakekelwa kwezingane luyasiza uma sekwehlukaniswa

ZINSUKU zaphuma iHhovisi Elibhekene Nemindeni lithola izicelo eziningi zokwelulekwa ngohlelo lokunakekelwa kwezingane. Lokhu kuqale ukuba mandla emuva kokuphasiswa komthetho obhekele amalungelo ezingane iChildren’s Act 38 wezi2005.

Izicelo eziningi zisuke ziphuma emindenini esuke isihlukanisa nalapho izingane zisuke sezibangwa zingasazi ukuthi kumele ziye ngakumuphi umzali. Izimo ezifuze lesi senza kubaluleke ukuthi kube nohlelo lokunakekelwa kwezingane olwaziwa ngeParenting Plan.

Ngalolu hlelo ingane iyakwazi ukuba nezwi njengoba lokho kugcizelelwa nakuMthetho Wezingane iChildren’s Act 38 of 2005.

Ziningi izinto ezibalulekile ezidinga ukuqashelwa uma kwenziwa iParenting Plan.

Okunye kwakho ukuthi kumele ihambisane noMthetho iChild Act, kumele ikwazi ukulekelela inkantolo ukuba ithathe isinqumo esizosiza ekuxazululeni inkinga sigculise kakhulu nengane futhi igweme izinto ezingaqhubezela phambili ukuxabana kwabazali okungakhinyabeza izingane.

Okunye kwakho ukuthi kumele ihambisane noMthetho iChild Act, kumele ikwazi ukulekelela inkantolo ukuba ithathe isinqumo esizosiza ekuxazululeni inkinga sigculise kakhulu nengane.

Kusemqoka nokuthi uma kwenziwa iParenting Plan angashiywa ngaphandle amalungelo abazali nokubhekeke ukuba bakwenze ekukhuliseni ingane noma ngabe bashadile okanye abashadile.

Kuyenzeka ukuthi kube ngasohlangothini lomthetho kube nokuchema nomunye umzali, kube nokucindezelwa komunye ngokuthembela kakhulu olwazini lomzali oyedwa kungazange kukhulunywe nengane.

Esikhathini esiningi lapha kusuke kunezinsolo zokuhlukumeza kokunye kusolwa omunye umzali ngokuphuza ngokweqile okuba nomthelela empilweni yengane.

Lokho kwenzeka nasecaleni lika TC v SC ngowezi2018 lapho kwakunokungaboni ngasolinye phakathi kwabazali. Ubaba wayengakwazi ukubona izingane zakhe evinjwa umama wezingane ngenxa yezinsolo ezithile ezazibekwa. Uma kuhlula lapho kukhona iNkantolo eNkulu esingayifanisa nomzali omkhulu wazo zonke izingane ezingaphansi kweminyaka eli18.

See Also

Le Nkantolo ibhekelele ukuthi isigatshana esingunombolo 28 (1) soMthethosisekelo wezwe siyafezeka njengoba kubekiwe.

Ngokuhamba kwesikhathi iNkantolo eNkulu ibone ukuthi angeke ibe namandla noma ulwazi lobuchwepheshe lokuhlulela izimo eziphathelene nezingane ngenxa yokuthi yona imelele kakhulu umthetho ngakhoke ayinako ukwazi kabanzi ngenhlalakahle yezingane namandla okuphenya uma kunezinsolo ezibekwayo ngomunye wabazali njengokuhlukumeza noma ukuphuza ngokweqile okugcina sekunomthelela empilweni yengane.

Ingane eneminyaka engaphansi kweli18 okungaba itholwe emshadweni noma ngaphandle komshado inamalungelo njengelungelo lokuthola ukunakekelwa okufanele uma ingasekho ngaphansi kwesimo somndeni.

Yonke ingane inelungelo lokuba nendawo yokuhlala.

UMnu uChris Maree uyiSenior Family Advocate eMnyangweni Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo

Scroll To Top