Isiqephu sokuqala: IPhasika – Ukuwelela ngale kokufa kokuqonda


Ngifisa ukukhuma nabafo bethu nodade bethu, abangamakholwa (amaKhristu), laba abagubha iholidi leli elethiwa ngama’Easter.’ Leli holidi eqinisweni lisuselwe, noma sithi ukugujwa kwalo kususelwe osikweni oludala lwesizwe saBahedeni (Pagans). Kanti akhekho uKhristu weqiniso okumele achithe isikhathi esiligugu, echitha imali le evele ingekho, ethengana nezingubo nezambatho ezintsha, ukuze aye emubukisweni wama’Easter’, akhulume ngonogwaja abakhiqiza amaqanda bese nihlanganisa leyonto nentshisekelo, ukufa kanye nokuvuka kukaJesu Khristu. Kumele siqonde ukuthi zonke lezi zimo zenkonzo yokukhonza kwabahedeni, zibophene nezimpawu zezulu. Isikhathi sama’Easter’ sifika ngezikhathi ezahlukene, hhayi njengokhisimusi, wona ofika ngesikhathi esifanayo njalo ngomnyaka.
Ama’Easter’ afika ngesikhathi esahlukene umnyaka nomnyaka, ngoba isisekelo sawo, yilokhu okwethiwa phecelezi nge’vernal equinox.’ Ngalesi sikhathi, yilapho kungena khona intwasahlobo, emazweni ontabakayikhonjwa. Ngaleyo nkathi umhlaba uphelelwa impilo, uze uyavuke phakathi nentwasahlobo. Isizwe sabahedeni sasiye sivame ukuchomeka izimbali ezinweleni (abesifazane), bese benza umbukiso esithixweni sabo ‘sothando’, ogama laso ngu’Ishtah.’ Kuleli gama elithi ‘Ishtah’, kuyilapho kuqhamuka khona igama elithi, ‘Easter.’ Igama elithi ‘Easter’, lalingekho emabhayibhelini amadala, kodwa kulawa amasha, kuthathwe igama elithi ‘Passover’ kwafakwa leli elithi ‘Easter;’ kodwa kulawo amadala, igama elithi ‘Easter’ kalitholakali. Manje ngalokhu angihlose khona ukubulala intshisakalo yenu ngePhasika, kodwa, inhloso yami wukuthi nginiphe ukuqonda, njengamaKhrestu, ukuthi uma nizokhonza uKhrestu, “kumele nimukhonze ngomoya nangeqiniso.” (ngokukaJohane 4:24)
Yonke imigubho yamaKhristu, inesichazelo esinomqondo ophakeme. Kodwa ngeshwa, kasinalo ulwazi olujulile ngezenkolo, ukuze siqonde umqondo wencazelo ephelele, ngalawa maholidi. Namuhla, ngithanda ukwabelana nani lesi sinkwa, engasehleshulelwa. Ngithanda ukwabelana nani, ngolwazi mayelana namaholidi, lawa namuhla esiwabiza ngama’Easter.’ Kodwa-ke, ngizimisele ukujula kakhulu kunalokhu okujwayelekile mayelana nePhasika.
Kunganethusa na, uma nginibikela ukuthi yonke le nkukumo yePhasika, eqinisweni, ikhuluma ngani bantu boHlanga? Ngicabanga kanjalo. Kunganethusa yini na, ukuthi ngaso sonke isikhathi uma nihlanganyela emasontweni, nibona izimbali zomduze (lilies), le mbali le efanekisa ngePhasika, kahle kahle, ifanekisa ngathi, noBUNYE BETHU? Ngiyazi ngeke nikukholwe lokho. Mhlawumbe ngaphambi kokuba siqede, sizoqonda ngePhasika, ngalendlela yokuthi soze siphinde futhi silugubhe ngendlela ewubuwula.
Kungakwethusa yini na, ukuthi wonke lo mcabango wokuthenga umfaniswano, noma ingubo entsha, akusiwo umqondo omubi, kodwa ngenhloso yokunothisa, labo, abangakholelwa kuMveliqali. Bafaka isigcizelelo kakhulu ekufakweni kwengubo entsha, ukwedlula ukufakwa kwengubo yomoya, wokuqonda okusha, le uJesu Khristu akhukuma ngayo. Sizongena kukho konke lokhu engikubalulile ngaphansi kwalengosi.
Manje emazweni ontabakayikhonjwa, lesi sikhathi sePhasika, yisikhathi okuthiwa intwasahlobo (spring). Lesi yisikhathi esihle, akunjalo? Angazi ukuthi uzizwa kanjani ngentwasahlobo, kodwa owami umoya iyawuphakamisa. Inkathi yomnyaka engiyikhonze kakhulu. Uke wanaka ukuthi, nakuba ubusika bunobuhle (bakho) obungajwayelekile, umoya wakho usuke ungaphakeme, kanje ngokungena kwentwasahlobo. Kunento ngokuphumela ngaphandle kwendlu uzwe ukucula kwezinyoni; ubone izihlahla, ubone igatsha liqala ukuhluma, bese ubona umhlumela uvukela, kuqhama imbalenhle (umDuze).
Umoya wakho uyakhazimula, ngoba kunento ethile ngentwasahlobo, le ethinta umoya wempilo ngaphakathi. Ngakho, awuzizwa ngendlela efanayo entwasahlobo, uma uqhathanisa nendlela ozizwa ngayo ebusika. Nakuba uxakwe zinkinga entwasahlobo, ezifana nalezi ebezikhona ebusika, ukufika kwentwasahlobo kuletha ukuphakama nokujabula komoya, okwenza uzizwe sengathi umthwalo lo, ungawetshatha kangcono. Intwasahlobo inkathi yomnyaka enhle ngoba, ngalenkathi, umhlaba uvuka emaqandeni emva kokufa.
Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079 842 4572.