Now Reading
Sekuqalile ukuvela abafana emadodeni kweyoMhlaba
Dark Light

Sekuqalile ukuvela abafana emadodeni kweyoMhlaba

Iyaqhubeka iya ngokushuba imidlalo yeNdebe YoMhlaba ebanjelwe eQatar, njengoba imidlalo isingene esigabeni somkhumulajezi nje.

Izolo ngeSonto nangoMgqibelo amaqembu amane abedlulele kwiLast 16 awashe ijezi kwathi amane futhi adlulela kwi-Last 8 (Quarter-final) alo mqhudelwano. Amaqembu awashe ijezi i-Australia, iPoland, iSenegal kanye neNetherlands, kwathi amaqembu adlulele phambili kwaba i-England, i-Argentina, i-United State of America (USA) neFrance okuyibo ompetha boMhlaba.

Ukuhlulwa kweSenegal ngamagoli amathathu eqandeni amaNgisi, kushiye kwenze iMorocco yaba iqembu elilodwa lalapha e-Africa elisalayo kulo mqhudelwano. IMorroco isenkingeni enkulu njengoba kuyona iLast 16 izodlala umdlalo onzima lapho izovovana inkani neSpain, esiwuqale kahle lo mqhudelwano futhi kusona kugqame abafana abancane.

Eminye imidlalo esazodlalwa kwiLast 16 namuhla ngoMsombuluko, kuzobhekana iJapan neCroatia ngelesi-17:00 bese kutho ngelesi-21:00 kudlale iBrazi neSerbia.

See Also

Kanti kusasa ngaphandle komdlalo weMorocco neSpain kuzophinde kube khona owePortugal neSwitzerland.

Ngokwemiphumela yangempelasonto sekucacile kwamanye amaqembu ukuthi azobhekana kanjani koweLast 8, i-England izotholana neFrance nokuwumdlalo okulindeleke ukuthi impela kuguge utshani kuwona. Komunye i-Argentina eholwa uLionel Messi yona idlale neNetherlands.

Scroll To Top