Now Reading
Akungalindelwa imiphumela emihle kumatikuletsheni kungalungisiwe
Dark Light

Akungalindelwa imiphumela emihle kumatikuletsheni kungalungisiwe

Abaphathiswa nezikhulu zemfundo asibabone behambela izikole kungakhalwa selidume ledlula


Igidigidi eliba khona minyaka yonke ngemiphumela kumatikuletsheni selafika lwedlula, ingcabha isikubafundi abenza ibanga leshumi nonyaka. Ngokwezibalo ezakhishwa aboMnyango Wezemfundo kuZwelonke, imiphumela kamatikuletsheni yangonyaka odlule yaba mihle kakhulu uma kuqhathaniswa neminyaka edlule, kwazise ukufunda nokufundisa kuke kwaphazamiseka ngenxa yoKhuvethe.

IKwaZulu-Natal ibe phakathi kwezifundazwe ezanconywa ngemiphumela emihle, yize kukhona ezinye izikole ezashaya udaka. Emasontweni edlule uMphathiswa Wezemfundo KwaZulu-Natal uNks uMbali Fraser wamemezela ukuthi izikole ezingenzanga kahle zizobizelwa esigcawini soMnyango Wezemfundo esifundazweni zizochaza ukuthi konakelephi. Kulokhu kwahlonzwa iziFunda ezinhlanu okwavela ukuthi izikole ezingaphansi kwazo zathela ngehlazo isifundazwe noMnyango.

Esitatimendeni uMnyango wathi inhloso yalolu hlelo ukuqeda nya ngezinga lokuphasa elingaphansi kwama-40%. Wathi iziMenenja zamaSekethi nothishanhloko kuyomele bachaze ngokungenzi kahle kwezikole, baphinde baqhamuke neqhingasu lokulungisa izinto. Izikole ezingama-20 ngaphansi kweziFunda iZululand, Uthukela, Umzinyathi, Umgungundlovu, iPinetown, Umlazi neKing Cetshwayo zathola imiphumela eyaba ngaphansi kwamaphesenti angama-37.8 kusukela kwalishumi.

Ngokwemiphula yoMnyango isikole iMgwempisi Combined ngaphansi kwesiFunda Umzinyathi sathola imiphumela kamatikuletsheni engamaphesenti ali-10. Esinye isikole esisesiFundeni uThukela sathola amaphesenti ali-14. Okukhathaza uMnyango Wezemfundo esifundazweni ngezinga lokuphasa, nathi njengebazali nomphakathi kuyasithinta.

Sekukaningi kushiwo ukuthi izikole zingezomphakathi owakhele kuzo nawo uyadinga ukubamba iqhaza ekuphuculeni izinga lokuphasa kulezi zikole. Nakuba kuzwakala ukukhathazeka koMnyango kepha okungamukelekile ukukhala emuva kwendaba.

See Also

Zinsuku zaphuma emithonjeni yabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana kubikwa ngosizi oluthwalwa ngabafundi abahamba amabanga amade beya ezikoleni. Abanye abafundi kuyinamuhla basawela imifula kuphoqeleke ukuthi bahambe ze ukuze bafinyelele ezikoleni.

Kusenezikole okusafundelwa kuzo ngaphansi kwezihlahla. Kwezinye izikole uze usongwe unyaka izincwadi zingathunyelwe. Siyazibuza ukuthi uMnyango uphendula uthini ngalezi zinselelo ezibhekene nabafundi, othisha nezikole, noma wona ubheke ukuthi kube nemiphumela emihle kuphela. Izikole nabafundi abaphila ngaphansi kwalezi zimo bangayithola kanjani imiphumela emihle. UMphathiswa asimbone ehambela lezi zikole eyohlola izimo zakhona ngenhloso yokuthola umnyombo wakho konke ngaphambi kokuzibeka amabala.

Scroll To Top