Luqede uzwelo kwabanye udaba lukamalugaju


Bajatshuliswa ukuduva kwesidumbu sikamalugaju emakhazeni
Kunzima, ubugebengu abukhokheli. Umalugaju lona bekumele amaphoyisa amnike umphakathi ngoba kunemibuzo emingi angayiphendulanga ukuthi ubesebenza nobani nokuthi ziphi ezinye izidumbu ezingatholakalanga? Siyacela ukuthi umthetho uma uhluleka ngalabo malugaju akunikwe umphakathi ubone ukuthi wenze njani, sikhathele yilaba babulali ababulala abesifazane nezingane kuthuleke kungenzeki lutho. Abake basinike sizibonele ukuthi senzenjani. – nguPhindile Nomhle
Isijeziso sakhe, angithi wabona kungcono ukuthi azibulale, akabolele khona emakhazeni aze abe amathambo. Ngeke abone ngisho izulu ngenxa yemiphefumulo yezingane zabantu azibulala zingenacala. Waphuca imindeni yazo izingane zayo kumanje kukhona izintandane ngenxa yakhe. – nguNtombifuthi Ntombifuthi
Kanti uHulumeni awumshisi ngani noma amngcwabe ngoba kuyacaca ukuthi ulahlwe emhlabeni nasemazulwini ayikho indawo yakhe. Iqiniso Ukuthi okwenzayo uzenzela wena. – nguPhilly Ngcobo
Phela uma kunje uHulumeni akathathe indawo umngcwabe ngoba akunamuntu ozomngcwaba njengoba badingiswa nasemphakathi okusho ukuthi iyona ndawo engekho yokumngcwaba kanti nomdeni wakhe unhlakanhlaka ngenxa yakhe. Umuntu okhokhela la makhaza vele ithina ngemali yethu yentela. – nguSticks Mnisi
Kodwa yena-ke wafa ngempela noma kudlalwa ngathi? Ukuboshwa kwakhe futhi sekuthiwa useshonile, engathi kukhona into engahambi kahle ngalo malungaju. – nguMonica Moloi
Kanti iNkosi ikhona. Kungcono yena ulele kahle, babelele emahlathini benethwa zimvula, beshiswa yilanga yena ulele kahle. – nguSborh Mabaso
Bekufanele adliwe izingonyama ngoba kunezingane zabantu ezibolayo emahlathini afe engakasho ukuthi zikuphi. Ube nesihluku esibi kabi. – nguZiphi Ziphi Ziphi
Noma bangathi ufile okusalayo akazibulalanga, kungani afe esezokhuluma? Ukungangcwatshwa kwakhe kuwukujeziselwa le miphefumulo ayikhipha, ngiyethemba nasezulwini ngeke akuthole ukuphumula. – nguMancamiza Goge Goge
Nokungakhulisi ingane ngendlela efanele kungaba nalo mthelela igcine ingenwa imimoya emibi. Sifisela imindeni ehlukumezekile kulesi simo ukuba iphile, baqine kuzodlula. INkosi uJesu ibe nabo. – nguVelile Mdabe
Yile miphefumulo angayikhombanga engakatholani nemindeni yawo. Naye kumele angakutholi ukuphumula nomndeni wakhe njengale mindeni engabatholanga abantu bayo ngenxa yakhe. Ngithi akangaphumuli naye lapho ekhona. – nguHlengiwe Mzimela
Lo malugaju wenza ihlazo enquma abesifazane abalahle ehlathini. Awubone uHulumeni ovikela ababulali babantu, azonde abantshontshe imali kuphela. – nguJabulani Mlondo Ka Zembe
Kukhona nabazwelana nomndeni kamalugaju
Le nto eyenziwayo yokuthi kudingiswe umama kamalugaju nokuthi kuthiwe angangcwabi ingane yakhe isihluku esingakaze sibonwe. Yingakho indaba yomhlaba yokunikwa abantu amatayitela kumele isheshiswe. Ukuba lo mndeni ubunetayitela bekungeke kube khona umuntu oxosha umama emzini wakhe. Okwesibili akusiye umama othume umalugaju, pho kungani ejeziswa kangaka? Ake sicabangelane uma singabantu boHlanga. – nguThami Duma
Yebo ngiyavuma ubebulala ngesihluku kodwa manje akasezwa lutho, usethule. Noma angenziwani izinsuku zakhe ziphelile vele, singakhuluma size sikhihlize amagwebu kodwa ngeke esabuzwa ubuhlungu. Nithini ngalo owabulala uBobo osengaphandle? – nguZinhler Semamile
Konke okwenzekayo ngesidumbu akusazwisi umufi ubuhlungu kepha umndeni, akangcwatshwe umasipala okungcono. – nguPhumlani Mbatha
Kwaba yiphutha kodwa ukudingiswa kwabantu abangenzanga lutho. Ngaphandle uma babazi ukuthi uyena ogila le mikhuba. – nguMusa R Mthethwa
Ukupanisha isidumbu umdlalo nje ngoba asisezwa lutho, ukude lo muntu lapho ekhona. – nguBuzani Mabaso