Kwakuyikwadlula wafa eNingizimu Afrika ku-Okosun waseNigeria
Njengoba kulezi zinsuku iNigeria igubuzelwe yifu elimnyama lodlame, imibhikisho ehambisana nokufa kwabantu emuva kokhetho lukaMengameli, abantu bakuleli lizwe bakhumbule inkakha yomculi eseyalala uSonny Okosun.
Enye yezingoma zakhe eyaba nedumela ngethi, “Which way Nigeria” eyayikhuluma ngokuthi abantu bakuleli lizwe ne-Afrika yonkana basadunguza ebumnyameni, futhi kubonakala kusazothatha isikhathi eside ukuba bafike ezweni lesethembiso okuyizwe abalishiyelwa oyisemkhulu. Izingoma zakhe eziningi zaziyisiNgisi ngenxa yokuthi wayethandwa kakhulu emazweni aphesheya njengoba agcina eshonele e-USA.
Ngeminyaka yawo-1980 le ngoma yakhe yayidlalwa kakhulu eNingizimu Afrika kuyicwecwe kodwa yayingavunyelwe emisakazweni kahulumeni ngenxa yomyalezo wepolitiki eyabe iwuqukethe.
Wazalwa lulunye kuMasingana we-1947 esifundazweni i-Enugu khona eNigeria. Wayenesiphiwo esingandile emculweni ekwazi ukungena khaxa kumculo wakholo, ireggae nerock. Wayephinde akwazi ukudlala isiginci, iflute, isaxophone, upiano namapercussions.
Wadlula emhlabeni zingama-24 kuMbasa we-2008 esibhedlela iHoward University, eWashington DC.
Uzakhele udumo esahola iqembu lomculo i-Ozzidi, igama lalo elisuselwa emfuleni omkhulukazi kuleli lizwe-Ijaw owawaziwa njengomfula wensindiso nenhlambuluko ngoba kuthiwa usondelene noMvelinqangi.
Ngenxa yokuthi ukudlondlobala kwakhe emculweni kwagqama ngesikhathi sobandlululo kuleli, wayengomunye wabaculi owayesohlwini lwalabo okwabe kuyikwadlula wafa eNingizimu Afrika. Amanyuvesi amaningi eNigeria amhlonipha ngeziqu ngeqhaza lakhe emculweni nokubeka leliya lizwe kwibalazwe.