Izaga zesiZulu zisuselwa ezigamekweni thizeni


“Sobohla manyosi”, kusuke kushwatshulwa uma kushiwo kanje, kubhala uMuntu Xulu
“Sobohla Manyosi!” Yisaga sesiZulu lesi. Wonke uZulu uyasazi. Wazi nokuthi sisho ukuthini. Noma ungaze udle usuthe, ushaye sona esikaManyosi, uyolamba ngelinye ilanga, sibohle. Noma ungaze uzibone umi kahle okwamanje, uzibone ungcono kunabanye, kusasa lokhu okusayo ungavuka usumpofu usungasenalutho, usushaya inja ngekhanda!
Baningi abasisebenzisayo lesisaga uma bepikla, noma begabiselana ngokuthile, noma bebekana izici, bezibona ukundiza kanti azindizi zonke. Kodwa abazi ukuthi sona lesisaga sasunguleka kanjani nokuthi saqambeka kanjani.
Zonke izaga zesiZulu singathi zisuselwa entweni ethile, noma esenzweni esithile nasesehlweni esithile. Ezinye zithathelwa emikhubeni yabantu, ezenzweni zabantu, enkulumweni yabantu nasekuziphatheni kwabantu. Ezinye zisuselwa emikhubeni yezilwane, ezenzweni zezilwane nasekuziphatheni kwezilwane. Ezinye zithathelwa emvelweni, ngisho nasezihlahleni nasotshanini imbala. Singathi nje konke okubonwayo nokwenzekayo kungaqanjwa isaga ngakho.
Izaga lezi zinalokho ezikukhulumayo nezikukhombayo kumbe ezikuchazayo. Into ziyichaza ngamazwana nje ambalwa, kodwa igqame ukwedlula lapho uxoxa indaba ngayo. Isaga siyibeka ngokufushane nangokufinyeziwe into, kodwa ngendlela eqavile, ebingathatha izinsuku nezinyanga neminyaka ukuyichaza, njengaso nje lesisaga esithi: “Sobohla Manyosi!”
Isaga nesaga uma usibhekisisa, uzofica ukuthi sona ngokwaso siyakhomba ukuthi sisuselwe kuphi, nokuthi sikhombani. Njengokuthi nje “unyawo alunampumulo”. Lesi-ke siphathelene nonyawo okuyilona umuntu ahamba ngalo ukuya lapho ethanda khona, kumbe nalapho engathandi khona. Njengoba kulunyawo oluhambayo, luze lukufikise lapho ubungalindele ukufika khona nalapho obuthi awusoze ulubhade khona. lmpumulo-ke yikhala. Kuthiwa “unyawo alunampumulo” nje kuchazwa ukuthi alunakhala, ngakho-ke alukwazi ukuhogela ukuthi leyondlela oluhamba ngayo ilusa kubantu abangabangani yini noma abayizitha. Ngakho lesisaga sisetshenziswa nxashana kuyalwa umuntu ukuba abophathana kahle nabantu, ngoba nxa ezidalela izitha unyawo luyothuka ngelinye ilanga selumyisa endaweni enezitha zakhe, bese zimenza isilo sengubo. Ngeke lukwazi ukuhogela luzwe ukuthi leyondlela oluhamba ngayo iya endaweni enezitha, ngakho kumele luyigweme, ngoba nakho-ke njalo alunayo impumulo. Siyasetshenziswa futhi lesisaga uma kusongelwa umuntu ukuthi uyoze ethuke esezithela ezweni langakubo walowo amphathe kabi, bese lowo eziphindiselela kulona osongelwayo.
Nami-ke ngangiqinisile, ngoba unyawo alunampumulo, aluhlali luthule, noma lungaze lunqamuke, seluyafakwa nolokhuni, ukuze wena mninilo ube uyilokhu uhambe njalo.
Izaga-ke zinalokho ezikukhombayo. Isaga siba yisaga ngoba sichaza okuthile ngenkulumo ehungayo, enhle, enambithekayo, nemfishane, nephelele. Nazi-ke ezimbalwa ezikhomba umusa. “Kuhlonishwana kabili”, “Izandla ziyagezana”, “Kulahlwana kabili”, “Ukupha ukuzibekela”, “Ungadinwa nangomuso!”
Kukhona-ke nezibubeka obala ububi, njengalezi nje: “Ukhwela phezu kwendlu njengenja”, “Usenga inkomo nenkonyane”, “Uqhuba intwala ngewisa”, “Usenga ezimithiyo”, “Ikhiwane elihle ligcwala izimpethu”. Nezinye-ke.
Kukhona ezikhomba ukuziqhenya okunobuwula, njengezimfene ezihlekana iziphongo, namaqaqa angazizwa ukunuka. Nokungethembeki izaga zikubeka obala kwabha! Intombi ingakufaka icala liyothethwa enkantolo yamacala uma “uyibambise udonga”, uthi uzoyishada wedlule “uyibhece ngobubende”, ungayishadi. Nakho “ukukhala ngasolinye”, kuyikho ukukhohlisa abanye ngakho njalo ukungethembeki, njengabo ubuqili bamaqili angalali ndlininye, namaqili angathengani, anemilomo engamashoba okuziphungela, naphika amacala ngoba ethi, “icala umphikwa”.
Iyaqhukeka.