Now Reading
Isiqephu sesibili: Ubulawa yini umhlaba
Dark Light

Isiqephu sesibili: Ubulawa yini umhlaba

Yini edala ukufa komhlaba, lokhu okubizwa ngenkathi yobusika. Ukufa komhlaba kudalwa ukuphenduka kobudlelwane, phakathi komhlaba nelanga, buye esimeni lapho, umhlaba uthola ukukhanya ngaphandle kwemfudumalo. Ubusika buyafika. Ubusika bumisa amanzi okugeleza kwempilo. Ngakho uma amanzi eba liqwa, imbewu engaphakathi komhlaba(thi), ayikwazi ukumila. Ngakho, sinenkathi lapho yonke impilo ilele, ibizwa ngobusika.

Kodwa manje, uma umhlaba uphenduka, uba sesimeni sobudlelwane obungcono nelanga, lapho uthola ukukhanya ngaphakthi kwemfudumalo. Imfudumalo incibikilikisa ize iwise iqhwa lamanzi empilo, bese amanzi ehlela emhlabathini, amilise imbewu. Lokhu kudala ukukhukhumala nokuqhibuka kwembewu, okuthumela impande phansi kanye nomqhakazo phezulu, bese impilo iyavuka emaqandeni omhlaba, emva kokufa kwawo.

Ukuphila nokufa komhlaba, kudalwa ukuphenduka kobudlelwane, phakathi komhlaba nelanga. Manje ke, uma lokhu kuliqiniso emhlabeni wenyama, lithini iqiniso lalokhu emhlabeni kamoya.

Uma umuntu ephendukela kuMveliqali, ukukhanya kothando lwaMveliqali, neqiniso ngobunjalo bakhe, kumilisa amandla, empilo engcwele ngaphakathi komuntu. Uma amandla empilo engcwele emila ngaphakathi komuntu, bese ekhuliswa ngendlela. Umuntu angakhululwa, akhulele ekutheni abe umuntu ongcwele, aveze isithunywa esiphuthumayo, sebala lobunjalo bukaMveliqali.

 Kodwa umuntu uma efulathela uMveliqali, lapho engaba sekukhanyeni, kodwa hhayi emfudumalweni yothando lomthetho, nobudlelwano beqiniso noMveliqali. Izenzo zakhe ziyaye ziqale zikhombise, ukuthi uphumile endleleni kaMveliqali, bese ukufa komoya kuthatha indawo.

Nanjengoba umhlaba umbozwa liqwa ebusika, ngakho ebusikeni bomoya womhlaba, umhlaba ugcwele abantu abanomoya oliqwa. Bayakuthumela ukukhanya, kodwa abayikuthumela imfudumalo. Kuzona zombili izinsika, insika yasenyakatho nensika yaseningizimu, kuneqwa elidlulele. Ngakho, njalo uma ukufa kuthatha umuntu, ikhanda liyaqina njengeqwa. Okusho ukuthi, awasekho amandla okucabanga. Kanti futhi, izinyawo nazo zineqwa. Kusho ukuthi, kawasekho amandla okwenza umnyakazo. Usuphumile emhlabeni wabaphilayo, manje usuhlala kwabafileyo.

Manje uma uthinta umzimba ofileyo, uthola ukuthi umzimba ofile uyabanda; kawunayo impilo. Uma kunokubanda ebudlelwaneni bethu singabantu boHlanga; kusho ukuthi ukufa kusembethe ngokomoya. Ngakho omunye wethu uma ona omunye wethu sithi, noma lo ongumenziwa singamuzwa ethi “that is cold.” Yisitshotsi nje lesi, kodwa kuyabanda uma siphathana kabi; kanti uma singaphathene kahle lokhu kuthiwa kuyabanda ngoba kubonisa ukufa komoya.

Ngakho kwiTestamente elisha sithola amagama athi, (I kaJohane 3:24) “Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni sangena ekuphileni ngokuba sithanda abazalwane (brotherhood); ongathandiyo uhlezi ekufeni.” Ngakho lapha ukufa kufaniswa nenzondo phakathi kwabantu boHlanga. Impilo yona ifaniswa nothando phakathi kwabantu boHlanga.

See Also

Manje, siyazi ukuthi uthando yilo okukhulunywa ngalo kakhulu, kodwa inzondo, yiyo eyenziwa kakhulu emhlabeni. Yebo kunjalo. Manje, uma wonke umuntu ekhuluma ngothando, kepha umhlaba uphila inzondo, kusho ukuthi umhlaba ungaphansi kwesimo sokufa.

Manje umbuzo uthi: uma ngabe umuntu woHlanga ezalelwe ukuthobela umthetho nenjongo kaMveliqali, pho kwenziwa yini ukuthi umuntu woHlanga afulathele intando kaMveliqali? Yini edale ukufa komoya womuntu woHlanga? Yini edale le nzondo ekhona phakathi kwabantu boHlanga? Izimpi? amahemuhemu ezimpi? Ukujikelana kwabantu boHlanga? Ukujikelana komame boHlanga? Umona nesikhwele komama boHlanga? Umubango nempikiswano, ubudididi nesiphithiphithi? Kuvelaphi konke lokhu na? “Umenzi wobubi owenze lokhu (devil),” kulungile.

Uma ngabe umenzi wobubi kunguye owenza konke lokhu, uMveliqali uhlangana kanjani nokwenziwa kwamenzi wobubi? Angithi sithi uMveliqali ungcwele, akanasici, futhi akanabubi kuye? Nami ngivumelana nani. Kodwa ke, uma ingekho into eyenzeka ngaphandle kwemvume yoMdali, umubuzo okumele ubuzwe uthi, ngabe uMdali nguye yini owenza umenzi wobubi (devil)? Uma ngabe kunjalo, sithini isizathu?


Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079  842 4572.

Scroll To Top