Now Reading
I-inthanethi ingaba isango lempumelelo kumaciko amaningi e-Afrika
Dark Light

I-inthanethi ingaba isango lempumelelo kumaciko amaningi e-Afrika

Izwe laseNigeria lidume kakhulu kwezikaqedisizungu uma liqhathaniswa namanye amazwe ase-Afrika ngenxa yedumela lamafilimu abo kuleminyaka embalwa edlule kanye nesigqi somculo wabo owaziwa nge-Afrobeat. Kamumva nabasiki bengqephu nabacwali bezinwele bakhona basemgangathweni ngenxa yobuciko nobuchule bokuhlanganisa imibala egqamile bayenze ibukeke kahle ebaleni elinsundu.

Iqiniso nokho ngokuvelela kwaleli lizwe kulomkhakha kudalwa yindlela ezokuxhumana ezihlelwe ngayo kulelizwe njengoba i-data ibiza ngentengo ephansi, nokwenza kube lula ukuxhumana nge-inthanethi. Okubenza babe sebalazweni lomhlaba kwezikaqedisizungu ukubambelela kwabo kusikompilo nomlando wabo, ukungazenyezi ngezilimi zomdabu (nokugqama kakhulu endleleni abaphimisela ngayo amagama), kanye nokuqhakambisa amafagugu abo kukhona konke abakwenzayo.

Ngokwezibalo zakamumva i-Algeria iyona ahamba phambili e-Afrika ngokuba nentengo ephansi nge $0.48 USD bese iMauritania ihamba phambili ngentengo ephezulu njengoba ibiza u $34USD iGigabyte elilodwa.

Ukufika kwe-inthanethi sekube nelikhulu iqhaza ekwelulamiseni umnotho wase-Afrika, ukudala amathuba emisebenzi emisha nokuxhumanisa amabhizinisi nabathengi kanye nabakhiqizi abavela ezindaweni ezahlukahlukene.

Ngaphambilini iMelika besiyazi njengezwe loju ngenxa yamafilimu esikhule siwabuka abeliveza lelizwe njengesikhondlakhondla esingahlulwa yilutho futhi elinazo zonke izinto esizifisayo njengabantu. Nokho lamafilimu abehleze ehlanekezela ubunjalo bezwe lase-Afrika, kangangoba nabo aboHlanga imbala bese begcina bezenyenza ngabayikho. Kanjalo nabomdabu waseChina bebaziwa njengabantu abangakwenqeni ukugijimisa indoda endala nge-spin kick, nobekubenza basatshwe. Kepha manje ngenxa ye-inthanethi sesiyazi kakusilo iqiniso lokhu. Ngamafuphi lamazwe abekuqonda ukubaluleka kokusabalalisa indlela afuna ukwaziwa ngayo esebenzisa amafilimu namavidiyo omculo, yingakho engapholisanga maseko ekusebenziseni yona i-inthanethi belu ekuqhubeni lomshikashika.

Ogalakajana nabo bathole ithuba lokuwakokotela lamafilimu athandwayo bawathengise ezitaladini ukuze bezokwenza inzuzo. Kuyiqiniso ukuthi iningi lamafilimu aseMelika, eNigeria naseChina asabalaliswe ngalendlela. Namanje uma uhambela amadolobha, ikakhulu lawo asasemancane usahlangana nabathengisi bamadvd omculo namafilimu akokoteliwe okubizwa phecelezi nge-piracy. Abanye benza izizindalwebu abasabalalisa kuwo lamafilimu bese benza inzuzo ngezikhangiso. Ishwa lalokhu ukuthi ayikho indlela yokugwema ukuba Izingane zingazitholi sezibuka imibukiso engafanele, yabantu abadala noma enodlame kwezinye zalezi zizindalwebu zomkokotela.

See Also

UMnu uMark Zuckerberg ongumsunguli weFacebook ekhuluma embuthanweni we-United Nations ngowezi-2015 wathi uma imiphakathi ihlangene mukhulu umehluko ongenziwa yi-Inthanethi ekuqedeni ububha nendlala. Lokhu sikubone kugqama ngowezi-2020 lapho abantu bevalelwe ezindlini. Kuthe uma iningi labantu liphelelwa yimisebenzi, abanye bathola amathuba okuziphilisa besebenzisa izinkundla zokuxhumana. Abacwaningi abasebenzisa i-artificial intelligence nabo baqalile baqhamuka nezindlela ezintsha ezenza ukusebenza kwe-inthanethi kube indlela yokuphila.

Inkampani iGoogle iqale uhlelo lwezifundo zamahhala emazweni ase-Afrika olubizwa ngeGoogle Digital Skills for Afrika ngenhloso yokuchushisa osomabhizinisi abancane nabazimele (influencers) ukuba bakwazi ukuhlomula kulomnotho.

Alikho nokho isoka elingenasici. Ukuqubuka kweTikTok, nokungenye yezinkundla zokuxhumana esungulwe ngowezi-2017 yinkampani iByteDance yaseChina nakho kuhlomulise iningi losomabhizinisi abazimele namaciko kepha kwashiya imibuzo ngokuphepha kwemininingwane yabantu abayisebenzisayo. Inkampani yeFacebook neTwitter kuye kwaphoqeleka ukuba ziguqule imithetho nemibandela yazo ngenxa yokuqubuka kwezehlo zokucwasana ngokubuhlanga nokungaphephi kulezi zinkundla.

Scroll To Top