Asimbongele uBroos nezakhe ngokuqeda ishobolo kuBafana


Asiphiki ukuthi kuningi okuhle asekwenzele iqembu kepha njengesizwe sisabheke lukhulu
Sekungumlando ukuthi umqeqeshi weqembu lesizwe kunobhutshuzwayo uHugo Broos ukwazile ukuvala imilomo izimbangi nabamnyundelayo ekuqeqesheni iBafana Bafana. Lokhu ukwenze ngokuphumelela umdlalo obungacishe ucacise ngekusasa lakhe kuleli qembu.
Nguye owayezibophezele ekutheni uma ehluleka ukufaka iqembu emidlalweni ye-Africa Cup of Nations ezobanjwa e-Ivory Coast uyonikela nangempilo yakhe. Labo abangamuzwisisi kahle, bese belandela akwenzayo ikakhulukazi ukubheka imiphumela yeqembu.
Nakho nje ukuthi aze alinganise impilo yakhe nomsebenzi awenzela elinye izwe, kube ukuzethemba okuyisimanga.Kube nemvunge ngesikhathi ezakhe zibambana ngamagoli amabili nhlangothi zombili neLiberia emlenzeni wokuqala emidlalweni yokuhlunga e-Orlando Stadium.
Okwenza uBroos wazidonsela amanzi ngomsele kube ukudedela iLiberia yazigelezela okuphethe ngokuba ikwazi ukufaka amagoli amabili okulinganisa ekubeni iBafana yayisiqengqeleza phambili ngamabili eqandeni. Bekungabuzwa ukuthi ingcindezi ibinkulu emdlalweni wesibili kwazise ubudlalwa ekuhambeni.
Asilikhulume iqiniso, selokhu ethathe izintambo zokuqeqesha lo mfo waseBelgium imisebenzi yakhe iyabonakala. Isikwati sakhe sibophele isigejane sentsha yabadlali obekusazothatha isikhathi singabazi kwelesizwe.
Ukuphumelela kweBafana ukuya e-Ivory Coast kumele kusembulele ikhasi elisha ngendlela eseseka ngayo iqembu njengesizwe. Umqeqeshi oqokelwe kulesi sikhundla umsebenzi wakhe omkhulu ukwelusa iqembu, nokuqoka abadlali abanamava nabazoba yikusasa kwelesizwe. Kepha nathi ngokwehlukana kwethu kusuka kwabezindaba, inhlangano eyengamele ibhola, iSouth African Football Association (Safa) kuze kuyoshaya kuDstv Premiership siyadinga ukweseka iqembu.
Ummese ake ungabi bukhali nganxanye sibheke nakuyona iSafa ukuthi labo abaphethe basahambisa ngakho yini.
Kukhona nokuthi izikhundla kule nhlangano sezaphenduka ifa. Siyakholwa ukuthi sesifikile isikhathi sokuba kufakwe ubuholi obusha kule nhlangano.
UMnu uDanny Jordaan uselihambile ibanga lakhe singeke samdlela umona. Siyabadinga abaholi abazoqhamuka nentshisekelo nomfutho omusha ukuze kusizakale namanye amaqembu esizwe.
Akuzwakali kahle uma ezinhlanganweni ezinjengalezi kude kugida abantu ababodwa sengathi kudlalwa ipolitiki. Ake kubhekwe nganxanye ukuthi yikuphi esingakuzuza ngokufaka abaholi abasha.
ISafa ayingabi isichuse nje ebholeni, ibonakale kuphela uma kuzoxoshwa noma kuqashwe umqeqeshi. Nayo siyadinga ukuyibona isekhaleni lezinto ezenzekayo ebholeni izwi layo lingagcini ukuzwakala uma sekuxabene ubendle.