Now Reading
ISenegal ibhekene nomqansa wokuvikela indebe yayo
Dark Light

ISenegal ibhekene nomqansa wokuvikela indebe yayo

ISenegal okuyiyo evikela isicoco se-African Cup of Nations (Afcon) neyizimfivilikthi zokunqoba lo mqhudelwano nakulonyaka, ibhekene nomqansa wokuthi iqale kahle kwazise izolo ofishi abakhulu bagilwe abancane. 

IGhana izolo ihlulwe iCape Verde, iGibhithe ibanjwe iMozambique kwathi iNigeria yona yabanjwa i-Equatorial Guinea. 

IThe Lions Of Tharaga (iSenegal) izotholana phezulu neGambia, lo mdlalo uzoqala ngehora lesine namuhla ntambama eCharles Konan-Banny Stadium. 

La mazwe emidlalweni emine etholene phezulu, iSenegal inqobe kwemibili kwathi kwemibili adlala ngokulingana.

ISenegal ilomlando omuhle kakhulu njengoba emidlalweni emine yokuvula kwi-Afcon iyinqobe yonke. Ngasohlangothini lweGambia ebiqala ukungena kwi-Afcon kwedlule nayo yanqoba ihlula iMauritania ngegoli elilodwa eqandeni. 

Kulo nyaka iSenegal ibheke ukuba yiqembu lesine emlandweni we-Afcon ukuvikela isicoco se-Afcon ngempumelelo.

Iqembu lesizwe laseGibhithe laba yiqembu lokuqala emlandweni walo mqhudelwano omkhulukazi webhola e-Afrika ukuphakamisa inkomishi ye-Afcon amahlandla amabili elandelana. 

Ngowe-1957, oFaro badla ubhedu kwathi ngowe-1959 yaphinde yakhonya okwesibili imiqhudelwano ilandelana.

ElaseGibhithe selikwenze lokhu amahlandla aze abamabili. Ngowezi-2006 abe ngompetha engosokhaya. Akuphindile lokho kwelaseGhana ngowezi-2008 nangowezi-2010 e-Angola.

Kusukela lapho alikho elinye izwe elike lavikela i-Afcon kule miqhudelwano eyisikhombisa eyedlule.

ISenegal izobe ibheke ukuqeda lomkhokha ngokubayizwe lesine ukungena kulo mlando okuyingqayzivele.

Amanye amazwe amabili ayingxenye yalo mlando ngaphandle kwelaseGibhithe kukhona iGhana neCameroon.

See Also

IBlack Stars yaba izwe lesibili ukuvikela isicoco se-Afcon ngempumelelo. Yadla ubhedu ngowe-1963 yase ibuya ivikela okungokwayo ngowe-1965.

ICameroon iyibambe endaweni yesithathu. Ngowezi-2000 yayivutha engabaselwe kwelaseGhana naseNigeria. Iyona eyagcina idle ubhedu.

Iphinde yaqhubeka lapho ngowezi-2002 kwelaseMali. Kulokhu wonke amehlo athe njo kuSenegal eboshelwe eqoqweni elilodwa neGambia, Cameroon neGiunea.

IGambia ngowezi-2022 yawashiswa ijezi kuma-Quarterfinal iCameroon eyabe ingosokhaya, ngamagoli amabili eqandeni. 

USadio Mane kubhekwe ukuthi aphinde abambe elinye iqhaza elikhulu ekutheni ezakhe zihambe ibanga elide kulo mqhudelwano.

Kweminye imidlalo ekhona namhlanje iCameroon izotholana phezulu neGuinea ngele-19:00, kuthi okuzokuba owokugcina owe-Algeria ne-Angola ngele-22:00. 

Scroll To Top