Amagama aqala sakuteketiswa achume aphethe ngokwamukeleka
Emandulo abantu ngokwehlukana kwezilimi zebele babevamisile ukubiza nokuqamba izinto, amagama nezibongo zabantu kugcine sekungamagama azo amukelekile kungabi ndabazalutho, kuqhubeke impilo, kube kuhle.
Okubuhlungu ukuthi abantu balenkathi yamanje ngokwehlukana kwabo, benza okufanayo njengabasemandulo ngokungazami ukuthuthukisa ulimi lwebele. Kuqala kwabasemisakazweni, kwabakuthelevishini, kwabakwimithombo yokushicilela ikakhulukazi kube imiphakathi nokunye. Amagama bawabiza noma siwabiza njengoba enjalo olimini lwesingisi njengelithi looting bethi ukulutha, ukuyolutha. Ekubeni siyazi sonke ukulutha kusho ukukhohlisa, ukuyenga,ukudida umqondo, ukwenzisa umuntu into kanti uhlose ukumugila njengokuthi umebele, ngesitsotsi bathi ukudoba.
Asidlule sibheke ubuciko bokusetshenziswa kolimi lwebele ngaboHlanga ekubizeni izinto eziyizinsimbi, eziyimishini, ogandaganda, amathuluzi nokwehlukeneyo. Abazisebenzisayo bancamela ukubiza ngendlela abezwa ngayo nababona ukusebenza nokusetshenziswa kwazo nokwakheka kwalawo mathuluzi, kwemishini nokunye.
Kunezinkampani ezisebenzisa ogandaganda nemishini ehlukene esiyaziyo sonke. Ufa yinsini kanye nalabo abasebenza lapho ngenkathi bekuchazela amagama azo, bekutshengisa ngezandla.
Kunomshini osebenzisa ibreaker, istamper, abawubiza ngokuthi umadumelana. Umshini unezibambo ezibanjwa ngezandla ezimbili sengathi kukhona adumelana naye ngezandla, elwa naye. Baphinda balalela umsindo odumela eduzane kakhulu ezindlebeni zalowo osuke ewusebenzisa
Igama elachumayo kwaba elikamadumelana. Umadumelana wenza imisebenzi eyahlukene njengokumba imisele, njengokuqhekeza amatshe nokunye, kuvulwe izimbobo. Kugxishwa inhlabathi, itiyela, usimende nokunye bathi umagxisha (istamper).
Empeleni umgxala (ibreaker) osetshenziswa ukwandulela ukumbiwa kwemigodi nemisele bese abasebenzayo bemba ngamapiki nangamafosholo lapho. Uyasetshenziswa nasezimayini ukuvula izimbobo nokunye.
Ngakhiswa ngenkezo ngumdayisi ozimele kuSoldiers Way, uMnu uMkhize wasemaBomvini, KwaMaphumulo. Ukuthi umadumelana ovamise ukubizwa ngalo. Kwaqinisekiswa nawuMaGumede waseMazabekweni ethi, aboHlanga base St. Faith’s, koMazabekweni, koPort Shepstone bathi umadumeyana.
Kunogandaganda omncane iBobcat osebenza ngezindlela ezahlukene, ababewusebenzisayo bawubiza ngokuthi ikati. Ujika eduzane endaweni encane njengekati.
Kulandele abanye ogandaganda abehlukene ngokwemisebenzi yabo. Ogandaganda abanegeja phambili, abanamasondo ahamba ngebhande lensimbi. Labogandaganda ababe besafuneka ukuba bahambe emigwaqeni, uma imigwaqo isifakwe itiyela. Ekubeni kwakuyibona ababesetshenziswa ukuvula imigwaqo nezintaba ugudluza amadwala nenhlabathi. Okungenani kuze kubekwe amasondo phezu komgwaqo lapho uzohamba khona. Kwenye inkathi ukhwezwa phezu kweloli elidonsayo.
Ugandaganda iBulldozer ohamba ngebhande lensimbi, unehalavu phambili lokududula, nokugudluza izinto eziphambi kwayo okuyizimbokodo okuyinhlabathi, izintaba nokunye. Emva kwalokho kwakhiwe umgwaqo onetiyela. Logandaganda bawuqamba bathi umadudula kodwa eligqamayo elibizwa ngesaliwakazi ngoba awube usavunyelwa ukuhamba emigwaqeni onetiyela. Ugibeliswa emalolini ngoba izinsimbi zawo zizogugisa imigwaqo uphele nya. Ekubeni kwakuyiwona owayivulandlela.