Now Reading
Sethula iFagugu kwaboHlanga
Dark Light

Sethula iFagugu kwaboHlanga

Lokhu sikwenza ngoba siyakholwa ukuthi izolo lingakhanyisela izolo nekusasa


Iphephandaba laboHlanga liyaqhubeka nokwenza izinguquko njengengxenye yemigubho yeminyaka eyisikhombisa lethulwa. Namuhla sethula ezinye izinguquko kulo iphephandaba qobo nakusizindalwebu. Kusuka namuhla sethula Ifagugu nokungamakhasi azobheka konke okuthinta ifagugu naboHlanga kusuka kumlandu, umlando, amaciko nobuciko obahlukahlukene, izikhungo zobuciko, ezokuvakasha, ukuthuthukiswa kwezilimi, imikhosi yesizwe nezizwe kanye namabhuku.

Lokhu sikwenza ngenhloso yokusabalala ngoba nxa sikhuluma ngamagugu sikhuluma ngento enkulu neningi. Lezi zinguquko siyakholwa ukuthi zizokwenza nawe njengomfundi usibone isidingo sokusibhalela ngezindaba ezithinta amafagugu ngokwehlukana kwawo. Ngamafuphi, siyakumema nawe ukuba ube yingxenye yokuqopha ngalokho okungamafagugu ethu. 

Okunye esihlele ukukwenza ngaphansi kweFagugu wukuba nekhasi eliqondene ngqo nezingane ezisakhulayo nesibona kunesidingo sokuthi sizakhele izinhlelo zazo ukuze zithi zikhula nje zibe sezazi ngefagugu lakwabo nelesizwe. Nalapha simema ongoti bakwethu ukuba basondele ikakhulukazi labo abake baba ngothisha kanye nabake benza imisebenzi yobuciko besebenza nezingane. Abanye esithi kabasondele ngabakwazi ukwakha nokuxoxa izinganekwane lezi thina ezasikhulisa saba yilokhu esiyikho.

See Also

Uzothi omunye lokhu kubaluleke ngani ngoba nakhu siphila esikhathini samanje? Omunye athi ngabe lokhu kuyosixazululela yini izinkinga zesikhathi sethu? Impendulo yethu kulokhu ilula, ithi yebo izolo liyakwazi ukucijisa nokuhlela kangcono izolo nenamuhla. Kuningi okungamafagugu ethu nokwakumqoka okungaba yisixazululo kulokho esibhekene nakho. Yebo ingani izolo belisifundisa, lisiqwashisa, lisakhela futhi lisilungisela. Belisihlomisa, lisihubisa, lisifundisa nokudumisa. 

Kulo sifunde lukhulu lokhu kubonakala ngoba okwezolo nanamuhla kusamile yikho sikhuluma ngakho nje. Ngakho ngeFafugu sithi izolo alikhanyisele inamuhla nekusasa ukuze lingabhubhi ngathi.

Scroll To Top